Bekunesasasa nxazonke ngenkathi i-UKZN yemukela i-Mobile Eye Clinic enikelwe yi-SAMCT.I-UKZN Izosabalisela Ukunakekela Amehlo Emakhaya aKwaZulu-Natali Ngomtholampilo Ongumahambanendlwana Wezigidi ZamaR2.1 Ovela e-SAMCT
Click here for English version
Umtholampilo owumahambanendlwana kaNokusho i-Mobile Eye Clinic, obiza ngaphezu kwezigidi ezinguR2.1, unikelwe kwi-University of KwaZulu-Natal’s (UKZN) ukweseka uMkhakha WezaMehlo uma uhambisa usizo lokwelapha amahlo ezindaweni ezisemakhaya noma ezintulayo KwaZulu-Natali namaphethelo, lapho khona ukuthola usizo lwamehlo kuseyinselelo.
Le nqola ephelele, enikelwe yi-South African Muslim Charitable Trust (SAMCT), izokwenza uMkhakha weZamehlo ukwazi ukuhlola amehlo abantu, ukuhlolisisa amahlo abantu nezibuko abangazifaka ukulungisa inkinga. Lo mtholampilo uzolekelela ukunciphisa izifo zamehlo ezingagwemeka futhi uphucule izinga lempilo yabantu abasengcupheni.
Lo mtholampilo owumahambanendlwana unezinto zokuhlola amehlo kwiziguli ezindala neziyizingane. Phakathi kwazo kukhona i-autorefractor, ekwazi ukulinganisa amandla adingekayo ezibuko zamehlo, ilambu eliphathwa ngesandla lokubheka ukuma kwamehlo emuvu, nekhamera ekwazi ukuthwebula izindawo ezisemuva nokubona ukugula. Ezinye izinto zokusebenza zenza odokotela bakwazi ukuhlola ukuzwela kwamehlo ekukhanyeni, ukubona ekujuleni namandla angaphakathi emehlweni.
UMnu Gaff Osman, usihlalo nelungu lebhodi ye-SAMCT, uthe: “Ngokuxhasa lomkhankaso, sihlose ukuvala igebe ekutheni imiphakathi yasemakhaya ithole usizo lwamehlo olusezingeni eliphezulu esifundazweni sonke. Okunye futhi wukuthi lo msebenzi uzonika abafundi bezifundo zaMehlo base-UKZN ithuba lokuqeqeshwa, kwenze ukuthi bahlanganisa abakufunda phansi nokwenzekayo ngenkathi benza umehluko obonakalayo ezindaweni ezintulayo.”
UDkt Naimah Ebrahim Khan, iNhloko yoMkhakha wezaMehlo, uzwakalise ukujabula kwakhe ngenkathi emukela izihluthulelo zalo mtholampilo ongumahambanendlwana. “NgeNyanga yoKubona eMhlabeni, kubaluleke kakhulu ukufundisa ngezinga eliphezulu lobumpumputhe obungagwemeka, okuyimbangela yokuthi abantu bakithi abaningi bangaphili impilo esezingeni elifanele,” kusho yena.
“Sibonga siyanconcoza ngalo mnikelo omkhulu. I-Mobile Eye Clinic ingaphezu kwemoto kodwa iyithemba emiphakathini ongenasizo lokulashwa amahlo nendawo yokuqeqesha ebalulekile kubafundi bethu okuzoqinisekisa ukuthi bathola iziqu baphume bewongoti abazi umsebenzi nabanozwelo abalungele ukusebenzela umphakathi.”
UMnu Shabir Chohan, isikhulu esiphezulu se-Al Baraka Bank nelungu lebhodi le-SAMCT, uthe: “Sijabule ukubaneqhaza entweni ewusizo kakhulu emphakathini. Ngiwumfundi wakudala wase- UKZN, owaqeqeshwa eminyakeni eyevile kwengama-40 edlule, yonke imisebenzi yemfundo njengalo mkhankaso ibaluleke kakhulu. Abafundi bakudala base-UKZN baneqhaza elibalulekile ekuqhubeni imfundo. Siyambongel uDkt Naimah ngokuqala lo msebenzi.”
U-Osman, ilungu lebhodi le-SAMCT nelungu leBhodi ye-UKZN Foundation,wengeze ngokuthi: “Kusukela yasungulwa ngonyaka wezi-2008, iSAMCT isixhase imisebenzi emikhulu eNingizimu Afrika yonke, imisebenzi ehlose ukuphucula ukuthola komsebenzi wokwelapha nokuqhuba imfundo. Ngiwumfundi wakudala wase-UKZN, ngikholwa wukuthi lo mtholampilo wamehlo uzoletha ubuhle obukhulu ekwelapheni nasekuqqeqesheni abafundi.”
USolwazi Khathutshelo Percy Mashige, iDini yeSikole seSayensi yeZempilo nowudokotela wamehlo ngokuqeqeshwa, ubonge i-SAMCT ngalo mnikelo omkhulu. Uthe: “SiyiKolishi leSayensi yeZempilo, sithatha abafundi basemiphakathini ehlwempu e-KZN, ikakhulukazi enguQuintile 1-3. Lo mtholampilo ongumahambanendlwana uzohamba ibanga elide ekwesekeni imiphakathi ehlwempu. Sikholwa wukuthi lokhu kusho isiqalo sobudlelwano obude phakathi kwe-UKZN ne-SAMCT, obusekelwe ezinjongweni ezifanayo.
Omunye obekhona kulo mcimbi wokudlulisa umnikelo, ngumfundi wakudala wase-UKZN (oweQoqo langonyaka wezi-1971) nomeluleki ngezemfuno we-SAMCT uMnu Farouk Bayat.
U-Bayat, owake waklonyeliswa nge-OR Tambo Principal’s Lifetime Achievement Award, uyaziwa ngomsebenzi wakhe wokunikela. Wake wanikela ngomklomelo wakhe onguR160 000 ukuthi uxhase isikhungo se-Information and Communications Technology (ICT) esikoleni sabahlwempu eChibini, eXobho.
“Abafundi bethu bawongoti bezempilo bangomuso esifundazweni sethu,” kusho yena. “Kuyakhuthaza ukuthi iKolishi leSayensi yeZempilo lithatha abafundi basemajukujukwini. Umsebenzi wethu wukubaqeqesha ukuze bezokwazi ukuphindela emiphakathini yabo beyokwenza imisebenzi eletha ukuphila njengokususa ungwengwezi emehlweni abantu abadala. Nginifisela impumelelo ngalo mtholampilo ongumahambanendlwana wenu omusha.”
Amagama: wu-MaryAnn Francis
Izithombe: Zithunyelwe



