USolwazi Veron Ramsuran, umcwaningi wase-UKZN.Ingabe Ukuphila Isikhathi eside Kubhalwe Kwizakhi Zofuzo Lwethu?
Click here for English version
Ingabe ukuphila iminyaka eyevile cishe kwi-100 kumayelana nenhlanhla ekulibofuzo lwakho - noma kumayelana nendlela yokuphila noma indawo ohlala kuyo? Sekungamashumi eminyaka ososayensi bebambana nale ndida futhi izimpendulo zibonakala zinzima kunokukhuluma nje ngofuzo umuntu aluthola kwabakubo.
USolwazi Veron Ramsuran, umcwaningi onohlonze olukhulu obuya eKolishi Lesayensi Yezempilo e-UKZN, ungomunye wamazwi omhlaba wonke akhela phezu kwale ngxoxo.
Ucwaningo lubonisa ukuthi nakuba izakhi zofuzo zibalelwa cishe kwamaphesenti angama-25% kuya kwangama-30% wezinguquko zesikhathi sokuphila komuntu, okunye kuncike kakhulu kwindawo ahlala kuyo kanye nendlela yokuphila. Ukuthuthukiswa kwezempilo yomphakathi okufana nokutholakala kwamanzi ahlanzekile, umsoco, ukukhucululwa kwendle kanye nokunakekelwa kwezempilo kwandise ngokumangalisayo iminyaka yokuphila emaphakathi ekhulwini lama-20 eledlule.
Manje, abacwaningi bacwaninga ukuthi kungani abanye abantu, ikakhulukazi abaphakathi kweminyaka engama 90 kuya kwabaneminyaka eyikhulu, bephila isikhathi eside kakhulu futhi benempilo enhle kunabanye.
Ngokuka-Ramsuran, osanda kwethula embukisweni wezempilo emhlabeni wonke, kunezinhlobo ezimbili zolwazi lofuzo olubalulekile. “Eyokuqala wulibofuzo/i-DNA esiyizuza kubazali bethu nakogogo nomkhulu.” Eyesibili, futhi mhlawumbe enomthelela omkhulu, i-epigenetics okuyizinguquko ezenzeka ngaphezu kwezakhi zethu zofuzo, eziqhutshwa indlela yokuphila nendawo ezisizungezile.”
Esethulweni sakhe, u-Ramsuran usebenzise isifaniso esilula: "Cabanga ngezakhi zakho zofuzo uzifanise njengesisekelo sendlu. Awukwazi ukushintsha inani lamagumbi, kodwa ungathuthukisa ukukhanya, amapayipi, noma okokuhlobisa indlu. Lokho kuthuthukiswa kumelela ele-epigenetics."
Ugcizelele ukuthi nabantu abasematubeni okuba nesifo sikashukela noma isifo senhliziyo bangakwazi ukumelana nemikhuba enempilo njengokuzivocavoca njalo, ukudla ukudla okunomsoco kanye nokulawula ingcindezi. "Akukho mayelana nezakhi zofuzo eziphelele," esho. "Kumayelana nokwenza kahle kuloku okuncane onakho."
Ngempela, ukwenza ucwaningo kuhlolwa kusetshenziswa amagundwane kubonise ukuthi ukushintsha izimpawu ezithile kulibofuzo kungandisa isikhathi sokuphila ngokuphawulekayo, okunikeza ithemba lokuthi ukuguga akukhona nje ukwehla okungenakugwemeka kodwa kuyinto okungenzeka yehliswe noma ihlehliswe mbijana.
U-Ramsuran uveze ukuthi ucwaningo oluningi mayelana nokuphila isikhathi eside lwenziwe ezweni laseYurophu naseNyakatho neMelika, okushiya igebe elikhulu ekuqondeni ukuthi izakhi zofuzo zase-Afrika zineqhaza kanjani empilweni yomuntu nokuguga.
“Abantu badabuka e-Afrika, ngakho ukufunda ngofuzo lwase-Afrika kubalulekile ukuze siqonde kancono okwawo wonke omunye umuntu,” echaza. Ukuntuleka kokumeleleka kwe-Afrika ocwaningweni lwezakhi zofuzo kunemiphumela ekhathazayo: imithi eyakhiwe ngokuyinhloko kudatha yezofuzo yaseYurophu ngokuvamile ayisebenzi kahle noma iyingozi kubantu base-Afrika.
INingizimu Afrika, ngokwesibonelo, inezinga lokungatholani kahle kwegazi nemithi yokwelapha yaphesheya elibalelwa cishe kumaphesenti angama-25%, uma liqhathaniswa namaphesenti ayi-0.09% nje kuphela emazweni afana ne-Switzerland ne-Norway. "Sisebenzisa imodeli eyodwa emhlabeni ogcwele ukuhlukahluka kofuzo," kuxwayisa u-Ramsuran.
Yize ikusasa lingase libe nemiphumela ethokozisayo ekuhlelweni kwezakhi zofuzo kanye nokwelashwa kusetshenziswa i-epigenetic komuntu ngamunye, u-Ramsuran unxusa abantu ukuthi bagxile kulokho abakwaziyo ukulawula manje njengokushintsha indlela odla ngayo, ukunciphisa ukucindezeleka nokuhlala umatasa “njengoba lezi zinto zingashintsha ngokujulile indlela izakhi zakho zofuzo ezivezwa ngayo nokuthi uphila isikhathi eside kangakanani, futhi uphila kahle kangakanani.”
Kuye, ukuphila isikhathi eside akulona ithikithi lelotho yofuzo kodwa isibalo esilinganiselwe phakathi kofuzo, ukukhetha ukuthi siyiphila kanjani impilo kanye nendawo esizungezile. Umlayezo wakhe ucacile: I-DNA yethu ingase ilayishe isibhamu, kodwa indlela yethu yokuphila yiyo edubulayo.
Umbhalo: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe:Sithunyelwe



