Nksz Bonakele Langa.Imiklomelo Yezindondo Ithembisa Ikusasa Eliqhakazile Lomcwaningi Osemusha
Click here for English version
UNksz Bonakele Langa, othweswe iziqu ze-Master’s kwi-Physiology, uhalaliselwe ngabaphathi bakhe, uDkt Lindokuhle Mabuza-Mashaba noSolwazi Andile Khathi, ngokuthola izindondo ezingqungqutheleni zakamuva.
ULanga uphenye umphumela we-ginger extract, i-Zingiber officinale, ekuvuvukeni, amasosha omzimba azalwa nawo, izici ezingaba segazini kanye nesifo senhliziyo nemithambo yegazi kumagundane anesifo sikashukela esibangelwa ukudla. Umcwaningi uzuze indawo yakhe yesithathu ngesethulo sakhe ayesethule njengengxenye yomncintiswano we-Wyndham ku-51st Physiology Society of Southern Africa (kafuphi, i-PSSA) Congress obuse-North West University.
ULanga wabe esebuyela eThekwini eyophakamisa umklomelo wokuqala ngephosta yakhe yocwaningo ayethula eNgqungqutheleni Yemithi Yesintu eyayiphethwe yiMangosuthu University of Technology emcimbini lapho uSolwazi Nceba Gqaleni wase-UKZN ethule khona inkulumo yosuku ngokubaluleka kolwazi lwendabuko ekuthuthukisweni kwezinhlelo zezempilo ezibandakanyayo nezisimeme.
"Le mpumelelo ikhombisa ikhono lakhe eliyingqayizivele lokukhuluma ngocwaningo olubukeka lunzima yena alethule ngokucacile nangempumelelo," kusho uMabuza-Mashaba. "Kuzo zonke izifundo zakhe, uBonakele ubelokhu ekhombisa amakhono aqinile okucwaninga kanye nethalente lemvelo lokwethula umsebenzi wakhe. Unekhono eliyivelakancane lokwenza imiqondo eyinkimbinkimbi ifinyeleleke kunoma yiziphi izethameli kuyilapho egcina ukunemba ngokwesayensi."
Abaphathi bakhe bavumile ukuthi izindondo zikaLanga azihloniphi nje kuphela ikhono lakhe lokwethula kodwa nokuqonda kwakhe okujulile ngocwaningo lwakhe kanye nothando lwakhe lokwabelana ngolwazi. Babeziqhenya kakhulu ngezinto azifezile futhi beqiniseka ukuthi ukuqashelwa kuphawula isiqalo somsebenzi obalulekile ogcwele igalelo elibalulekile emkhakheni wakhe.
ULanga uzichaze njengomuntu obethanda ukwazi nothanda ukuthola izinto ezintsha. Uthe wake wasebenza njengengxenye yeqembu locwaningo lwe-PreP (pre-exposure prophylaxis), nokwavuthela uthando lwakhe locwaningo.
ULanga ukhulele KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, lapho enze kahle khona kusukela amabangeni aphansi waze waphothula umatikuletsheni e-King Bhekuzulu High School. Uyise washona esafunda ibanga lesi-11 okwamenza waphathwa wukhwantalala isikhathi eside, kodwa wabekezela futhi manje usehlabana ngezindondo ezingeni le-postgraduate.
ULanga, njengamanje ozinze e-UKZN eKoloshi Lezesayensi yezempilo njengoMdidiyeli wezinhlelo zabenza unyaka okuqala, ukubheke ngabomvu ukwenza izifundo zakhe zePhD.
Umbhalo: nguLunga Memela
Isithombe: Sithunyelwe



