Izihambeli zomcimbi woSuku Lwabesifazane ababefunda eNyuvesi obuse-Killie Campbell Museum eThekwini.I-UKZN Foundation kanye ne-Alumni Relations Basingathe Umbuthano Wosuku Lwabesifazane
Click here for English version
I-UKZN Foundation, ngokubambisana ne-Alumni Relations, ibe nomcimbi okhethekile woSuku Lwabesifazane wabafundi besifazane asebekhulile ababefunda enyuvesi, lo mcimbi ubanjelwe kwesinye sezindawo zamagugu eziyigugu eThekwini – i-Killie Campbell Museum.
Umcimbi usebenze njengomgubho wokomelela, ukubungaza igama kanye neqhaza elinamandla abesifazane abalidlalile ekubumbeni iNyuvesi kanye nomphakathi wonkana. i-Alumni neyake yahamba emahholo eNyuvesi babuyiselwe emuva nalapho ekuseni bekhunjuzwe ngenyuvesi nalapho bebezindla, bebuyekeza bephinda bexhumana futhi kuxoxwa izindaba ezinothile.
“Lo mcimbi ungowokuhlonipha abesifazane abalandela umkhondo kanye nabasize ekubambeni iqhaza ukwakha igama nefa lase-UKZN,” kusho uNksz Tankiso Mabotha, oyi-Legacy and Endowment Officer kwilenhlangano.
“Abaningi balaba besifazane baqhuba Imfundo Ephakeme ngesikhathi amathuba ayemancane kakhulu, futhi isibindi, amandla nokuzimisela kwabo kufanelwe yinhlonipho ejulile.”
Lolu hlelo lubandakanya uhambo oluqondisiwe lwe-Campbell Collections, iqoqo elihlonishwa umhlaba wonke lezinto ezigcina umlando ezingavamile eziphathelene nokuqoqwa komlando wesifunda. Iqoqo lihlanganisa i-Killie Campbell Africana Library, i-Mashu Museum of Ethnology, i-William Campbell Furniture and Art Collection kanye ne-Jo Thorpe Collection of African Art.
Amaqoqo agcinwe e-Muckleneuk, indlu eyakhiwe ngesitayela sase-neo-Cape Dutch eyayiyikhaya lomlimi kashukela waseNatail nosopolitiki u-Sir Marshall Campbell. Amaqoqo asungulwa yindodana nendodakazi ka-Sir Campbell (u-William no-Killie Campbell). Lapho kushona indodakazi yakhe ngowe-1965, iqoqo lashiywa eNyuvesi.
Ngokujabula, ukwabelana ngalezi ezinohlonze izinkumbulo kanye nezikhathi ezisuka enhliziyweni, umbuthano woSuku Lwabesifazane unikeze ithuba lokufunda phakathi kwezizukulwane kanye nokuqiniswa kwamanethiwekhi alabo ababefunda kulesi sikhungo. Iphinde yagqamisa ukubaluleka kokuxoxisana okuqhubekayo phakathi kweNyuvesi nomphakathi wayo wabafundi abasafunda.
Ekhuluma kulo mcimbi, owayeyiPhini likaShansela eNyuvesi yaseNatali (manje osekuyi-UKZN), uSolwazi Brenda Gourley, uthe: “Isibindi senu sivula iminyango abanye ababengazi nokuthi ikhona. Ngithole ukuthi lokho kuyiqiniso kakhulu - lapho ngenza nomayini umanje ngike ngathatha igxathu lokuthi ngiyenza, ngenza lokho obekufanele kwenziwe noma kunjani. Manje-ke abesifazane abasebasha bangenza isibuko sabo, beza kimi bethi: ‘Ngenxa yokuthi uzuze lokhu, manje ngiyazi ukuthi nami ngingakwazi ukukuzuza’.
UMabotha uthe: “Namuhla sihlangana ukuze sixhumane, sixoxe, sakhe umphakathi wabesifazane abanomthelela futhi iqhaza labo elizobumba izizukulwane ezizayo. Inyuvesi, ngemicimbi efana nalena, iqinisekisa indima yayo hhayi nje njengesikhungo semfundo, kodwa njengomgcini wenkumbulo, amagugu kanye nomphakathi.”
Abafundi abafunda e-UKZN abangathanda ukuba yingxenye yokwakha igama nefa le-UKZN ngemifundaze, amafa, izincwadi zefa nezinye izinhlobo zokwesekwa bayakhuthazwa ukuthi bathinte u-Tankiso nge-email ku:- Mabotha@ukzn.ac.za noma ku-031 260 2395.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: nguNkosikhona Gcabashe



