UMnu Luyanda Mchunu, umnikazi we-GrocieFy-SA.Umfundi Wase-UKZN Uhlose Ukuwina Indondo Ye-EDHE Yohlelo LwamaNyuvesi Kazwelonke
Click here for English version
Lowo ophume phambili emkhakheni we-Existing Business/Tech walo nyaka emqhudelwaneni we-Entrepreneurship Development in Higher Education (kafuphi i-EDHE) nokuwuhlelo lwamanyuvesi esigabeni sesifundazwe, ungumfundi wezobuDokotela e-UKZN, uMnu Luyanda Mchunu, manje uthi usezimisele ngokuwina imiqhudelwano kazwelonke.
UMchunu oneminyaka engama-22 uthi inhloso yakhe wukunqoba lo mqhudelwano ngokugcwele futhi alethe indebe ekhaya eKwaZulu-Natal okokuqala ngqa emlandweni we-EDHE!
Ubonge umama wakhe ngokuvuthela inhlansi yezamabhizinisi kuyena ngokuzimisela kwakhe naphezu kokuba nezinsiza ezincane ayenazo.
UMchunu uthi ukhethe ukuhamba ngendlela ehambisana namaphupho kamama wakhe okuba ngudokotela nokwelapha kanye nokusungula amabhizinisi. “Angikwazi ukumbonga ngokwanele umama, ubengeseka ngendlela emangalisayo futhi uyaziqonda izinhloso engisebenzela kuzona.”
UMchunu ungumnikazi we-GrocieFy-SA, nokuyinkundla ye-inthanethi eyenza esiza abathengi bekwazi ukubuka indali yokudla okukhethekile okuvela ezitolo ezihlukahlukene, okubasiza ukuthi bonge imali futhi kuyilapho kuncishiswa ukumoshwa kokudla ngaphakathi kwemboni yokudayisa, nokuyinkinga ekhulayo eNingizimu Afrika.
"I-GrocieFy-SA ayikudayisi ukudla, kunalokho inika abathengi iso elibanzi ngokunikeza imininingwane yezipesheli yezinto ezikhethekile zegrosa kanye nezindali zabathengisi. Igqama ngokuvala igebe lentengo nokusiza abathengisi ekususeni isitoko esisondela ekupheleni, ngaleyo ndlela kuncishiswe ukumoshwa kokudla kulo mkhakha," esho.
Kusukela esisekelweni sokudayisela abafundi nothisha esikoleni samabanga aphansi amaswidi nama-chips, usezuze impumelelo enkulu kwezamabhizinisi okuhlanganisa: ukuphuma isibili emkhakheni we-Innovation e-UKZN’s Battle of Campuses Edition 2024; ophumelele i-Amrut Foundation Inaugural Innovation Challenge - umncintiswano wangaphakathi wase-UKZN; wawina i-Nectors Finance Pitch Battle 2024, ebiseNewcastle, KwaZulu-Natali, kanye nophume isibili ku-Standard Bank x TuksNovation Innovation Challenge.
Ubonge i-UKZN InQubate ngokuba yisikhungo sosomabhizinisi esikhombise ukuba wusizo olukhulu kuye. "Ngemihlangano yabo yokucobelelana ngolwazi ngiye ngathola amakhono abalulekile ekucabangeni kokuklama, ukuphatha amaphrojekthi, ukumaketha, ezezimali zebhizinisi, ubuholi bezamabhizinisi, kanye nokuthola uxhaso lwezimali. Konke kwangivumela ukuba ngibambe iqhaza, ngikhule futhi ngicwengisise umqondo webhizinisi lami libe yibhizinisi eliphumelelayo."
Njengamanje esigabeni sokugcina sentuthuko ye-GrocieFy-SA, uMchunu uhlose ukwethula inkundla khona la KwaZulu-Natali, bese eya ezweni lonke, egxile emigomeni ye-United Nations Sustainable Development Goals 1 no-2 yokudala amathuba emisebenzi nokuqeda ububha kanye nokwenza ngcono ukutholakala kokudla, ukunciphisa ukumoshwa kanye nokugwema indlala.
Ukhulele edolobheni elincane laseNquthu KwaZulu-Natali, uMchunu uthe phakathi kwezinselelo zakhe ezinkulu kwaba ukulinganisa izifundo zakhe kanye nebhizinisi lakhe kanye nokungabibikho kwabeluleki emkhakheni wezobuchwepheshe. Kodwa-ke, wafunda ukuzikhuza kanye nokuma ezimisweni zomsebenzi wakhe, ukuthuthukisa amakhono aqinile okwenza izinto eziningi, ukuthola ukuphatha kahle isikhathi futhi akwazi ukuzimela futhi abe namasu.
UMchunu ubonge umndeni wakhe, othisha besikole samabanga aphezulu kanye ne-UKZN ngokumeseka, ukumkhuthaza nokukholelwa emaphusheni akhe.
IMenenja Yezamabhizinisi Kwabafundi base-UKZN, uMnu uKhutšo Ramotja, ugqamise indlela uMchunu enze ngayo igxathu elikhulu kusukela ephumelele emncintiswaneni we-Battle of Campuses, okwenza umqondo wakhe webhizinisi waba yimpumelelo.
URamotja uncome umfundi ngokungagcini ngokugxila emaphusheni akhe kodwa nokwenza konke okusemandleni ukusiza abanye abafundi base-UKZN baqale uhambo lwabo kwezamabhizinisi.
“ULuyanda udlala indima encomekayo ekuthuthukiseni izinhlelo zethu zokuthuthukisa amabhizinisi ekhempasi yase-Medical School. Akungimangazi ukuthi eqede phezulu e-EDHE Entrepreneurship Intervarsity Regionals futhi ngimfisela impumelelo kowamanqamu,” kusho uRamontja.
Umbhalo: nguHlengiwe Khwela
Isithombe: Sithunyelwe



