Ukusuka kwesokunxele: abafundi uNkz Jodine Fraai, noNkz Owethu Mthethwa kanye neLekshara Lezifundo zomthetho, Mnu Matthew Kimble.Isikole SezoMthetho sase-UKZN Sibambe Iqhaza Emncintiswaneni Wama-34 Owaziwa Ngele-Christof Heyns African Human Rights Moot Court Competition
Click here for English version
ISikole Somthetho (School of Law), esiyingxenye yeKolishi Lezifundo Zomthetho Nezokuphatha eNyuvesi yaKwaZulu Natali (UKZN), sazigqaja ngokuhlanganyela emqhudelwaneni ohlonishwayo wama-34 we-Christ of Heyns African Human Rights Moot Court Competition. Umcimbi walo nyaka ububanjelwe eNyuvesi yaseKapa kusukela mhla zingama-29 kuNhlangulana kuya kumhla ziyisi-5 kuNtulikazi wezi-2025.
Lo mncintiswano waminyaka yonke uhlanganisa izikhulu zomthetho eziphezulu ezwenikazi lonke ukuze ziphikisane necala lokucatshangelwa lamalungelo abantu phambi kweNkantolo yase-Afrika yamalungelo kanye namalungelo abantu. Icala lalo nyaka beligxile ezindikimbeni ezibalulekile ezihlanganisa ukufuduka, ukungabi nabo ubuzwe, namalungelo ezepolitiki.
Ababemele i-UKZN bekunguNkz Owethu Mthethwa noNkz Jodine Fraai, bobabili abangabafundi be-LLB abenza unyaka wesine ekhempasini yase-Howard College. Bebeqhudelana esigabeni sabakhuluma isiNgisi, babonise amakhono amangalisayo ocwaningweni lwezomthetho, ukuthunyelwa okubhaliwe kanye nokumela ngomlomo, bevela phambi kwamaphaneli ahlanganisa izifundiswa ezivelele, odokotela kanye nezazi zezomthetho ezivela kulo lonke izwekazi. Ukusebenza kwabo kuphawule isikhathi sokuziqhenya kwe-UKZN, kwabahlukanisa emkhakheni onokuncintisana okukhulu futhi kwaqinisekisa ukuzibophezela kweNyuvesi ekuthuthukiseni ithalente lezomthetho.
UMnu Matthew Kimble, iLekshara eSikoleni Somthetho, uhlele konke ukubamba iqhaza kweqembu, waphelezela abafundi eKapa, futhi wasebenza njengejaji ngesikhathi kuqhubeka imizuliswano yokuqala yomncintiswano. Ebuyekeza ngalokhu, uthe: “U-Owethu noJodine bakhombise ukukhuthazela, ukukhula kanye nobungcweti obumangalisayo isonto lonke. Kube yinhlanhla ukubona ukuzethemba kwabo bekhula lapho bebhekene nezinselele ezinzima nokubabona bebhekana nezinselelo zamalungelo abantu ezwenikazi. Bathwale iflege lase-UKZN ngeqholo.
Beziqhenya ngomsebenzi wabo, uMthethwa no-Fraai bavumelana ngokuthi ukuhlanganyela emqhudelwaneni we-Moot kwakuyinto ejabulisayo.
U-Fraai uthe: “Ngizuze ukuqonda kanye namakhono abaluleke kakhulu ngokuxhumana nezazi zezomthetho ezihlukahlukene e-Afrika yonkana, sinikezana ngemibono namgamasu. Lokhu kube nohlonze kimi kanti kungishiye ngigqugquzelekile!”
"Akukhona nje ukuthi ingqondo yami yondleka yasutha kodwa nelukuluku lami lezifundo zoMthetho. Ukuba yingxenye yomncintiswano we-All Africa Moot kwaba yinto ethokozisayo negculisayo. Ngibonga i-UKZN ngokwenza lokhu," kuphawula uMthethwa.
IDini kanye neNhloko yeSikole SezoMthetho, uSolwazi Freddy Mnyongani, uhalalisele abafundi nezifundiswa zoMthetho ngokumela i-UKZN kahle emqhudelwaneni we-Moot.
“Ukuqhubeka kwe-UKZN nokubamba iqhaza emqhudelwaneni we-African Human Rights Moot Court kuyingxenye yombono wayo wokuqhubekisela phambili imfundo yamalungelo abantu kanye nobulungiswa bezenhlalakahle e-Afrika yonkana. Ngokuzimbandakanya kwabo kulesi sithangami esiphezulu, uNksz Mthethwa noNksz Fraai abagcinanga ngokujulisa ukuqonda kwabo izinhlelo zezomthetho zamazwekazi, kodwa baphinde basebenza njengamanxusa angcono kakhulu eNyuvesi,” kusho uMnyongani.
Umbhalo: yi-NdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe



