Amalungu eqembu labesifazane abakhubazeke ngokungaboni kanye nabaqeqeshi balo.Isifundiswa Sase-UKZN Sibambe Iqhaza Ekwakheni Umlando Wokuqala Wekhilikithi Yabesifazane Abangaboni e-KZN
Click here for English version
Ikhempu yokuqala nesizoba minyakayonke yeqembu labesifazane abangaboni, nelibizwa ngele-KwaZulu-Natal Blind Cricket Ladies Team Training Camp, ibibanjelwe e-Kingsmead Stadium eThekwini kanti neLekshara lase-UKZN, uDkt Khumbuzile Kumalo, ebambe iqhaza elibalulekile njengemenenja yeqembu.
Umkhankaso ophambili ubuholwa yithimba le-KwaZulu-Natal Association of Blind Cricket (KZABC) futhi ubone abantu besifazane bebambe iqhaza ngesasasa, okuphawula ukuqala ngokusemthethweni kwe-KZN Women’s Blind Cricket Team.
UKhumalo, ofundisa ohlelweni lwekolishi lesayensi lezempilo elaziwa ngele-Bachelor of Exercise and Leisure Sciences (BELS), ubambe iqhaza elibalulekile ekuqeqesheni, ekuhlaziyeni ukusebenza, ekusekeleni, nasekukhuthazeni iqembu. Uphinde waqinisekisa ukuxhumana okuhle phakathi kwababambe iqhaza futhi wanikeza impendulo eyakhayo kubadlali nakubaqeqeshi ngokufanayo.
Igalelo le-UKZN laqhubekile, lapho abafundi bangaphambili beSayensi yezeMidlalo uNokwethemba Mwelase kanye noNosihle Buthelezi, kanye no-Amahle Mhlongo ongumfundi we-honours, besiza ngokushaya amaphuzu kanye nokuhlelwa komdlalo, okukhombisa ukuzibophezela kweNyuvesi ekuxoxisaneni nomphakathi nasekuthuthukisweni kwezemidlalo okubandakanya wonke umuntu.
Ikhempu, esekelwe abadlali bekhilikithi abangaboni emehlweni nabaqeqeshi, ifaka phakathi uhlelo olujulile lwezinsuku ezintathu lokuqeqeshwa kwamakhono, ukudlala umdlalo, ukuthuthukiswa kobuholi kanye nokwakhiwa kweqembu. Kunikeze isisekelo sokubamba iqhaza kweqembu emiqhudelwaneni ezayo yezifundazwe, okuhlanganisa nemidlalo ehleliwe nesifundazwe sase-Western Cape ngasekupheleni kwalo nyaka.
Ecabanga ngalokhu, uKhumalo uthe: “Ikhono elikhonjisiwe belimangalisa ikakhulukazi ekhempini yokuqala. Laba besifazane sebekulungele ukuqhudelana. Ngiyethemba ukuthi bazoluthola uxhaso nokwesekwa okubafanele ukuze baqhubeke nalolu hambo.”
Ikhempu ibe yigxathu elikhulu kwezemidlalo yabakhubazekile, ukulingana ngokobulili, nokuthuthukiswa kwekhilikithi eNingizimu Afrika - futhi i-UKZN iyaziqhenya ngokuba neqhaza ekuqopheni umlando.
Umbhalo: nguNombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe



