UNks Olive Olusegun, umpetha we-2024 Poetry Africa Slam.I-Centre for Creative Arts Yase-UKZN Ithole U-R800 000 We-Poetry Africa Kwi-National Lottery Commission
Click here for English version
I-Centre for Creative Arts (CCA) yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali ithole usizo olunguR800 000 kwi-National Lottery Commission ukweseka umcimbi wayo omkhulu wama-29 i-Poetry Africa. Lolu sizo oluhlelwa yi-UKZN Foundation, luzosimamisa umsebenzi wefestiveli emphakathini, ukuthi yaziwe emhlabeni neqhaza lawo emnothweni wezobuciko.
I-Poetry Africa isidlondlobele yabangesinye sezigcawu zobunkondlo ezinkulu e-Afrika, yaduma ngokuhlanganisa abantu basezindaweni ezihlukene emhlabeni. Ngosizo lwale mali, lo mcimbi wangonyaka wama-2025 luzokwenza ukuthi le festiveli ibengenye yezigcawu zobuciko ezivelele kuze kubemanje.
“Usizo lwe-National Lottery Commission luzokwenza ukuthi siqinisekise igama le-Poetry Africa ekubeni wumcimbi wobuciko ovelele,” kusho uDkt smail Mahomed, uMqondisi we-CCA. “Isenza sikwazi ukungagcini nje ukuhlelela amaciko asemhlabeni jikelele kepha futhi sikwazi ukufinyelela emajukujukwini omphakathi, siphe amaciko asafufusa okukhulu.”
Amaciko yiwona ahlomula ngqo kulokhu kuxhaswa, axhaswa ngezindlela zokuhamba, indawo yokuhlala nenkokhelo ngobuciko bawo. Izethameli ezisezindaweni ezinhlanu zobuciko ezisemphakathini nezikole nazo zizohlomula ngalolu sizo lwemali oluhlelelwe ukwenza ubuciko bezimbongi ukuthi butholakale, bufake wonke umuntu futhi kumeleleke bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Enye yezinto ezimnandi wukwethula imincintiswano emisha emibili ye-Slam Poetry, okuyi-‘Chalkboard Slammers’ yabafundi basezikoleni zamabanga aphezulu ne-‘Boardroom Slammers’ yabantu abadala abasebasha baseThekwini namaphethelo. Okwenza le mincintiswano ihluke wukuthi amaciko abhala futhi ahaye izinkondlo zawo ngesiZulu, okugqugquzela ukuziqhenya ngezilimi zomdabu nesiko lokuxoxa izindaba zomdabu.
Enye into enkulu entsha wukusimama kohlelo lwamafilimu lwe-Poetry Africa. Okokuqala ngqa le festiveli izomema abenzi-mafilimu bezinkondlo, ibacele ukuthi bathumele umsebenzi wabo ukuze udlalwe kulo mcimbi. Lesi sigaba esisha sihlanganisa ubuciko bamehlo nobamagama, okwandisa umsebenzi wefestiveli nokukhanga kwayo.
I-CCA izoba ne-World Poetry Slam Championships yesihlanu ngonyaka wezi-2026, ezoba nezimbongi zasemazweni angaphezu kwangama-40. Lokhu kuzokwenza ukuthi i-Poetry Africa ne-CCA bahlonishwe endimeni yezinkondlo emhlabeni jikelele.
Umhleli we-Poetry Africa uNks Siphindile Hlongwa uthe: “Ngale kokuba yifestiveli, i-Poetry Africa iyinhliziyo yokuthuthukisa umnothoan, enika futhi ihlomise intsha yaseNingizimu Afrika ngamakhono azoyilekelela ukuthi iqhubeke nomsebenzi wayo. Le festiveli iphosa esivivaneni solwazi lomnotho lweNyuvesi, lapho khona izinqolobane zefestiveli ziwumthombo wolwazi wocwaningo wezifundiswa.”
Impumelelo yesicelo sokuxhaswa ibengumphumela wokubambisana phakathi kwe-CCA ne UKZN Foundation. Nakuba i-CCA iqhamuke nombono nohlelo kodwa i-Foundation – ngosizo lweMenenja Yobudlelwano naBaxhasi uNks Bukiwe Biyela noMqondisi uMnu Steve Camp – balekelele ngamakhono okuphatha ukuze izinto zihambisane nezidingo zemigomo yezicelo ze-National Lottery Commission.
I-Poetry Africa iyaqhubeka nokusimama ngosizo lwabaxhasi abamqoka okubalwa kubona uMnyango weZemidlalo, uBuciko namaSiko KwaZulu-Natali, i-French Institute of South Africa, i-University of Johannesburg nabaxhasi baphesheya e-Ukraine, e-Brussels, eNigeria, e-United Kingdom, e-Spain, eNtaliyane nabakwamanye amazwe aphesheya.
“Loku kuxhashwa akusilo usizo lwemali kuphela kodwa wubufakazi bokwethemba umbono wethu wokwenza i-Poetry Africa ifestiveli evelele e-Afrika” kusho uHlongwa. “Simagange ukwemukela izimbongi ezicela ekhulwini zamazwe angama-25 ngonyaka wama-2025 nokulungiselela unyaka wama-2026.”
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



