USolwazi Lauren Dyll (kwesobunxele) noDkt Mary Lange.Abacwaningi base-UKZN Bathole Usizo LwaseYurophu Lwengqayizivele YoCwaningo Ngentsha
Click here for English version
USolwazi Lauren Dyll noDkt Mary Lange, base-Centre for Communication, Media and Society (CCMS) eseKolishi leZabantu laseNyuvesi yaKwaZulu-Nata, bayingxenye yethimba lamazwe omhlaba eligixatshezwe ngo-€2.4 million yi-European Research Council (ERC) Advanced Grant.
Loku kuxhaswa kulekelela ucwaningo olukhulu lweminyaka emihlanu olubizwa ngokuthi yi REACT, okumele ukuthi Reimagining Activism, Communication and Trajectories of Participation emazweni aseningizimu emhlabeni.
Lo msebenzi, ozokwethulwa ngoMasingana wangonyaka wezi-2026, luholwa nguSolwazi Thomas Tufte, i-Associate Dean yoCwaningo neZinto eziNtsha e-Loughborough University (eNgilandi).
Luyingxenye yohlelo i-Horizon Europe Programme ye-EU, eseka ucwaningo oluhlukile olungaholela ekutholeni izinto zesayensi nasemphakathini ezintsha nezinkulu.
I-REACT izobheka ukuthi abantu abasha (abaneminyaka ephakahti kweli-18 nama-30) emazweni aseningizimu emhlabnei abhekana kanjani nokudideka, ukungalingani nokuvaleleka kwabanye abantu nemizamo yabo yokuletha ushintsho. Luzogxila ocwaningweni olujulile emazweni amahlanu, okuyi-Brazil, i-Colombia, i-Mexico, i-India neNingizimu Afrika, kanti kuzobuzwa abantu abasha abangama-12 000 basemazweni angama-20.
Libheka ekuxhumaneni koshintsho kwinhlalo, izifundo ngamasiko, ucwaningo ngezamadolobha nezentuthu, ithimba le-REACT lizokwenza uhlaka oluhlanganisa imikhakha ehlukene olubizwa nge-COMPAS (okumele i-Communication, Participation and Social Change). Lolu cwaningo luzokwesekwa ngezithangami zokucijana, izihlaka zezithembiso nemizekelo ukwenza ukuthi izwi lentsha lizwakale nokugqugquzela ikusasa labo bonke abantu.
Abadidiyeli bocwaningo lwaseNingizimu Afrika bazobambisana nenhlangano engenzi nzuzo i-South Roots International, esebenza ngentsha yase-Cape Flats. I-CCMS isake yasebenzisana nayo kudala kanti izophinda kulo msebenzi ongeke ugcine ngokuphosa esivivaneni solwazi lomhlaba jikelele kodwa futhi oluzoqhamuka nezixazululo eziphathekayo entsheni nakwizishoshovu zasemazweni aseningizimu yomhlaba.
Ephawula ngamandla alo msebenzi, u-Dyll uthe: “Kuyangijabulisa ukubayingxenye yomsebenzi we-REACT, engikholwa wukuthi uzobaneqhaza ocwaningweni olumqoka ezimweni zamanje zomhlaba; ezigcwele udweshu nokuphikisana kodwa futhi nethemba. Uthisha wase-Brazil, uPaulo Freire, wathi ithemba liyisidingongqangi sokuphila nensika yokuphila kwabantu nokulwa nengcindezelo. Umsebenzi we-REACT uzoxhumana nentsha ngqo ukuze ifunde ukuthi ingaxhumana futhi izihlele kanjani ukuthi ibenethemba ngekusasa eliqhakambisa ukulingana ngokobulili, ubulingiswa emphakathini nasesimweni sezulu nokuthula.”
Ingabalingani baseNingizimu Afrika, i-CCMS izoba neqhaza elimqoka empumelelweni yalo msebenzi. Lo msebenzi ufakazela ukuzinikela kwe-UKZN ocwaningweni olunamandla, olufaka umphakathi nokubambisana nabalingani baphesheya.
Amagama: wu-Jennene Naidu
Izithombe: Zithunyelwe



