Abathole umklomelo we-Virchow 2025 ngoSolwazi Quarraisha Abdool Karim kanye no-Zulfiqar Bhutt.Umklomelo Owaziwa Nge-Virchow Prize 2025 Uklonyeliswe Owase-UKZN Ongumholi Wezempilo Emhlabeni Wonke
Click here for English version
USolwazi Quarraisha Abdool Karim we-Centre for the AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA) uklonyeliswe ngendondo ye-Virchow Prize 2025.
Umklomelo uhlonipha ubuqhawe buka-Abdool Karim, ubuholi bempilo yonke ekuthuthukiseni ukulingana kwezempilo komama, abantwana abaqeda kuzalwa kanye nezempilo zabantwana ngocwaningo olugxile emphakathini, olusekelwe ebufakazini, ikakhulukazi ukweseka kwakhe abantu abacindezelekile kunabaye emhlabeni.
Uhlonipheke kanye noSolwazi Zulfiqar Bhutta, udokotela wezingane kanye nososayensi wezempilo yomphakathi ozinze e-Aga Khan University esezweni lase-Pakistan kanye neSibhedlela Sezingane Ezigulayo e-Toronto, eCanada.
Abahlomuli bemiklomelo ye-Virchow 2025 balolonge izinqubomgomo nezinqubo zezempilo ngokuvala izikhala ezibucayi ekunakekelweni kwabantu abacindezelekile. Ubuholi babo buqinisekise ukuthi izinsiza ezisindisa ukuphila zifinyelela kulabo abasezindaweni eziphansi kanye nezithinteke kakhulu, lapho izinhlelo zezempilo zivame ukuba buthaka kakhulu futhi ukungafani kubi kakhulu.
U-Abdool Karim waziwa emhlabeni wonke ngobuholi bakhe ekuvimbeleni i-HIV phakathi kwamantombazane nabesifazane abasebasha, okunomthelela omkhulu empilweni kamama kanye nentsha. Uhlolo lwakhe lwe-CAPRISA 004 oluyingqopha-mlando lunikeze ubufakazi bokuqala bomqondo wokuthi imishanguzo yegciwane lengculazi ingavimbela ukutheleleka nge-HIV kwabesifazane, okutholakele okube nomthelela ohlala njalo emizamweni yokuvimbela i-HIV emhlabeni wonke. Uphinde wabamba iqhaza elikhulu ekwakheni amandla esayensi e-Afrika yonkana, eluleka isizukulwane sososayensi besifazane.
IPhini leSekela likaShansela kanye neNhloko yeKolishi Lesayensi Yezempilo, uSolwazi Busisiwe Ncama, uhalalisele u-Abdool Karim: “Lokhu kuhlonishwa akubona nje kuphela ubufakazi begalelo lakho elimangalisayo lesayensi kodwa futhi nokuzibophezela kwakho okungantengantengi bokufuna ubulungiswa bezenhlalakahle emhlabeni jikelele. Umsebenzi wenu wokunkankanya, ikakhulukazi ekuthuthukiseni impilo namalungelo abantu besifazane nentsha emiphakathini enganakiwe, kuye kwalolonga ngokujulile isimo sezempilo somhlaba wonke futhi kwaletha ukunakwa okujulile kulabo ababengabandakanyiwe ngokomlando ezinhlelweni zezempilo ezivamile nasezingxoxweni zesayensi.”
UMengameli we-Virchow Foundation uSolwazi Christopher Markschies uthe: “Abahlomuli balo nyaka, baveza isiko le-Virchow lokuhlanganisa ukuqina kwesayensi nokuqaphela okujulile bokubheka ubudlelwane nomphakathi. Umsebenzi wabo uyaqhubeka nokuba nesisekelo esiqinile, uqhutshwa ngokulingana futhi uletha uguquko kwezombusazwe, ubeka uphawu lwethu sonke esilwela ukwakha izinhlelo zezempilo ezibandakanyayo nezilungile.”
UNcama uthe: “Egameni lozakwethu abaningi abagqugquzelwe ubuholi bakho kanye nami, ngithulela isigqoko umbono wenu, ukuqina kwenu, nokuzinikela kwenu. Kwangathi lokhu kuhlonishwa okufanele kungaqhubeka nokukhulisa umthelela wakho futhi kukhanyisele indlela yesizukulwane esilandelayo sabaholi bezempilo bomhlaba wonke.”
Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, vakashela ku: www.virchowprize.org
Umbhalo: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe



