Nkz Makhosazana Mdladla.Umjaho Wesine we-Comrades Marathon Ophothulwe Ongumsubathi Wase-UKZN
Click here for English version
UNkz Makhosazana (Khosi) Mdladla, ongumsizi kwezocwaningo esikhungweni esaziwa ngele-AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA), uthi ujabule kakhulu ngokuqeda umjaho we-Comrades Marathon wakhe wesine ngesikhathi esingcono kakhulu.
Akayena-ke umafikizolo kwezemijaho yamabanga amade njengoba eke wagijima nemijaho efana ne-Om Die Dam, i-Two Oceans kanye ne-Sanlam Cape Town Marathon ngaphansi kwebhande lakhe, uMdladla uthe ngemuva kokubhekana nobunzima empilweni yakhe, ukugijima bekuyindlela yokwelapha eshibhile kuyena.
Uyawuthanda umuzwa wokufinyelela emabangeni amasha ngesikhathi ukuze azindle kahle ngempilo, futhi ngokushesha waba nothando lokugijima ezingeni lokuncintisana.
UMdladla uthi ukugijima kumnika ithuba lokuhambela izifundazwe ezahlukene zaseNingizimu Afrika, lapho enabantu abanomqondo ofanayo, efasa izintambo zakhe ukuze angenele umncintiswano.
Ungumfelokazi, aphinde abe ngumama wezingane ezine futhi ongumKristu ozelwe ngokusha, uMdladla usanda kungena eMnyangweni Wezenhlalakahle Nokuziphatha kwa-CAPRISA lapho umsebenzi wakhe umvumela ukuthi axhumane nabantu futhi aqonde ukuthi kungani beziphatha ngendlela abenza ngayo, ikakhulukazi ngokombono wezempilo yomphakathi. Uyawuthanda umkhakha wezokusebenza njenge-psychologist, nafisa ukufinyelela kowo ngokuphelele kusasa.
Uzalelwe endaweni yase-Richmond kodwa uchitha isikhathi esiningi endaweni yaseMgungundlovu nokuyilapho ahlala khona, uthe ukholelwa ukuthi uma abantu bengafundiswa inzondo, nakanjani bangakufunda ukuthanda.
Ecaphuna amazwi ka-Nelson Mandela, uMdladla uthi isiqubulo sempilo yakhe sithi: “Kuhlala kubonakala kungenzeki kuze kube sekugcineni ubone sekwenzekile.”
Umbhalo: nguLunga Memela
Isithombe: Sithunyelwe



