Abathandi bamasinema abanomdladla.Kunconywa i-46th Durban International Film Festival
Click here for English version
Isikhungo sezobuciko sase-UKZN sisaqhubeka ne-Durban International Film Festival yama-46, uhlelo lwezinsuku eziyi-11 olubonisa imibukiso ebalelwa cishe kwi-100 ezindaweni ezahlukene eThekwini kusukela mhla ziyi-17 kuya zingama-27 kuNtulikazi.
Le festivali ivulwe ngefilimu ehehayo, ethi, LUCKY FISH exoxa ngendaba ehlekisayo kasomabhizinisi, u-Sanjay Pillay ongaphansi kwengcindezi enkulu edalwe ukudonsa kanzima kwenkampani yakhe ekhiqiza ama-pichards kanye nencindezi eze nesikweleti akasenza. Emuva kokuthola ithuba lokuxoxa nowayenza imincintiswano yonobuhle, wabe esevuleka umqondo kabusha wokwenza umncintiswano ka-Mr Pillay’s Pilchards Beauty Competition akholelwa ukuthi unamandla okudonsa abantu abaningi futhi mhlawumbe aguqule isimo somnotho kanye nengcebo yakhe.
Inabalingisi abanohlonze abaholwa u-Zenobia Kloppers, odume ngokuwina indondo efilimini edume umhlaba wonke i-Fiela se Kind, ifaka phakathi abalingisi abadumile abafana no-Mayuri Naidu, Mehboob Bawaa, Jailoshini Naidoo, Jack Devnarain, Carishma Basday, noSiyasanga Papu.
Nabalingisi abasebancane bahlabe umxhwele, okubalwa kubo u-Mekalia Mathys, u-Hermione Reddy kanye no-Kathleen Stephens, bese kuhti u-Kiroshan Naidoo wabelana ngolwazi lwakhe lokubuyela endaweni ayijwayele njengoba eqopha eThekwini.
U-Leah Mari osemusha nosanda kuthola iziqu zakhe, nobejabule kakhulu ngesipiliyoni sakhe sesibili sokuqopha edolobheni akhulela kulo, uncome iqoqo elimesekayo kanye nobudlelwane obunothisayo obavela kulo lonke leli thimba. Njengoba izindikimba zigxile emphakathini, isithombe esihle somzimba, nomndeni, u-Mari ukholelwa ukuthi ifilimu ijabulisa izethameli.
Le filimu, ekhuthaza imindeni ukuthi ihlangane ukuze ibukwe ndawonye, ihlose ukuveza ukuthi ubuhle bangempela buphuma ngaphakathi. Umdidiyeli u-Luke Rous uyichaza njengencwadi yothando eya eThekwini, imindeni engazwani kanye nalabo abake bazizwa bengamukelelikile.
Ifilimu yokuvula le festiveli, i-Lucky Fish ikhombise amasiko aphilayo, ithalente elikhulu, nezindaba eziyingqayizivele embonini yamafilimu yaseNingizimu Afrika, kanti uhlelo lwasebusuku lokuvala, i-PROMISED SKY luzokushiya ubambe ongezansi. Iboleka isihloko sayo engomeni evuselelayo yeqembu lase-France, i-Delgres, ukulandisa kwefilimu kuhlola kahle umhosha wemizwa phakathi kwamaphupho namaqiniso abantu abaningi abafudukayo noma abangabokufika ababhekana nawo.
Iqondiswa umdidiyeli wefilimu wase-French Tunisia onethalente, uNkz Erige Sehiri, osethole ukunconywa okubalulekile ngemisebenzi yakhe yangaphambili, le filimu izoshiya ungawuvali umlomo!
Umbhalo: yi-NdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe



