Abafundi kanye nababambiqhaza bahlangana emcimbini wase-UKZN wokuthuthukisa imfundo, ukufukula kanye nokuxhumana nomphakathi.I-UKZN Isingethe Isikole Sasebusika Sabafundi Bebanga Le-11
Click here for English version
Izikhathi zokuxoxisana eziphathelene nempilo yengqondo, ubuchwepheshe, imfundo kanye nokulungela umsebenzi bekuyizindikimba ze-‘Winter School’ ebanjwe yi-UKZN ekempasini yase-Westville ngokubambisana nenhlangano i-Care Enough Youth Empowerment (CEYE).
Lolu hlelo oluklanyelwe abafundi beBanga le-11 abavela ezikoleni zamabanga aphezulu eziyi-10 eThekwini, lolu hlelo lwezinsuku ezinhlanu luqinise izingqondo ezisencane ngokusebenzisana okunamandla okunenqubekelaphambili.
Lolu hlelo olugxile entsheni beluholwa ngumsunguli nesikhulu esiphezulu se-Care Enough, uNkz Hlengiwe Ngwenya, umbono wakhe usaqhubeka nokuvulela abafundi abaphuma emiphakathini entula iminyango. Ukuzinikela kukaNgwenya ekugqugquzeleni isikhathi eside ngemfundo kwabonakala kuzo zonke izingxenye zalolu hlelo.
Impumelelo yeSikole Sasebusika igqugquzelwe kakhulu ukuzinikela kukaMnu Msizi Innocent Dimba, Isikhulu Esixhumanisa Izikole e-UKZN, ukuzibophezela kwakhe kwaqinisekisa ukuxhumana okungenazihibe kulo lonke uhlelo. Ubuholi bukaDimba budale indawo yokunakekela neyochwepheshe yokufunda kanye nezingxoxo.
Abafundi babuya ezikoleni ezahlukene okubalwa Ohlange High School, Inanda Newtown Comprehensive, Nhlakanipho High School, Mzuvele Secondary, Amandlethu Secondary School. Intsha yalezi zikole, iningi elisezindaweni ezazincishwe amathuba phambilini, yanikezwa ithuba lokuzwa ukuphila ekhempasini yasenyuvesi kuyilapho ixoxisana nezifundiswa, ochwepheshe kanye nongoti bemkhakha.
Usuku ngalunye lwalulandela lolu hlelo lokufunda oluzinikele:
Usuku 1: Impilo Yengqondo, Ukuziqaphela kanye nomthelela wodlame noma ukucaswa ngokobulili. Abafundi bathole ithuba lokufunda ngokubaluleka kokuba nobuhlakani kwemizwa, izinsizakalo zezempilo yengqondo, kanye nomthelela wodlame olusekelwe ebulilini, ngemibono yodokotela bengqondo, osonhlalakahle kanye nezikhulu zezobulungiswa.
Usuku 2: Impilo Nokudla Okunempilo
UMnyango Wezempilo ugqugquzele ukuhlolwa kwezempilo, kuyilapho amaseshini ayegxile ekudleni, ukusebenzisa kabi izidakamizwa nokukhulelwa kwentsha. IPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, wethule inkulumo yosuku egqugquzelayo.
Usuku 3: Ubuchwepheshe kanye Nedijithali
Abafundi bethulwa ekufundeni kwedijithali, ubuhlakani bokwenziwa kafuphi i-AI, ukubhala amakhodi, kanye nemisebenzi emnothweni wedijithali. Lolu suku belubandakanya ukuchitha usuku lonke kumalebhu amakhompyutha ase-UKZN.
Usuku 4: Ukusekelwa Kwezemfundo kanye Nombukiso Womsebenzi
Ochwepheshe abavelele - okuhlanganisa abameli, onjiniyela, osomabhizinisi, nochwepheshe bezokundiza - babelane ngohambo lwabo. Abafundi bacubungule imikhakha yemisebenzi emikhakheni ehlukene yomkhakha wezemfundo nokuqeqesha (ama-SETA), ezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), iSouth African Civil Aviation Authority (SACAA), kanye neminyango kamasipala.
Usuku 5: Isiqondiso Semfundo Ephakeme
Abamele i-UKZN, i-Durban University of Technology, i-Univesity of South Africa (i-UNISA), i-Mangosuthu University of Technology, kanye namakolishi ahlukene e-Technical and Vocational Education and Training (TVET) baqondise abafundi ezinhlelweni zokufaka izicelo kanye namathuba oxhaso ahlinzekwa yizinhlangano ezifana ne-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) kanye ne-Ikusasa Student Financial Aid Programme (ISFAP). Leli sonto liphothulwe ngezinhlelo ezinohlonze zokwakha amaqembu okuhlanganisa nomqhudelwano wokucula nokudansa phakathi kwabafundi baKwaMashu naseNanda.
Ekhuluma emcimbini wokuvala, uDkt Siyabonga Nzimande, oyiskhulu esphezulu (Chief Operations Officer) se-Care Enough kanye noMqondisi Wohlelo, uphawule ngezinzuzo zaleli sonto: “Lokhu bekungaphathelene nemfundo kuphela - bekuwukukhombisa abafundi ukuthi babalulekile, ukuthi bangabanikazi bazo lezi zikhala, nokuthi amaphupho abo ayiqiniso futhi abalulekile.”
UNgwenya ugqugquzele abafundi ukuthi baqhubekisele phambili lo mfutho. "Uvezwe emhlabeni wamathuba. Manje sekuyithuba lakho lokushayela ikusasa lakho."
ISikole Sasebusika sibonakale siyisizinda soguquko, ibhuloho phakathi kokulangazelela kanye nempumelelo, kanye nobufakazi obunamandla bokuthi ukubambisana bungahamba ibanga elingakanani ekuguquleni intsha yaseNingizimu Afrika.
Umbhalo: nguNduduzo Duma
Isithombe: nguAndile Ndlovu



