Inhlasi Yethemba Kwizifundiswa Ezisafufusa
Click here for English version
Umqondo womzimba omncane kuhlaluke ukuthi usabusa endleleni abantu besifazane abasha ababona ngayo indaba yobuhle nokuthandeka.
UNks Phumelele Basi, owenza izifundo zobudokotela emkhakheni wakhe e-UKZN uphose esivivaneni kule ngxoxo ebalulekile ngokubhala iphepha locwaningo ngokubambisana noSolwazi Deevia Bhana. Lokhu bekungokokuqala uBasi ebhala kwijeneli i-Teachers and Teaching, iphepha elinesihloko esithi 'Slim-thick: Desires and Pressures in Pre-Service Female Students’ Accounts of Body Ideals'.
UBasi uthe: “Ngiziqhenya kakhulu futhi ngiyabonga ngokubona umsebenzi wami ushicilelwe. Lokhu kuyingqophamlando emqoka kwinhloso yami yokuphosa esivivaneni ngokwenza ucwaningo ngabantu abasha, ubulili nemfundo. Bekungeke kwenzeke lokhu ngaphandle kosizo lohlelo lwe-South African Research Chairs Initiative (SARChI), olusize ngezigcawu ezimqoka zokucijwa, imigonqo nokucathuliswa. Ngibonga ikakhulu umeluleki wami ngocwaningo uSolwazi Bhana, ongusihlalo walolu hlelo, ngezeluleko zakhe nokungeseka. Uma sibheka phambili, ngijabule ngalolu hambo, ukwandisa ukuphosa esivivaneni kwimfundo nokuqhubeka nokubambisana noSolwazi Bhana ngamanye amaphepha ocwaningo.”
Iphepha locwaningo alibhalile belibheka izinto ezifiswa ngothisha abasaqeqeshwa ngendlela ababuka ngayo indaba yobuhle ezinkundleni zokuxhumana. “Lokhu kugxila kothisha abasaqeqeshwa akusiyona into ejwayelekile,” kusho uBasi, “ikakhulukazi njengoba othisha abasaqeqeshwa bejwayele ukugwema ukukhuluma ngemizimba yabo.”
Uqhube wathi: “Ngokuqonda ukuthi othisha abasaqeqeshwa bathini ezinkundleni zokuxhumana ngemizimba yabo, singaphucula izifundo zokufundisa othisha, singenzeli othisha kodwa senzela iqhaza labo lokubumba izindawo ezingacwasi ngokobulili.”
NgokukaBasi isifiso sokubanomzimba omncane yisifiso esikhulu sabantu besifazane abaningi kepha esivama ukungafezeki. Isiphakamiso sakhe esikhulu wukuthi izifundo zokufundisa othisha kufanele zibheke izifiso zobuhle ezinkundleni zokuxhumana nomqondo wokungalingani eziwusabalisayo.
“Othisha abasaqeqeshwa kudingeka ukuthi bahlonyiswe ukuqonda nokuphikisa le miqondo ukuze bona uqobo lwabo nabafundi babo bezobanezindlela ezintsha zokubuka imizimba yabo, ubulili nokulingana,” kusho yena.
UBasi wethemba ukuthi ucwaningo lwakho luzokhuthaza othisha bangomuso ukuthi bacabange ngendlela ababuka imizimba yabo ngayo ukuze basize abafundi ukubhekisisa imiphumela emibi ngendlela ababuka ngayo imizimba.
Amagama: wuSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe



