Amazwibela esigcawini seHhovisi.Ihhovisi LokuThuthukiswa NokuHlelwa KoLimi Belwenze Isigcawu Sokuhlelemba Izifinyezo Zezilimi Zomdabu
Click here for English version
Ihhovisi LeNyuvesi YaKwaZulu-Natali LokuThuthukisa nokuHlelwa koLimi belwenze isigcawu sokucobelelana sezinsuku ezimbili zokuhlelemba izifinyezo zezilimi zomdabu.
Lolu hlelo, oluhlose ukuthi kuhambisane imithetho yolimi ekwenzeni izifinyezo ezifanele zesiZulu, luhambisana nokusebenzisa Inqubo Yolimi YeNyuvesi nokweseka ukuthuthukisa isiZulu.
Kulo mcimbi, obuphethwe nguMqondisi WoPhiko Lolimi eMnyangweni weMfundo eMpumalanga Kapa, uDkt Zola Wababa noSolwazi Ngokuhlonishwa e-UKZN, uMandlenkosi Maphumulo, bekukhona abantu abasebenza ngolimi, izikhulu zikahulumeni, izintatheli, abafundi nabafundisi base-UKZN, eDurban University of Technology (e-DUT) nabase-University of Zululand (i-UNIZULU).
USolwazi Phumlani Myende, iBamba leDini eSikoleni seMfundo, ubalule ukubaluleka kwalesi sigcawu ekufakeni isiko lokuzimela uma kwenziwa amagama afingqiwe ngezilimi zomdabu, kunokufuna izimpendulo ezilimini zobukoloni.
Enkulumweni yakhe esihloko sithi: ‘Language Transition in Grade 4 up to University is a Language Blackout for an African Child’, uWababa ubheke ukuthi imfundo yobulimi-mbili kufanele ithathwe yindawo yokufundisi ngolimi lwebele ukuphucula ukuqonda nokukhuluma.
UWababa uthe ucwaningo lukhombisa ukuthi ukufunda ngolimi lwebele kuphucula imiphumela yokufunda, ikhono lokufunda nokuqonda, okumqoka kusukela emazingeni emfundo eyisisekelo kuya enyuvesi ukugwema amagebe olwazi.
Ebuyekeza imiphumela yeZibalo kaMatikuletsheni yonyaka wama-2015, uthe izinga lokuphumelela kwabafundi babelungu labangama-96%, labangama-83% kubafundi bamaNdiya, ama-68% labafundi bamaKhaladi nama-43% kubafundi abaMnyama.
“Ukungasetshenziswa kwezilimi zomdabau zibeyizilimi zokufundisa, ukufunda nokuhlola kuyisithiyo kubafundi abakhuluma izilimi zomdabau ezweni,” kusho uWababa.
“Ulimi lokufunda olusetshenziswa ezifundweni kuyenzeka luhambisane nomkhakha othile, okwenza izinto zibenzima ngoba abafundi bathembele ekuhumusheni besusa olimini lwebele beyisa esiNgisini. Ngenxa yalokho, abafundi abaningi abaphumeleli hhayi ngoba bengenalwazi kodwa bayahluleka ukuqonda kahle nokuchaza kahle okudingekayo uma sekuphendulwa ngesikhathi sezivivinyo nesokuhlolwa.”
Ubalule izinsika ezine zokuthuthukisa izilimi zomdabu:
1. Ukuhlela indawo: Ukwenza izilimi zomdabu zibeyizilimi zokufunda nokufundisa ngale kweBanga 3.
2. Ukuhlela ulimi: Ukuthuthukisa amagama nezinsiza okuhunyuswe kusuwa kwezinye izilimi.
3. Ukuhlela ukuthola: Ukuqhubeka ukufundisa ulimi ngale kweBanga 3.
4. Ukuhlela isithunzi: Ukuthuthukisa nokulwela izilimi zomdabu.
Udlale iqophamlando elinesihloko esithi Sink or Swim, elikhombisa ukungabikhona kweqinisi ekuhloleni ingane ngolimi okungesilo elayo.
UMaphumulo ubuyekeze imithetho yamagama nokuphimisa esiZulu, wenza izethameli ukuthi ziqambe izifinyezo ngolimo lwazo.
Ethula umyalezo wokweseka, uMnuz Jabulani Simelane, iMenenja Enkulu Yesifundazwe e-Pan South African Language Board (e-PanSALB), ibalule imikhakha emihlanu lapho izifinyezo zivame ukusebenza khona, wakhuthaza abantu abasebenzisa ulimi ukuthi benza izichazamazwi ezingasetshenziswa wumphakathi.
UMnuz Thulani Mbatha, umhleli we-Isolezwe, ubalule ukuthi izithangami ezinjena zenza kubelula ukuqeda ubunzima bokusebenzisa izilimi zomdabu, kwathi uNks Nontokozo Mkhonto waseMsunduzi Municipality wagcizelela ukubaluleka kokuhumusha nokutolika ngendlela.
UDkt Samukelisiwe Diligence Mbokazi, ofundisa e-UNIZULU, uhlukanisile phakathi kwezifinyezo ezingamagama afinyezwe ngokuhlanganisa izinhlamvu nalawo afinyezwe ngoba kufinyezwa igama eliphelele, wathi ukucobelelana kwalesi sigcawu kuzosiza ukubona nokuvala izikhala ezikhona.
Uqweqwe lomsakazi nebelimele iKomiti Lomili lo-Ukhozi FM uNks Vicky Masuku lichaze iqhaza lomsakazo ekulawuleni ukusetshenziswa kolimi ukuqinisekisa ukuthi isiZulu sihambisana nezikhathi. Ukhuthaze imindeni ukuthi ikhulume isiZulu ekhaya.
Usihlalo weKomiti Lomiti KwaZulu-Natali, iNkosi Themba Mavundla, ushayele abaholi base-UKZN ihlombe ngokusetshenziswa kwenqubo yolimi. “Inselelo enkulu esibhekene nayo wukushintsha indlela abantu abacabanga ngayo nokukhuthaza ukuthuthukisa ukukhula kwezilimi zomdabu ukusimamisa amasiko ethu,” kusho yena,
Enkulumweni yakhe yokubonga, uMqondisi weHhovisi Lenyuvesi LokuHlelwa nokuThuthukiswa koLimi uMnuz Khumbulani Mngadi ubonge izikhulumi nezethameli. Uthe ukwenziwa kwezifinyezo kuyingxenye yomsebenzi weminyaka eyishumi odinga ukuzikhandla kwezifundiswa, wanxusa izifundiswa ukuthi zicathulise abafundi abenza ucwaningo ekwenzeni ucwaningo oluhambisana nalo msebenzi.
“Umsebenzi owenziwayo ngowokubambisana nodinga ukwesekwa yisizwe sonke. Asilindele ukuthola umphumela noma ukuphothula umsebenzi manje kodwa siyazi ukuthi lesi yisiqalo solwazi lwesayensi,” kusho uMngadi.
Amagama: wuHlengiwe Khwela
Izithombe: wu-Yola Ndzabe



