Amazwibela oMhlangano Omkhulu Okhethekile obanjelwe e-Manor Gardens Primary School.Ukuhlanganisa Imiphakathi - Kulethwa Ushintsho
Click here for English version
Ngingathanda ukuthi ingane yami ikwazi ukuhamba ngezinyawo iye esikoleni - iphephile!
Lona ngumgqigqo ojatshulelwe ngamalungu asanda kuqokwa eKomidi Lokweluleka le-Manor Gardens Urban Improvement Precinct (kafuphi i-MGUIP) eMhlanganweni Omkhulu okhethekile wakamuva.
Yethula umongo walokho okushiwo umkhankaso - nokuwukuveza ukuphepha, umphakathi kanye nombono ogqugquzela indawo engcono nephephile.
I-MGUIP, enikezwe imvume yokuqhubekela phambili emhlanganweni woMkhandlu kaMasipala weTheku ngo-Mbasa ihlose ukwakha indawo ephephile, ehlanzekile kanye nendawo enobungane kakhudlwana kubo bonke abahlali basendaweni yaseManor Gardens egcwele izihlahla nehlala abantu bezinhlanga ezahlukahlukene, eseThekwini.
I-MGUIP njengamanje iholwa ibhodi labaqondisi elihlanganisa izakhamuzi zendawo uMnu Shaun Kruger, uNksz Deidre Taylor, kanye noMnuz Steve Jones.
U-Kruger, osebenza njengoMqondisi weSikhungo Sezifundo Ezandisiwe Zomthetho e-UKZN, uveze inqubo eqinile yokusungulwa kwe-MGUIP futhi wagcizelela ukubaluleka kokubandakanyeka komphakathi. ‘Simema wonke umuntu ukuthi afake isandla kanye namakhono akhe kanjalo nobuchule bakhe ukuze kuthuthukiswe izinga lempilo yazo zonke izakhamuzi zakulendawo,’ uphawule kanje.
Uveze umthelela omuhle i-MGUIP ezoba nawo ekhempasini yaseThusini yase-UKZN, nayo eyakhele indawo yase-Manor Gardens. ‘Abafundi bethu bazohlomula ngqo ekuthuthukisweni kwezokuphepha nengqalasizinda,’ engeza enkulumeni yakhe.
UJones ukhuthaze izakhamuzi ukuthi zisebenzise isizindalwazi se-UIP, ikakhulukazi uhlelo olusha lwamathikithi olwenza amalungu omphakathi akwazi ukubika amaphutha - njengokuvuza kwamanzi - ukuze kusizakale ukulethwa kwezinsiza.
I-UIP kulindeleke ukuthi iqale ukusebenza ngokusemthethweni ngoSepthemba.
Ukuze ufunde kabanzi nge-MGUIP nokuthi ungazibandakanya kanjani, vakashela: https://mguip.co.za.
Umbhalo: Raylene Captain-Hasthibeer
Izithombe: Andile Ndlovu



