UMnu Cebo Msweli (kwesokunxele) noMnu Thabo Mthethwa.Owayengumfundi Wase-UKZN Wakhe Ubuchwepheshe Be-AI Career Chatbot ukuze Kuthuthukiswe Intsha YaseNingizimu Afrika
Click here for English version
UMnu Cebolenkosi Msweli oneziqu ze-BSc Computer Science kanye ne-IT wenze i-Career Path Advisor Chatbot - esiza abafundi ukuthi bahlole imikhakha yemisebenzi ngezingxoxo ezilula, ezenziwe zalula zakhelwe umuntu ngqo.
Leli thuluzi ladalelwa ukubhekana nenkinga yangempela - abafundi bakuthola kunzima ukuthola iseluleko maqondana nomkhakha abafuna ukungena kuwo nokwelulekwa okuqondene nabo ngqo.
UMsweli usebenze ngokubambisana noMnu Thabo Mthethwa, naye owaphothula iziqu e-UKZN ngowezi-2024, kanye noMnu Mthobisi Cele, ongumfundi wase-Central University of Technology e-Free State. UMsweli ugxile ekudidiyelweni kwe-backend ne-artificial intelligence (i-AI), uMthethwa wasiza ngohlelo lolimi olukhulu, kwathi uCele wahola isakhiwo saleli thuluzi esenziwe salula ukuze kube lula ukulisebenzisa.
‘Besifuna ukwakha into ezwakala njengomeluleki engezukufana nokuthi umuntu ufunda ulwazi ku-inthanethi; kepha lapha kwakhiwe ithuluzi okulula ukufinyelela olwazini ngalo futhi liwusizo ngempela entsheni ethatha izinqumo ezinkulu ngekusasa layo,’ kusho uMsweli. ‘Baningi kakhulu abafundi abasalelwe ukuthi bazulazule befuna ukukhetha imisebenzi bodwa, bebe beneziqondiso ezincane noma ulwazi olufanele okunzima ukulithola.’
I-chatbot yathola ukunakwa kuzwelonke ngenkathi uMsweli eyethula eNgqungqutheleni Yentsha yaseNingizimu Afrika Yokubusa Ku-inthanethi ngaphansi kwendikimba ethi: “Ukunikeza Amandla Izinqumo Zemisebenzi ekhethwa Yintsha Ngosizo lwe-AI”. Uyisebenzise njengesibonelo sokuthi i-AI ingakusekela kanjani ukwenza izinqumo kwentsha isinolwazi.
Ngisebenzise i-Career Path Advisor Chatbot yethu njengesibonelo socwaningo ukuze ngigqamise amandla e-AI ekuxazululeni izinselele zomphakathi, ikakhulukazi ukuntuleka kwesiqondiso sokweluleka ngamathuba emisebenzi kubafundi. Ngiyethemba ukuthi lo msebenzi uzokhuthaza umoya wokuqamba kanye nokuxazulula izinkinga emphakathini wabafundi base-UKZN,’ esho.
ILek’shara yabo, uDkt Mpho Mzingelwa, ube ngumqondisi wabo kulo lonke uhlelo oluthathe unyaka wonke, ebakhuthaza ukuthi bacabange ngomthelela womsebenzi wabo emphakathini. Ngokusekelwa yithimba lakhe, umeluleki nomndeni, uMsweli uzimisele ngokuqhubeka nokusebenzisa ubuchwepheshe ukuxazulula izinkinga zangempela.
Manje njengoba eseqhuba izifundo ze-BCom Honours in Information Systems and Technology, uMsweli usegxile endaweni lapho ubuchwepheshe buhlangana khona nosomabhizinisi nabantu. Uthemba ukuthi i-chatbot ivusa ukuqamba okusha phakathi kwabafundi.
Ngokwakha into ekhuluma ngqo nezidingo zabafundi, besihlose ukukhombisa ukuthi ukudala umthelela ophusile ngamakhono esiwafundayo kuyenzeka,’ usho kanje. ‘I-UKZN ihlezi igqugquzela usiko lokugqugquzela ukwenza kahle kakhulu futhi lo msebenzi ukhombisa indawo lapho abafundi bekhuthazwa ukuthi bangagcini nje ngokufunda, kodwa baphinde babe ngabaholi, bakhe futhi bathuthukise abanye ngomsebenzi wabo,’ kusho uMsweli.
Umbhalo: Ayanda Radebe
Isithombe: Sithunyelwe



