I-Postgraduate Diploma in Industrial Relations isiphume phambili ohlelweni lokubuyekezwa.Iziqu Zomthetho zase-UKZN Ziphume Phambili Kwenziwa Uhlelo Lokubuyekezwa
Click here for English version
I-Postgraduate Diploma in Industrial Relations (kafuphi, i-PDIR) nehlinzekwa yiSikole Somthetho ngokusebenzisa i-Centre for Extended Legal Studies (CELS) ese-UKZN isisigcinile isimo sayo semfundo eseqophelweni eliphezulu ngemuva kohlelo lokubuyekezwa.
Lokhu kubuyekezwa kwenziwe yi-Labour Dispute Resolution (LDRP) ngendlela yeKhomishana eyaziwa ngele-CCMA kanye nezinye izinhlaka zokubuyisana.
Ukubuyekezwa kwaminyaka yonke kwalezi ziqu zemfundo ephakeme, ezihlomisa abafundi ngamakhono okukhulisa amava okuxazulula izingxabano zezemisebenzi futhi ezisebenza njengosizo olukhulu uma befisa ukuba yizikhulu ze-Bargaining Council noma okhomishana be-CCMA, besekelwe ebufakazini obubhalwe phansi obethulwe uMphathi Wohlelo lwe-PDIR, uNksz Samukelisiwe Jali, kanye noMqondisi we-CELS, uMnu Shaun Kruger.
‘Siyajabula ukubika ukuthi siphumelele ngamalengiso kulokhu kubuyekezwa futhi sathola ukuhalaliselwa kanye nokubongwa ngokuzikhandla kwethu negalelo kuHlelo lwe-LDRP ngowezi-2024,’ kusho u-Kruger.
Wengeze ngokuthi uhlelo lokulungiselela ukubuyekezwa luhlanganisa nokwethulwa kombiko ophelele wonyaka wokufunda kowezi-2024 ukuze unikeze abamele le mboni isithombe esiphelele sempumelelo kanye nezinselelo ithimba lase-UKZN elihlangabezane nazo.
Ibamba loMqondisi wakwa-CCMA, uMnu Morwa-Mapale Setlago, uthe i-UKZN iqhubekile nokukhombisa ukuzibophezela kwayo ekuletheni iziqu ezihambisana neSivumelwano Sokusebenzisana kanye nezidingo zeNyuvesi.
u-Setlago uthe: ‘Ngakho-ke, imboni ye-LDRP, iyaqhubeka nokugunyaza uhlelo lwe-PDIR futhi ilubona njengendlela yokuthi abafundi bazibandakanye ngendlela enolwazi nangekhono elibanzi ngaphakathi kwenkundla yobudlelwano babasebenzi lapho bebuyela ezindaweni zabo zokusebenza ngemva kokuphothula uhlelo ngempumelelo. Lezi ziqu futhi zihlose ukuhlomisa abafundi ukuthi babambe iqhaza ngempumelelo ohlelweni lokulalela nokubuyisana njengabamele abasebenzi, noma njengabaxhumanisi abanekhono nabaxazululi, uma kwenzeka befaka izicelo zokuqokwa njengokhomishana be-CCMA noma ukuba yingxenye yephaneli le-Bargaining Council noma abahleli banoma yeyiphi inhlangano egunyaziwe.’
IDini YeSikole Sezomthetho kanye neNhloko uSolwazi uFreddy Mnyongani uthe: ‘Lo mphumela omuhle uqinisekisa ukuzinikela kwethu ekuhlinzekeni ngezinhlelo ezihlangabezana nezidingo zemboni - nokuwukuzibophezela kukho konke esikwenzayo.’
Umbhalo: Thandiwe Jumo
Isithombe: Shutterstock



