Abafundi abenza unyaka wokuqala be-Occupational Therapy oNks Savannah Prange (kwesobunxele) noNks Asivenathi Plaatjie.I-Halcyon Theatre: Indawo Yobuciko Yokwelapha Abafundi Ngengqondo
Click here for English version
Ukubhekana nesihlava esibhebhethekayo sesimo sengqondo yentsha, umfundisi we-Occupational Therapy uDkt Chantal Christopher, enabafundi abenza unyaka wesine uNks Savannah Prange noNks Asivenathi Plaatjie, bethule i-The Halcyon Theatre, umkhankaso wezempilo ohlanganisa indlela enobuciko nokweseka isimo sabantu sesimo sengqondo yabo.
Begqugquzelwa okumelwe wuphawu lwe“Halcyon”, uphawu olumele ukuthula phakathi kwesiphithiphithi, lo mkhankaso uhlinzeka indawo yokwelapha lapho khona abafundi bekwazi ukuninga, baxhumane futhi balulame.
‘Izinsuku zokuthula azibonakali ngokuthi kungabinabunzima kodwa zibonakala ngokukwazi ukuthola ukuthula nokuvuseleleka ngisho nangezikhathi zobunzima,’ kusho uDkt Christopher.
I-Halcyon Theatre, eyingxenye yomkhankaso obanzi i-Youth in Bloom, ikhombisa ukuthi ukululama akusho into ehamba iqonde, njengezimbali ziqhakaza ngesikhathi esithile sonyaka. Iyindawo yokukhosela yabafundi ababhekene nobunzima bokufunda nobempilo ngokuhlinzeka izikhathi ezithile masonto onke ngendlela enobuciko njalo ngoLwesithathu phakathi kwehora le-9 ekuseni kuya kwele-12 emini e-Multi-Purpose Room (E Block, ekhempasini yase-Westville).
Lo mkhankaso, ovunyelwa yizibalo ezishaqisayo ze-UNICEF (United Nations Children’s Fund) ezikhombisa ukuthi ama-75% entsha ephakathi kweminyaka eyi-15 nama-24 adinga ukusekwa ngokwengqondo kepha angaphansi kwama-10% akutholayo uhlose ukuvala lelo gebe ngobuciko, ukuzikhulumela ne-occupational therapy.
Abafundi abenza unyaka wokugcina we-occupational therapy nalo mkhakha ukuhlela lezi zithangami, okugxile ekulawuleni imizwa, ukuxhumana komphakathi nokusebenza okubonakalayo. Bonke abafundi bamukelekile ukuza noma ukubekisa isikhala kulolu hlelo ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ready to Bloom”.
Bekisa isikhala lapha noma uthumele i-email ku: halcyontheatre0@gmail.com
Ufisa ukusiza noma ukubangomunye wethimba? Thumela i-email ku: christopherc@ukzn.ac.za
Amagama: wuNombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe



