Iqhawe elisadla anhlamvana lase-UKZN uSolwazi Girish Mody.Indondo Yeqophelo Eliphezulu Eyaziwa ngele-AFLAR Master Award for Lifetime Achievement Kwezokulapha Izifo Zamathambo
Click here for English version
I-African League of Associations for Rheumatology (AFLAR) ikhiphe indondo yabo yeqophelo eliphezulu, eyeziwa ngele-AFLAR Master Award, kuDokotela odumile waseNingizimu Afrika wezifo zamathambo, uSolwazi Girish Mody, onguSolwazi osathatha umhlalaphansi wase-UKZN, ngokubonga iqhaza lakhe elimangalisayo emkhakheni we-rheumatology e-Afrika yonkana impilo yakhe yonke.
Yethulwa ngesikhathi seNgqungquthela ye-AFLAR e-Cameroon ngenyanga edlule, lo mklomelo ubungaza ubuholi obuvelele buka-Mody, umsebenzi wombono kanye nomthelela oqhubekayo wokwakha umhlahlandlela wokunakekelwa kwezifo zamathambo, imfundo kanye nocwaningo ezwenikazi. Le ndondo ingukukuhlonishwa okungajwayelekile futhi okuhlukile, ibekelwe abantu oqhaza labo libe nomthelela omkhulu ekuthuthukisweni kwe-rheumatology e-Afrika.
Ungumqali wendlela ngayo yonke indlela ongayicabanga, u-Mody waba yiNhloko yokuqala yoMnyango Wezifo Zamathambo e-UKZN. Phakathi nomsebenzi wakhe weminyaka eyishumi nane, useqeqeshe futhi weluleka izizukulwane zoDokotela bamathambo base-Afrika, wasungula izinsizakalo zezokwelapha eziyisipesheli, futhi wahola ucwaningo olungasukumi phansi oluhlanganisa izifo zamathambo phakathi kwabantu base-Afrika. Isikhathi sakhe sokuba nguMengameli we-South African Rheumatism and Arthritis Association kanye ne-AFLAR kanye-kanye, kanye nokuzibandakanya kwakhe nezinhlaka zamazwe ngamazwe ezifana ne-European Alliance of Associations for Rheumatology, i-American College of Rheumatology, i-Pan-American League of Associations for Rheumatology, kanye ne-International League of Associations for Rheumatology, kwaqinisa indima yakhe njengommeleli kanye nomhlanganisi ogqugquzela ukubambisana kanye nenqubekela phambili kumkhakha nasemphakathini we-rheumatogy emhlabeni wonke.
UMody wazalelwa endaweni yaseThekwini ngonyaka we-1950, wathola i-MBChB yakhe eNyuvesi yaseNatali ngonyaka we-1974, walandelwa yiziqu zobungcweti azithola e-Royal College of Physicians (e-UK) kanye ne-College of Physicians of South Africa. Ngemuva kokuphothula izifundo zakhe ze-rheumatology eKapa, ??wabuyela eThekwini ngonyaka we-1984 ukuyohola ezemfundo ephakeme kubantu abangaphezu kwezigidi eziyi-10 KwaZulu-Natal. Ngonyaka we-1987, waklonyeliswa ngeziqu ze-Doctor of Medicine eNyuvesi yaseKapa, ??kwathi ngonyaka we-1992, waba nguSolwazi wokuqala we-Aaron Beare Family we-Rheumatology e-UKZN - nokuyisikhundla asibambe waze wathatha umhlalaphansi ngonyaka wezi-2018.
Umsebenzi wakhe uphawuleka ngezindondo eziningi, okuhlanganisa i-Fellowship of the Royal College of Physicians (London), wathola ukuqanjwa ngele-Master of the American College of Rheumatology (udokotela wamathambo wokuqala wase-Afrika ohlonishwe kangaka), kanye nokukhethwa njengenxusa Leminyaka Eyishumi Yamathambo Namajoyini eyamukelwa yiZizwe Ezihlangene. Uphinde wasebenza njengeDini yeSikole Sezobudokotela sase-UKZN kusukela ngowezi-2005 kuya kowezi-2006. Ngonyaka wezi-2023, u-Mody wahlonishwa njengeqhawe eliphilayo lase-UKZN ngamagalelo akhe kwezesayensi, ezokwelapha kanye nobuholi bezempilo yomphakathi emashumini ambalwa eminyaka.
Kulo lonke uhambo lwakhe olumangalisayo, u-Mody ubengaziwa nje ngokwenza kahle ezifundweni, kodwa waziwa nangokuthobeka, ubuqotho, nokuzinikela ekuphakamiseni amazinga okunakekelwa kwezempilo emiphakathini yase-Afrika. Umklomelo we-AFLAR Master wangowezi-2025 uwumnikelo ofanelekile njengoba ezinikele ekwenzeni okuhle kanye nokuthuthuka Kwezokwelapha.
‘Igama likaSolwazi Mody selifana nse nobuqotho, ubuhle kanye nobuholi obunombono emkhakheni we-African rheumatology,’ kuphawula owe-AFLAR esicashunisweni sayo esisemthethweni.
Ukuhlonipha kuwubufakazi obuhlala njalo nokuyifa eliyoqhubeka nokugqugquzela odokotela, abacwaningi kanye noThishai e-Afrika nangale kwayo.
Umbhalo: MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe



