Umfundi we-Mechanical Engineering uMnu Keyuren Maharaj, kanye nethimba lakhe bagibela i-SLFC Spindrift.Umfundi Wozobunjiniyela be - Mechanical Engineering uzobhekana Nomqhudelwano Owaziwa ngele - Mirror World Championships
Click here for English version
UMnu Keyuren Maharaj, oneminyaka engama-22 ongumfundi we-Mechanical Engineering wase-UKZN, uzomela iTheku emqhudelwaneni ohlonishwayo i-Mirror African and World Regatta.
Le-Sailer esencane, liqale uhambo lwalo e-Glenwood High School, lizoqhudelana lihambisana nomfowabo emcimbini wamazwe omhlaba ozoba sePhoyinti e-Ushaka Beach ngo-Mbasa kophezulu.
Lesi sakhamuzi saseGlenwood saqala ukuhamba ngomkhumbi ngowezi-2016 njengengxenye yohlelo lokuhamba ngomkhumbi lwesikole i-Glenwood High School futhi manje sesiphethe isicoco se-Commodore ye-UKZN Yacht Club.
‘Ngaqala ukuhamba ngomkhumbi ngifunda iBanga lesi-8. Ngesikhathi senhlolokhono yami yokufaka izicelo ngiseBangeni lesi-7, ngathola mayelana nokuhamba ngomkhumbi futhi ngacabanga ukuthi kungaba ezemidlalo engingazizama. Akekho emndenini wami owake wahamba ngomkhumbi futhi ababaningi abantu abathola ithuba lokuzama ezemidlalo ezifana nalona,’ usho kanje.
Uthole ithikithi likakaputeni eneminyaka eyi-16 ubudala futhi waphatha isicoco se-Container World ngowezi-2018. Manje usengukaputeni weqembu lase-UKZN egibele isikebhe sabo se-L26, i-SLFC Spindrift, ehlanganisa abafundi abangaba ama-20 unyaka ngamunye. Iqembu lakhe lomjaho linamalungu ayisithupha.
‘Njengokaputeni, uwena ophethe isikebhe kanye nethimba lonke. Ukuhamba ngomkhumbi kuwumdlalo ongawenza uze ufe. Kuyikhono engingalisebenzisa emhlabeni wonke ukuze ngikwazi ukuziphilisa ngalo esikhathini esizayo uma ithuba likhona.’
UMaharaj usebambe iqhaza emiqhudelwaneni eminingi kusukela ezikhungweni zemfundo ephakeme kuya emicimbini kazwelonke njengomcimbi we- annual MSC Week. elisingathwa yi-Point Yacht Club engoNtulikazi kanye ne-Lipton Cup, engenye yama-regatta amadala nehlonishwayo eNingizimu Afrika.
Okunye okungigqamele kakhulu kwaba ngenkathi ngithola indondo yami yaseNingizimu Afrika ngokuphuma endaweni yesibili kumqhudelwano we-L26 Nationals, kanye nokuwina ama-regatta amathathu e-interschools eminyakeni edlule.’ Uthe uyayithanda inkululeko yokuhamba ngomkhumbi.
‘Umzuzu engingasoze ngawukhohlwa emanzini wawungonyaka wezi-2019 lapho sasivaleleke olwandle ngenxa yesiphepho ngesikhathi kuqhubeka i-MSC week. Ngangineminyaka eyi-16 nje kuphela ngangihola iqembu elisha kuleyo mimoya eyayidla amagalane isho ukusiqeda, ngisakhumbula ngisho indlela esasithuke ngayo kulawo magagasi.
‘Lesi kwaba yisipiliyoni esingafani nezinye ngoba kwakufanele ngenze izinqumo ezisheshayo nezibaluleke kakhulu kuleso sikhathi futhi ezazizoba nomthelela omkhulu kwithimba lami kanye nesikebhe uqobo.
Ujabule kakhulu ngomqhudelwano i-Mirror Africans Worlds Regatta, lapho ezobe eqhudelana ehamba kanye nomfowabo.
‘Leli yithuba eliyingqayizivele elitholakala kanye empilweni nangenxa yokuthi lisingathwe eNingizimu Afrika futhi lizoba khona la eThekwini namaphethethelo futhi akubona bonke abathola ithuba lokuhamba ngomkhumbi emqhudelwaneni Womhlaba.
‘Umfowethu uSeshen, ofunda umatikuletsheni e-Glenwood High, kanye nami sizobe siqhudelana nabantu abavela kuwo wonke umhlaba. Ngikhuthaza wonke umuntu waseThekwini ukuthi eze azobukela njengoba kuzoba nomcimbi omangalisayo ngasePhoyinti.’
I-Mirror Africans and Worlds Regatta izoba kusukela mhla ziyi-14 kuya ku-19 kuMbasa futhi isingathwe yi-Point Yacht Club endaweni yabo ye-Beach Club.
Umbhalo: Monishka Govender,we -The Post
Izithombe: Zithathwe abe - The Post



