Amalungu eBhodi le-KUMISA (esuka kwesokunxele): UMnu Thando Nyameni, Nksz Debbie Mari, Dkt Lindiwe Kunene, Mnuz Mbongiseni Ndhlela, Nksz Zandile Tembe, noMnuz Sifiso Kalinjani.Uhambo LwaSolwazi Lokuba Nomthelela Kwezamabhizinisi Kwezemfundo Luyaqhubeka Yize Evalelisa NjengoSihlalo
Click here for English version
Emva kweminyaka emihlanu esebenza njengoSihlalo weBhodi, ehola i-KwaZulu-Natal United Music Industry Association (KUMISA), nokuyinkampani engenzi nzuzo (NPC) ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal (EDTEA), uDkt Lindiwe Kunene, oyiLek’shara esimnkantshubomvu kwezokuPhatha kanye nezamaBhizinisi eKolishi Lezifundo Zomthetho Nokuphatha, ebevalelisa.
Ukuhamba kwakhe kuvezwe kwi-Annual Business Brunch yesihlanu ye-KUMISA, nokuwumcimbi obugxile ekukhuleni komthelela wezobuchwepheshe be-artificial intelligence (AI) embonini yomculo njengendikimba yabo kulo nyaka.
Lo mcimbi ubuhlanganisa izingxoxo zephaneli mayelana nezingqinamba embonini, lapho uKunene agqamise i-AI kanye nokunye ukuthuthuka kwezobuchwepheshe njengezithiyo emkhakheni wezobuciko. ‘Inhloso yethu bekuwukwakha imboni yomculo ethuthukayo, eqinile e-KZN - engaqhutshwa nje kuphela wubuciko nokuba namasu okusungula kodwa futhi evikelekile iphinde isekelwe imibono yangaphandle komkhakha,’ kuphawula yena.
UKunene uqokwe eKUMISA ngesikhathi sezinselelo ezinkulu zesakhiwo ukusiza ukusungula izinhlaka zokubusa zenhlangano.
‘Ngenxa yokwehlukahlukana kwemikhakha yosomabhizinisi kanye nokuthuthukiswa kwamabhizinisi asemancane, i-KUMISA ikubonile ukubaluleka kokusungula iBhodi elakhiwe ngabantu bezinhlaka ezahlukene abazokwazi ukuba neqhaza ekuyikhuliseni,’ kusho uKunene.
Ngaphansi kobuholi bakhe, i-KUMISA igxile ekuthuthukiseni umnotho wezimboni zezobuciko zaKwaZulu-Natali ngokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukuqeqeshwa kwamakhono ezamabhizinisi, kanye nokugqugquzela umbono wokuthi umculo uwubuciko futhi uyibhizinisi elidinga ukuqashwa ngelokhozi. Okunye ukuhlomula okuhamba phambili kwaba wukusungulwa kwe-Black Umbrellas incubator yokuqala yomculo, neyahlolwa ngonyaka odlule.
‘Eminyakeni edlule, umsebenzi wami wokucwaninga, ukubonisana, nokufundisa ubugxile kakhulu ekusizeni amabhizinisi amancane ukuba athathe futhi asebenzise izinhlelo, izinqubo, kanye nezinhlaka zokuphatha ezibalulekile ukuze aphumelele’
UKunene usebenzisa izifundo azithola ngesikhathi ese-KUMISA emsebenzini wakhe wamanje womkhakha wokuthuthukisa amabhizinisi asemancane kanye namabhizinisi asesimeme.
‘Le mininingwane ilolonge umsebenzi wami wezemfundo futhi yaba nomthelela ohlelweni lwe-software engiluthuthukisayo, nokuhloswe ngalo ukuhlinzeka ngesixazululo esibanzi sokuthuthukiswa kwe-enterprise and supplier development (ESD) kanye nokukhula kwamabhizinisi amancane, aphakathi nendawo, namancanyana (nokwaziwa phecelezi ngele-SMME), okuqinisekisa ukuthi amabhizinisi amancane athola ukwesekwa okuphelele kuyo yonke imisebenzi ebalulekile–ngendlela engafani nezixazululo ezikhona ezimakethe ezikhetha iphela emasini ngokubhekana nezindawo ezithile kuphela,’ kuchaza yena.
Ecacisa kabanzi ngegalelo le-KUMISA, wethule ukuthi inhlangano isiyibekile induku ebandla emkhakheni wezobuciko.
UKunene osebe yilungu leBhodi iminyaka eyishuminaye (11) uzwakalise ukuzethemba nge-KUMISA ukuthi izokwazi ukuqhubeka nokumela amalungelo nokuthuthukiswa koNgoti kwezomculo.
Umbhalo: Ayanda Radebe
Isithombe: Sithunyelwe



