Ongoti bezinto eziphilayo zasolwandle base-UKZN bavakashele umkhumbi wocwaningo wase-Norway owaziwa ngele-Dkt Fridtjof Nansen, eChwebeni laseThekwini.Izazi Zomkhakha i-Marine Biology zase-UKZN Zivakashele Isikhungo Esiwumkhumbi Wocwaningo sase-Norway, Owaziwa ngele-Dr Fridtjof Nansen
Click here for English version
Abasebenzi base-Marine Biology kanye nabafundi abaqhuba iziqu eSikoleni Sezifundo ze-Life Sciences bamenywe ukuba bavakashele isikhungo esiwumkhumbi wocwaningo wase-Norway i-Dkt Fridtjof Nansen esechwebeni laseThekwini ngoLwesine, zingama-28 kuNhlolanja.
Lo mcimbi ubugubha iminyaka engama-50 kwasungulwa uhlelo lwe-EAF-Nansen futhi ubusingathwe ngokuhlanganyela yiNhlangano Yezokudla Nezolimo (eyaziwa ngele--FAO) yaseNingizimu Afrika, uMnyango Wezamahlathi, Izinhlanzi Nezemvelo (i-DFFE), kanye nohulumeni wase-Norway.
Ngemva kwamazwi okwamukela kaNks Marisa Kashorte (DFFE, SA), ababehambele lo mcimbi inkulumo bayethulelwe nguDkt Babagana Ahmadu (FAO, SA), uNksz Hilde Dahl (omele uMnu Gjermund Saether, inxusa laseNorway e-SA), kanye noMnu Wickness Rooifontein (obemele Ms Sue Middleton, oyi-DDG, Fisheries Management Branch, DFFE, SA).
Abahlanganyeli babe sebehambela izethulo eziningana ehholo lomkhumbi ngaphambi kokuba baqale uhambo oluqondisiwe lokuya eziteshini zocwaningo ngomkhumbi oholwa abasebenzi kanye noSosayensi basolwandle be-Norwegian Institute of Marine Research (IMR).
Babona ukudotshwa ngamanetha nokuhlelwa kwamasampula emphemeni, nokwalandelwa ukuvakashela amalebhu ahlukahlukene, okuhlanganisa lawo okuhlonzwa kwesampula yasolwandle, amasampula ezinhlanzi, ukuhlaziya i-plankton, ikhwalithi yamanzi, ukuhlaziya amakhemikhali nokondleka, kanye ne-acoustic, imephu yaphansi yolwandle, kanye namasampula enhlabathi.
Ingxenye yokugcina yalolu hambo, eyaqhutshwa ukaputeni kanye nesikhulu sokuqala, kwaba ukuvakashela ibhuloho, nokuyisikhungo esiyinhloko sokulawula ukuhamba nokuqondisa umkhumbi, lapho ukaputeni evame ukwengamela khona ukusebenza.
Ngaphandle kokubuka okuhlaba umxhwele okuvela phezu komkhumbi, izinga lobuchwephesha lamathuluzi namakhompyutha asebhulohweni, afana nanjengalawo akulebhu yochwepheshe emkhunjini, lathakaselwa yibo bonke.
Ngemuva kohambo, abebehambele lo mcimbi bamenywelwe esidlweni ukuze bathole okuya ngasethunjini emphemeni womkhumbi kanye nethuba lokuxhumana nososayensi, osopolitiki kanye namalungu ezinye izinhlangano.
UMnu Gan Moodley, isikhulu esihlonishwayo socwaningo, kanye noMnu Liam Ferguson, uchwepheshe wezasolwandle, bobabili baseSikoleni Sezifundo Ze-Life Science, bebephelezele abafundi kulolu hambo.
‘Leli bekuyithuba eliyingqayizivele kubafundi bethu abaqhuba iziqu lokuba bathole ithuba lokubona ngamehlo isayensi. Ukuvakasha okuqondisiwe eziteshini ezihlukahlukene, nezincazelo zochwepheshe kanye nezinga lobubanzi bemishini yesayensi esemkhunjini, kudalule abafundi ukuthi amasampula asolwandle angasogwini (offshore marine samples) aqoqwa kanjani, abonakala kanjani, acutshungulwe futhi ahlaziywe kanjani. Bakwazi futhi ukubona ukuthi idatha ayisebenzi nje kuphela njengesifundo kwizindawo okuthathwe amasampula kuzona kodwa ingasetshenziswa nasezifundweni ezihlanganisa ama-food-webs, ukudoba, ukushintsha kwesimo sezulu, izifundo ze-pollution, ukongiwa kolwandle kanye nemithetho, phakathi kokunye.’
‘Ukubonga kwethu okukhulu kuya kwi-FAO, i-DFFE kanye noHulumeni wase-Norway ngokuhlela lolu hambo, futhi sifisela uHlelo lwe-Nansen konke okuhle emizamweni yabo yocwaningo,’ kwengeza uMoodley.
Umbhalo: NdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe



