USolwazi Shahidul Islam uklonyeliswe ngendondo ekhethekile kuCwaningo Oluyisisekelo engqungqutheleni ye-Diabetes Asia 2024.Ungoti Wesifo Sikashukela wase-UKZN Uhlonishwe Ngendondo Ekhethekile Engqungqutheleni Yesifo Sikashukela e-Asia 2024
Click here for English version
USolwazi Shahidul Islam, onguSolwazi Ogcwele Kwi-Biochemistry kanye noMholi Wezemfundo we-Biotechnology Cluster (ikhempasi yase-Westville) ngaphakathi kweSikole Sesayensi Yezokuphila, uthole indondo ehlonishwayo futhi eyedwa Yekhethelo emkhakheni we-Basic Research eNgqungqutheleni ye-Diabetes Asia 2024 ebingomhlawe-17 kuya ku-19. Ngo-Mfumfu eKuala Lumpur, ese-Malaysia.
Lo mklomelo uwubufakazi bocwaningo lukaSolwazi Islam oluyingayizivele kanye negalelo elivelele emkhakheni wesifo sikashukela kanye nesifo se-metabolic syndrome.
Umklomelo ka-Islam ufike lapho kuhlonishwa isethulo sakhe esithi “Effects and Molecular Mechanisms of Seaweed-Derived Bioactive Compounds on Diabetic Complications”, ekhethwe ezethulweni ezingama-30 ezihlukene. Ucwaningo lwakhe, olubheka amandla okwelapha ezinhlanganisela zemvelo ze-bioactive ezivela olwandle lwaseNingizimu Afrika lokulawula isifo sikashukela kanye nezinkinga ezihambisana naso, lwagqama phakathi kwenkundla yokuncintisana kakhulu yabacwaningi bamazwe ngamazwe.
Ingqungquthela ye-Diabetes Asia ingesinye sezinkundla ezinkulu zomhlaba jikelele zocwaningo lwesifo sikashukela futhi iveze izikhulumi nochwepheshe abaqavile abavela emhlabeni wonke.
Njengomcwaningi onolwazi lweminyaka engaphezu kwengu-20, umsebenzi ka-Islam ugxile ekuthuthukisweni kwezixazululo ezintsha zika type-2-diabetes kanye nesifo sokukhuluphala. Ucwaningo lwakhe luhlanganisa izindlela ezehlukene, okuhlanganisa kodwa kungagcini nje ngokusungula izindlela ezintsha zokulapha i-type-2-diabeties kanye sesifo sokukhuluphala ezisebenzisa izilwane ze, uphenyo lwemiphumela ye-antidiabetic kanye ne-anti-obesogenic yokudla okwelapha nokusebenzayo, esikhundleni sikashukela wemvelo nowokwenziwa, isitshalo sokwelapha, izingcaphuno, izingxenyana kanye nezinhlanganisela zazo ezihlukanisiwe ezihlanzekile, kuhlanganiswe izinhlanganisela ezihlanzekile kanye nendlela yesenzo yamangqamuzana.
Ngokuhlola izindlela zamangqamuzana abangela imiphumela yalezi zinto, wembula izindlela ezingaba khona zokungenelela ezintsha zokwelapha nasekulawulweni kwesifo sikashukela. Ngenxa yomthelela wocwaningo lwakhe emhlabeni jikelele, u-Islam engaheha ngempumelelo abahlanganyeli bocwaningo abavela emhlabeni wonke okubalwa i-USA, Australia, China, Switzerland, India, Japan, Nigeria, Tanzania kanye namanye amazwe amaningi.
‘Ngizizwa ngihloniphekile ngokuthola le ndondo,’ kusho u-Islam. ‘Akubonisi nje kuphela ukuzikhandla kwethimba lami labacwaningi kodwa futhi nomzamo obanzi womhlaba wonke wokuthola ukwelashwa okusimeme, nokungokwemvelo kwenye yezinselelo ezicindezela kakhulu ezempilo emphakathini emhlabeni jikelele esikhathini sethu. Lokhu kuqashelwa kungishukumisela ukuba ngiqhubeke ngithuthukise ucwaningo kulo mkhakha obalulekile impilo yami yonke.’
Indlela ka-Islam eya kule mpumelelo yakhelwe wumsebenzi wezemfundo ohlaba umxhwele. Uphothule izifundo zakhe ze-BSc (Hons) kanye ne-MSc kwi-Biochemistry e-University of Dhaka, e-Bangladesh, ngaphambi kokuphishekela iziqu ze-PhD ku-Nutritional Science e-Okayama University e-Japan. Ucwaningo lwakhe ngemuva kweziqu zobuDokotela lwamyisa ezikhungweni eziseNingizimu Korea, eNingizimu Afrika, e-Switzerland kanye naseNdiya. Isipiliyoni asithola kumazwe ngamazwe yisona esakhulisa ulwazi nobuchwepheshe bakhe okwambeka njengomholi emkhakheni wesifo sikashukela kanye nocwaningo lwezifo ze-metabolic. Ngenxa yalokho, uqokwe waba yi-Co-Editor-in-Chief ye-World Journal of Diabetes kanye nabanye ababili abavela e-Australia nase-USA kusukela ngowezi-2021.
Ngaphezu kocwaningo lwakhe, uSolwazi Islam uyiLekshara kanye nomeluleki ozinikele, njengoba eseqeqeshe inqwaba yabafundi abathola iziqu e-UKZN. Ukuzinikela kwakhe ekukhuthazeni isizukulwane esilandelayo sabacwaningi kumenze wahlonishwa kaningi, okuhlanganisa nendondo yothisha abahlonishwayo ngowezi-2015 kanye nemiklomelo eminingi angama-30 yabacwaningi abahamba phambili ephuma e-UKZN ngowezi-2017, 2019, 2021 nango-2023. Ngenxa yegalelo lakhe elihle nelisabalele e-UKZN ocwaningweni, ekufundiseni, nasebuholini, usanda kumenyezelwa njengo-2025 Fellow of the University of KwaZulu-Natal, okungenye indlela ehamba phambili ngokuhlonishwa ngezifundiswa kulesi sikhungo.
Igalelo elibalulekile lika-Islam olwazini lwesayensi libonakala erekhodini lakhe elibanzi lokushicilelwa, elinezihloko zocwaningo ezingaphezu kwama-220 nezahluko zezincwadi eziyi-14 egameni lakhe. Umsebenzi wakhe ucashunwa kabanzi, futhi ithonya lakhe lidlulela emhlabeni wonke ngendima yakhe njengomhleli nombuyekezi wamajenali amaningi anethonya eliphezulu emkhakheni wocwaningo lwe-pharmacology, nutrition, kanye ne-diabetes.
Ucwaningo lwakhe luphinde luveze ukubaluleka okukhulayo kwezinye izindlela zokwelapha ekulawulweni kwezifo ezingamahlalakhona ezifana nesifo sikashukela. Ukusetshenziswa kwezingxube ze-bioactive ezithathwe olwandle, obekugxile kakhulu ekwethulweni kwakhe okuwine imiklomelo, kuyingxenye yenkambiso ebanzi ekuhloleni kwesayensi imikhiqizo yemvelo njengezinketho zokwelapha ezisebenzayo. Njengoba isifo sikashukela sithinta izigidi emhlabeni wonke, umsebenzi kaProfesa Islam unikeza ithemba lokuthuthukisa ukwelashwa okuphumelelayo, okufinyelelekayo nokuqhubekayo.
Le ndondo ka-Islam akuyona nje kuphela impumelelo yakhe yedwa kodwa futhi kuletha ukuhlonishwa kwe-UKZN kumazwe ngamazwe njengesizinda socwaningo oluphambili kwisayensi yezempilo. Kwengeza ohlwini lwakhe oluhlaba umxhwele lwezindondo, okuhlanganisa nokuqashelwa yi-Korean Endocrine Society, i-Japan Diabetes Society kanye ne-International Diabetes Federation. Njengomcwaningi ophethe izilinganiso ze-C1 zeNational Research Foundation (NRF) yaseNingizimu Afrika, uyaqhubeka nokukhuthaza ontanga nabafundi ngokuzinikela kwakhe ekuthuthukiseni ulwazi ekulweni nesifo sikashukela.
Umbhalo: Sally Frost
Izithombhe: Zithunyelwe



