USolwazi Phumlani Myende ekhuluma nabafundi njengengxenye yohlelo lwe-BANKSETA Skills for the Future Programme eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.Isikole Sezemfundo Siyingxenye Yohlelo Lwe-BANKSETA Olwaziwa ngele- Skills for the Future Programme
Click here for English version
ISikole sezeMfundo e-UKZN, ngokubambisana ne-Banking Sector Education and Training Authority (BANKSETA), sisungule uhlelo olubanzi lokuthuthukisa amakhono abafundi bebanga le-12 kwisinyathelo somhlaba okuhloswe ngaso ukuvala iskhala kweze-digital esikhona ukuze kulungiselelelwe abafundi ukuyoba ngabasebenzi.
Lesisinyathelo, esenziwe ngokusizwa yi-UKZN Foundation, sigxile ekufundeni nokubhala ngedijithali, ekuqeqesheni ukulungela umsebenzi kanye nokwelulekwa ngemisebenzi, kanye nemigomo abafundi abangaphansi kwezikole zasemaphandleni KwaZulu-Natal, sibanika amandla ngamakhono adingekayo ukuze baphumelele kwi-Fourth Industrial Revolution (4IR).
Lo msebenzi ubuholwa iPhini LeSekelashansela wezokuFundisa nokuFunda uSolwazi Thabo Msibi obambe njengeMphathi Womsebenzi Omkhulu , kanye nonguMphathi Womsebenzi uSolwazi Phumlani Myende weSikole Sezemfundo.
UMyende uthe, ‘Ukuqaliswa ngempumelelo kohlelo lokuqala nolwesibili lwe-Skills for the Future Programme eLimpopo ngowezi-2021 nangowezi-2022 kubonise abafundi abangama-300 bezikole eziyi-10 benikwa amandla okukwazi ukufunda nokubhala ngedijithali, ukulungela umsebenzi kanye nokwelulekwa ngemisebenzi. Lolu hlelo lubonise amandla eSikole Sezemfundo ukuletha ukungenelela kwezemfundo okunomthelela. Ngomlando waseLimpopo, iSikole sihehe uxhaso lwezimali ukuze siphindaphinde futhi sithuthukise le mpumelelo KwaZulu-Natali, futhi abafundi beBanga le-12 abangama-80 baseSifundeni sase-Pinetown babhaliswa kulolu hlelo kulo nyaka.’
Izikole ezisanda kuhlanganyela eKZN iKwaDinabakubo, iThokoza Mnganga, iKhabazela kanye ne-Dick Ndlovu secondary.
Ingxenye yolwazi lokufunda nokubhala yedijithali yohlelo yakhelwe ukuhlomisa abafundi ngolwazi namakhono abalulekile ezindaweni ezidingeka kakhulu njengezinhlelo zamakhompiyutha, izakhiwo, ukucubungula amagama, ukuphatha amaspredishithi, izinhlelo zesizindalwazi kanye nokubhala amakhodi. ‘Lawa makhono abalulekile ukuze abafundi bakwazi ukungena ndawo zonke futhi baphumelele kakhulu ngesikhathi sedijithali, ikakhulukazi njengoba becabangela imisebenzi emkhakheni wamabhange nezinye izimboni eziqhutshwa ubuchwepheshe,’ kusho uMyende.
Lolu hlelo luphinde lwethule abafundi kwezobuchwepheshe besimanjemanje obujulile bokwakha ama-softwares, nokugxile emigomeni ye-programming, ubunjiniyela bezama-software kanye nokuxazulula izinkinga. Lolu hlelo luhlose ukulungiselela abafundi ukuthi baqhudelane ngempumelelo emakethe yomhlaba wonke ngokugqugquzela ukusungula amasu kanye nezinto ezintsha.
Ingxenye eyingqayizivele yalolu hlelo wuhlelo lokweluleka oluvulelekile, olwenziwa ngokubambisana ne-Community Development Association Foundation (CDAF). Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuhlanganisa abafundi kanye nabafundi basemanyuvesi abenza kahle ezifundweni zabo, kuhlanganisa nalabo abasemkhakheni wamabhange. Abeluleki bazohlinzeka ngosekelo oluqhubekayo nokuqondisa, ukusiza abafundi ukuthi bazulazule ohambweni lwabo lwezemfundo nomsebenzi kusukela ekuqaleni baze baqede ukuqeqeshwa kwabo okuphakeme noma bangene emsebenzini.
Abafundi ababambe iqhaza baklonyeliswe ngezitifiketi zekhono kanye nokuya e-UKZN. Kukhona nezinhlelo zokwethula i-alumni club yabafundi, ezosebenza njengenkundla yokuxhumana okuqhubekayo phakathi kwabafundi, abagqugquzeli kanye nabeluleki ukuze kulandelelwe futhi kusekelwe inqubekelaphambili yabo.
Umbhalo: Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



