UDkt December Mpanza (kwesokunxele) noDkt Takshita Sookan-Kassie.I-UKZN Ibambe Iwebhina Ngokuvinjelwa Kwesifo Senhliziyo kanye Nesokufa Uhlangothi
Click here for English version
Inyuvesi YaKwaZulu-Natal eKolishi lezeSayensi yezeMpilo, eholwa yiPhini leSekelashansela uSolwazi Busi Ncama, isanda kuhlela inkundla yezokuxhumana egxile ekufundisaneni ngokuvinjelwa kwesifo senhliziyo kanye nesokufa uhlangothi.
Lesi sithangami sibe nezingxoxo zochwepheshe benhliziyo, i-neurology, i-occupational therapy, ne-biokinetics, abakhulume ngemininingwane ebalulekile mayelana nokuvimbela, ukutholwa kusenesikhathi, namasu okulawula.
Iwebhina ebiholwa nguMnuz Luther Monareng, ofundisa izifunde ze-Occupational Therapy futhi ofundela iziqu ze-PhD, ihlanganise izihloko ezibalulekile njengokuhlonza izimpawu eziyisixwayiso kusenesikhathi, ukululama emuva kokwelashwa, kanye nokubaluleka kokuvimbela ngokushesha ukuze kuthuthukiswe impilo yenhliziyo nengqondo.
UDkt Vinod Patel, oyiNhloko ye-Neurology esibhedlela Inkosi Albert Luthuli Central, ugqamise ubungozi nezimpawu zesifo sohlangothi, waphawula ukuthi ukuba ndikindiki kungazelelwe, ukudideka, kanye nenkinga yokubona noma ukulinganisela kuyizinkomba ezibalulekile. Ugcizelele isidingo sokuguqula indlela yokuphila njengokuyeka ugwayi, ukulawula isifo sikashukela, nokuzivocavoca njalo ukuze kwehliswe izingozi zohlangothi.
UDkt December Mpanza, oyi-Occupational Therapist ophinde asebenze njengoMholi Wezemfundo Yezokwelapha Emsebenzini e-UKZN, uchaze ngeqhaza lokululama ngokunyakaziswa komzimba ngokwezifo zenhliziyo nohlangothi. Uveze indlela yokwelapha yomuntu siqu, egxile emsebenzini, esiza iziguli ukuthi ziphinde zibe namakhono abalulekile futhi zithuthukise izinga lempilo.
UDkt Takshita Sookan-Kassie, umfundisi omkhulu we-Biokinetics, ugcizelele indlela “yokuvivinya umzimba njengomuthi,” ebonisa ukuthi ukuvivinya umzimba kunciphisa kanjani izingozi zesifo sikashukela, i-cholesterol ephezulu, kanye nomfutho wegazi ophakeme. Ukhulume ngomthelela obalulekile wokuzivocavoca okungaguquki ekulawuleni umfutho wegazi, ukuthuthukisa ukuzwela kwe-insulin, kanye nokuthuthukisa impilo yenhliziyo nemithambo yegazi. Ukuzivocavoca kungasetshenziswa futhi ekulawuleni lezi zimo ukuthuthukisa izinga lempilo nemisebenzi yokuphila kwansuku zonke
Le nkundla yezokuxhumana igcizelele ukuzibophezela kwe-UKZN emfundweni yezempilo yomphakathi, ihlomisa ababehambele lo mcimbi ngolwazi olubalulekile ukuze bavikele impilo yabo yenhliziyo nengqondo ngokukhetha indlela yokuphila enolwazi nokunakekelwa kokuzivikela.
Umbhalo: Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe



