Kuhlonishwe Ososayensi Base-UKZN
Click here for English version
Izifundiswa ezintathu zase-UKZN zingeniswe ukubangamalungu e-Academy of Science of South Africa (ASSAf) emcimbini wemiklomelo yaminyaka yonke we-Academy, babalwa nezinye izifundiswa nososayensi abavelele abangama-41 abangamalungu angonyaka wezi- 2024.
Umsebenzi omkhulu we-ASSAf wukuhlonipha izifundiswa ezivelele ngokuziqoka ukuthi zibengamalungu e-Academy, njengoba amalungu e-ASSAf evela emikhakheni ehlukene. Amalungu amasha akhethwa njalo ngonyaka ngamalungu avele ekhona.
Ubulungu be-Academy yinto enkulu kanti ngobokuhlonipha amagalelo kwezemfundo. Amalungu angumgogodla we-Academy kanti anikela ngesikhathi nobungcweti bawo emphakathini.
Amalungu aphelele e-ASSAf angama-730.
USolwazi Hussien Shimelis unguSolwazi oGcwele Wokulumbanisa Izitshalo eSikoleni SezeSayensi YezoLimo, YezoMhlaba NeyezeMvelo noSihlalo we-Crop Science noMqondisi we-African Centre for Crop Improvement eUKZN.
USolwazwi Serestina Viriri unguSolwazi oGcwele weSayensi Yamakhompiyutha, iDini neNhloko YeSikole Sezibalo, IziBalomidanti neZifundo ZeKhompyutha e-UKZN.
USolwazi Yandisa Sikweyiya unguSosayensi Omkhulu woPhiko LoCwaningi LwezoBulili neZempilo e-South African Medical Research Council (SAMRC) noSolwazi eSikoleni SezobuHlengikazi, Ezempilo Yomphakathi e-UKZN.
I-ASSAf, eyasungulwa ngoNhlaba wezi-1996, yasungulelwa ukuthi ibeyiqoqo lososayensi abahambisana nesikhathi sikahulumeni wentando yabantu eNingizimu Afrika nokuba ibeyisishabasheki sokusebenzisa isayensi ukuthi ihlomulise umphakathi nokuthi yemukele yonke imikhakha esebenzisa indlela egxile ocwaningweni ukwandisa ulwazi.
Ngakho i-ASSAf yafaka egameni layo itemu elithi “isayensi” ebunyeni ukukhombisa indlela efanayo yokuphenya kuneyokudidiyela imikhakha ehlukene. Amalungu ayo akhethwa ngenxa yezinto ezimbili; okungukuvelela ekufundiseni namagalelo amqoka emphakathini.
IPhalamende laseNingizimu Africa lashaya umthetho i-Academy of Science of South Africa Act (Umthetho wama-67 wezi-2001) kwasungulwa i-Academy mhla zili- 15 ngoNhlaba wangonyaka wama-2002. Lokhu kwenza ukuthi i-ASSAf ibengukuphela kwesikhungo sesayensi eNingizimu Afrika esaziwa nguhulumeni nesimele izwe phakathi kososayensi basemhlabeni jikelele.
I-ASSAf ibheka izinto ezimbili ezimqoka ukuze umuntu abeyilungu layo. Okokuqala kubangamagaleo amqoka ekuthuthukiseni nasekusebenziseni isayensi noma isayensi ekulekeleleni umphakathi. Okwesibili wukuzinikela okukhulu ekusizeni i-Academy ukuthi ifeze izinjongo zayo.
‘Siziqhenya kakhulu ngokuthi izifundiswa zethu zibengamalungu e-ASSAF ngonyaka wezi-2024,’ kusho iDini yoCwaningo yaseNyuvesi uSolwazi Neil Koorbanally. ‘Amalungu ethu amasha asebenza ngokuzikhandla futhi angabaholi emikhakheni yabo. Nginesiqiniseko sokuthi azobanegalelo e-Afrika naphesheya.’
‘Siyazihalalisela ngale mpumelelo yazo enkulu kanti sikubheke ngamehlo abomvu ukudlondlobala kwazo namagalelo azo emikhakheni yesayensi,’ kwengeza uSolwazi Anna Voce, iDini neNhloko eSikoleni SezobuHlengikazi neZempilo Yomphakathi
USolwazi Fhatu Mudau, IPhini Elibambile LeSeka Shansela neNhloko yaseKolishi LezoLimo, Ubunjiniyela neSayensi uthe: ‘Siyaziqhenya ngalo mklomelo ohlonishwayo, ukuthi niyizingqalabutho nokuthi niphakamisa igama le-UKZN.’
Amagama: wu-Sally Frost
Izithombe: Zithunyelwe