USolwazi Donrich Thaldar kanye nabafundi bezoMthetho base-UKZN ePitoli.Ungoti Wezomthetho Wezempilo e-UKZN kanye Nongusolwazi Womthetho Ufaka isandla Ecaleni Lenkantolo Ephakeme Elisematheni
Click here for English version
Isazi somthetho kanye nommangaleli onguchwepheshe, uSolwazi Donrich Thaldar, usanda kwamukelwa njenge-amicus curiae (umngane wenkantolo) yiNkantolo eNkulu yasePitoli ecaleni eliyingqophamlando lika-De Jager v Netcare.
Icala, elithinta ukuba semthethweni kokuqoqwa kwedatha yezempilo nge-surveillance, liphinde lanikeza ulwazi olusebenzayo kubafundi abayisithupha bezifundo zoMthetho ababa nenhlanhla yokuphelezela u-Thaldar ohambweni.
‘Icala likaDe Jager v Netcare liyisikhathi esiyingqopha-mlando ekuthuthukisweni kokulawulwa kwedatha yezempilo eNingizimu Afrika. Isinqumo senkantolo sizoba nemiphumela efinyelela kude yokuthi imininingwane yezempilo yomuntu iqoqwa kanjani, icutshungulwa kanjani futhi ivikelwe kanjani, ikakhulukazi endabeni yokugadwa ngamakhamera,’ kusho uThaldar. Wengeze ngokuthi leli cala liphinde liphakamise imibuzo ebucayi mayelana nokulingana/ibhalansi phakathi kwelungelo lobumfihlo kanye nesidingo sokubeka izinto obala ekuqulweni kwecala.
‘Njengoba umphakathi wethu uya ngokuya uqhutshwa yidatha nezobuchwepheshe, kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi izinhlaka zethu zomthetho zihambisana nentuthuko yezobuchwepheshe. Ngizizwa ngihloniphekile ngokufaka isandla kule nkulumo engokomthetho ebalulekile futhi ngibheke ngabomvu ukuhlanganyela ezingxoxweni zenkantolo ngalezi zindaba ezibalulekile.’
Belandisa ngalesi sigameko, abafundi uNkz Ayandiswa Mbhele, uMnuz Kudakwashe Mawowa kanye noNkz Owethu Mthethwa bavumile ukuthi ukuba yingxenye yezinqumo zenkantolo mayelana necala eliyinqaba kwakuwukufunda abafunga bagomela kukho, nokwaba yinto abangasoze bayikhohlwa.
‘Esikubonile kulethe ulwazi oluningi. Kusukela ekwamukeleni izihloko zempikiswano kuya ekuzweni izimpikiswano zomlomo ezivela kuSolwazi Thaldar nabanye abathintekayo endabeni, angigcinanga nje ngokuzuza ulwazi olubanzi, ngikwazile nokusebenzisa ulwazi lwami olukhona ecaleni elenzeka ngempela, elibandakanya abantu bangempela kanye nenqubo yenkantolo yangempela. Lokhu okuhlangenwe nakho awukutholi ngokufunda incwadi noma ukulalela iLek’shara ifundisa imiqondo,’ kusho uMbhele.
KuMawowa, leli cala lihambisana nezindawo azithakaselayo kwezoMthetho futhi lavuselela uthando lwakhe lokucwaninga umthetho wezempilo. ‘Mina mathupha ngibambe ingxoxo noSolwazi Thaldar ehlola izinto azithandayo. Siphinde saxoxa ngamathuba okuhlola imibono efanayo njengesiqalo esibheke kuphrojekthi yami yocwaningo yonyaka wesine semester elandelayo. Kwajabulisa kakhulu ukufunda ukuthi umuntu angasebenzisa isisekelo esifanayo esingafinyelela ku-PhD thesis,’ kusho yena.
Ngokuka Mthethwa ukuthola ithuba lokubakhona ecaleni futhi abone ukuthi lenzeka kanjani enkantolo nokubona ukuthi liphetha kanjani kwamupha ithuba eliyingqayizivele lokufunda. ‘Ngaphandle kwecala langempela, saphinde sabona nezinye izinto ezimangalisayo. Sahlala enkantolo eqhuba izindaba ezingaphikiswa. Kulokho, sabona ukuthi kwehluke kanjani enkantolo lapho kuhleli inkantolo enamaqembu amabili aphikisanayo. Sibe sesiqhubeka nokubuka sihambahamba inkantolo yonke. Njengomfundi owenza unyaka wesithathu we-LLB, ukuba yingxenye yalolu daba kubalulekile kimina njengoba ngihlela ukusekela ucwaningo lwami kulo ngonyaka ozayo. Ngifisa sengathi iNyuvesi ingaxhasa amanye mathuba afana nalawa ukuze nabanye abafundi bazuze.’
Umbhalo: Thandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe



