
USolwazi Shenuka Singh Uqokwe NjengoMengameli we-IADR-SA Division
Click here for English version
USolwazi Shenuka Singh, oyisifundiswa esiqavile kwezobuDokotela bamazinyo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), uqokwe njengoMengameli we-International Association of Dental Research South African (IADR-SA) Division.
Ukuqokwa kwakhe, okumenyezelwe engqungqutheleni yamazwe ngamazwe ye-IADR eMhlanga, KwaZulu-Natal, kuveza impumelelo enkulu emsebenzini wakhe.
Ezwakalisa ukubonga kwakhe, u-Singh uthe, ‘Ngiyabonga, IADR, ngokungethemba kwenu ukuthi ngiphathe uPhiko lwaseNingizimu Afrika eminyakeni emibili ezayo.’
Ugqamise indima ebalulekile ye-IADR ekukhuthazeni izingxoxo, ukuxhumana, nokusebenzisana ocwaningweni lwamazinyo, umlomo, kanye nolwe-craniofacial.
IDini Kanye neNhloko Yesikole Sekolishi Lezempilo e-UKZN (CHS) uSolwazi Busi Ncama, uhalalisele u-Singh ngokuqokwa kwakhe, wathi, 'Loku kuqokwa kukhombisa ukwethenjwa okubekwe kubasebenzi abangaphansi komkhakha we-Dentistry.' Ubalule ukuthi lokhu kukhula kugcizelela ukwelulekwa nokwesekwa i-CHS ekunikezayo ukuze kuthuthukiswe umuntu kanye nobungcweti kwabasebenzi, nokubenza bakwazi ukuba negalelo elinempumelelo futhi elaziwayo emikhakheni yabo.
U-Singh ugcizelele ukubaluleka kocwaningo njengensika yezeMfundo ePhakeme, evuma iqhaza locwaningo ekukhiqizeni uxhaso lwezimali nokwakha amandla ocwaningo. ‘I-IADR inikeza inkundla yomhlaba wonke ukusabalalisa ulwazi olutholwe ocwaningweni, nokho-ke, kufanele futhi siqinisekise ukuthi ukusabalalisa ulwazi kuyenzeka nalapha ekhaya, ikakhulukazi ngesikhathi kukhishwa umhlahlandlela wocwaningo kulabo abazobamba iqhaza ocwaningeni.
U-Singh uqinisekise ukuthi i-IADR-SA Division izoqhubeka nokukhuthaza ukubonakala ocwaningweni lwamazinyo ngama-webinars kanye nezinkundla zezinkulumo.
UDkt Rajeshree Moodley ungummeleli we-UKZN ekomidini eliphezulu le-IADR South African Division.
U-Singh uzwakalise ukubonga koDini bamaNyuvesi kanye namaPhiko ahlukene ngokweseka kwabo ekusimamiseni umgomo we-IADR, ebonga umhlangano wesayensi wama-53 weNhlangano. Uphinde wabonga uSolwazi Ahmed Bhayat, obenguMengameli we-IADR-SA, ngeqhaza lakhe ekufakeni ukumeleleka kwe-UKZN ekomidini eliphezulu le-IADR-SA.
Okugxilwe kakhulu ebuholini buka-Singh ukuzobhekana nezinselelo zezezimali ikakhulukazi ezezimali zobulungu, ebheka ikakhulukazi emazweni anentengo yemali ephansi-naphakathi (naziwa ngama-LMIC). Ucele ukuthi kubuyekezwe lezi zimali ezikhokhwayo, ethi, ‘Lokhu kuzonciphisa umthwalo wezezimali kumalungu amaningi nazikhokhele ngamaphakethe awo.’
Ukwengeza endimeni yakhe njengoMongameli we-IADR-SA, uSingh ungusolwazi ogcwele eMnyangweni Wamazinyo Wase-UKZN, kanye noSolwazi ohlonishwayo kwi-Medical Ethics and Law e-Stellenbosch University. Uneziqu ezimbili zobuDokotela - eyodwa ye-Clinical and Research Ethics ayithola eNyuvesi yase-Stellenbosch kanti enye ingeye-Dental Public Health ayithola eNyuvesi yase-Western Cape.
Ukuqashwa kwakhe okuphawulekayo kubalwa ukuba yiPhini likaSihlalo we-National Health Research Ethics Council (NHREC) eNingizimu Afrika (ngowezi 2023-2026), kanye noSihlalo we-Biomedical Research Ethics Committee e-UKZN (ngowezi 2024-2026).
Amagalelo ka-Singh ezimisweni zocwaningo ahamba ibanga lamazwe ngamazwe. Umenywe yiNhlangano Yezempilo Yomhlaba (i-WHO) ukuthi enze ithuluzi lokulinganisa ukuziphatha kocwaningo futhi unguMhleli wejenali ye-BMC Oral Health. Ukuzibandakanya kwakhe okubanzi emakomitini ezimiso zocwaningo kanye nanjengomcwaningi olinganiswe yiNational Research Foundation (NRF) kumzuzele ukuqashelwa ezweni lonke nasemhlabeni jikelele.
Ingqungquthela ye-IADR-SA, ebisingathwe yi-UKZN okokuqala ngqa, ibihanjelwe abantu abaqavile abafana noSolwazi Pam Yelick, onguMengameli Oqokiwe we-International Association of Dental, Oral and Craniofacial Research (IADR); USolwazi Manogari Chetty, uMengameli we-IADR, oPhikweni lwaseNingizimu Afrika; USolwazi Meghashyam Bhat, iNhloko Yezempilo Yamazinyo Yomphakathi, i-Rajiv Gandhi University of Health Sciences (RGUHS), i-Bengaluru, e-India; USolwazi Tulio Oliveira, uMqondisi - Kwazulu-Natal Research Innovation and Sequencing Platform (KRISP): UKZN; I-CTRI - Inyuvesi yaseStellenbosch; USolwazi Saadika Khan, uSihlalo: I-IADR Africa and Middle East Region (AMER); kanye nezithunywa ezivela ezikoleni ezahlukene zamazinyo ezweni lonke, kanye nabafundi.
UNcama uhalalisele uphiko Lodokotela Bamazinyo ngeqhaza elikhulayo lokuqeqesha ochwepheshe bezempilo yomlomo futhi wavuma iqhaza labo lokuvela kancane kancane kwalo mkhakha ekubeni umholi owaziwa emhlabeni wonke ocwaningweni nasekuqeqesheni iziqu. Waphawula wathi, ‘Kuyaphawuleka ukuthi izifundiswa ezinhlanu kweziyisithupha eziqashwe ngokugcwele emkhakheni wabo zineziqu zePhD.’
IKolishi Lesayensi Yezempilo libheka le ngqungquthela njengethuba lokugubha impumelelo yabasebenzi nabafundi ocwaningweni lwamazinyo kuyilapho lihlola izinkundla ezintsha zokuthuthukisa ama-ajenda ocwaningo ngokufundisa, ukuzibandakanya komphakathi, nobuholi.
UNcama uphethe ngokuhalalisela umnyango, oholwa uMholi Wezemfundo, uDkt Ilana Moodley, kanye neKomidi Lendawo Elihlelayo, eliholwa nguDkt Tufayl Muslim, ngobuholi babo obuyimpumelelo engqungqutheleni yama-53 ye-IADR-SA Division.
IDini yeSikole Sesayensi Yezempilo, uSolwazi Khathutshelo Percy Mashige, uzwakalise ukuziqhenya okukhulu nokuncoma ukuqashwa kuka-Singh njengoMongameli we-IADR eNingizimu Afrika. ‘Egameni leSikole SeSayensi Yezempilo, ngizizwa ngihloniphekile ukudlulisa ukuhalalisela uSolwazi Shenuka Singh ngokuqokwa kwakhe okuhloniphekile njengoMongameli we-IADR - South African Chapter. Le ndima ehlonishwayo ikhombisa amagalelo akhethekile kaSolwazi Singh kulo mkhakha kanye nobuholi bakhe obungantengantengi ekuthuthukiseni ucwaningo lwamazinyo, lomlomo, nolwe-craniofacial endaweni kanye nasemhlabeni jikelele.’
UMashige ubalule ukubaluleka kwale mpumelelo, ehambisana nokusingatha kweNyuvesi yaKwaZulu-Natal ingqungquthela yokuqala ye-IADR. ‘Lo mcimbi obalulekile uphawula ingqophamlando eNyuvesi nasemphakathini wabacwaningi, futhi sinethemba nesiqiniseko sokuthi ubuholi bukaSolwazi Singh buzosebenza njengesikhuthazo sokuqhubeka nokwenza kahle kanye nokusungula izinto ezintsha kulo mkhakha.’
Uphinde wagcizelela indima ebalulekile ye-IADR njengenhlangano yomhlaba wonke ekukhuthazeni impilo kanye nokuphila kahle ngocwaningo. ‘Siqinisekile ukuthi ngaphansi kobuholi bukaSolwazi Singh, iSahluko seNingizimu Afrika sizophinde siqinise umthelela waso ezingeni lomhlaba, sibe neqhaza elikhulu ekuthuthukisweni kwezempilo yamazinyo, yomlomo, kanye ne-craniofacial.
‘Ngiyaphinda futhi, siyakuhalalisela, Solwazi Singh, ngalokhu kuhlonishwa okukufanele. Siyaziqhenya ngokukubala phakathi kwamalungu avelele omphakathi wethu wezemfundo futhi sibheke ngabomvu ukweseka imizamo yakho kule ndima ebalulekile yobuholi.’
Umbhalo: Nombuso Dlamini
Isithombe: Lunga Memela