Imibono emisha ikhonjiswe eMbukisweni wezamabhizinisi wabafundi wase-UKZN owaziwa ngele- UKZN Student Business Fair and Exhibition.Kuhlonyiswa OsoMabhizini Bakusasa Embukisweni Wezamabhizinisi Waminyaka Yonke we-UKZN Owaziwa ngele- UKZN’s Student Business Fair and Exhibition
Click here for English version
I-UKZN InQubate isanda kusingatha i-Student Business Fair kanye noMbukiso wayo wokuqala ekhempasini yase-Edgewood, enikeza abafundi inkundla yokukhombisa ngemikhiqizo yabo emisha kanye nezamabhizinisi ngokusezingeni elikhuthazayo.
Umcimbi ububungaza ubuhlakani nokukhuthazela kwabafundi abangama-50 abavela emakhempasini nasemakolishi ahlukene ase-UKZN futhi lo mcimbi ukhombise ukuzibophezela kweNyuvesi ekukhuliseni abaholi bangomuso bezamabhizinisi.
Abahambele lo mcimbi bafunge bagomela ngesikhathi becwila embukisweni wezamabhizinisi ahlukahlukene aholwa ngabafundi, abonisa yonke into kusukela kwezobuciko kanye nokudalwa kwezokupheka kuya kwezobuhle nokuzicwala, imfashini, nobuchwepheshe obuphambili. ‘Inhloso yalo mcimbi wukuqhakambisa osomabhizinisi bethu abangabafundi nokukhuthaza umphakathi ukuthi ubaseke lapho kungenzeka khona,’ kusho uMnu Khutso Ramotja, oyiMenenja Yezamabhizinisi Kwezabafundi e-UKZN InQubate, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokuvula.
Okugqamile kulo mcimbi kube yizinkulumo eziqavile ezinamandla ezivela kubaholi bezimboni, okuhloswe ngazo ukunika amandla nokukhuthaza isizukulwane esilandelayo soSomabhizinisi. UNkz Thandeka Zulu, owafunda e-UKZN ophinde abe yi-CEO ye-Nia Consulting, ubemele i-Mr Price Foundation futhi waheha izethameli ngemininingwane yohambo lwakhe lwezamabhizinisi. Ngesikhathi ebacobelela ngohambo lwakhe, olwaqala kwi-UKZN Open Day ekhempasini yase-Howard College lapho ahlabana khona kumncintiswano wohlelo lwebhizinisi owawukhona. UZulu uphawule wathi: ‘Ikusasa likwezamabhizinisi. Hlala ungumfundi futhi ufundiseka, uhlale unomqondo ovulekile, futhi ibhizinisi lakho ulenze lihluke kunamanye. Ungalokothi uthembele kumkhiqizo owodwa noma isevisi eyodwa, loko kuyokwenza uhlale ubalulekile embonini.’
Esinye sezikhulumi esiqavile, uNkz Nosipho Mncwabe, ongumMhleli we-Wear Your Brand Chief, wethula inkulumo ekhuthazayo ngokubaluleka kokukhangisa komuntu siqu sakhe. Ekhuthaza abafundi ukuthi ‘bakhele isizukulwane esizayo ifa lengunaphakade,’ uMncwabe ukhulume ngohambo lwakhe lwezamabhizinisi futhi wanikeza nezeluleko ezibalulekile kwezamabhizinisi. Abahambele lo mcimbi baphinde bathola ithuba lokuxoxisana nezikhulumi ngezikhathi zokweluleka, bathola amathiphu asebenzayo kanye nesiqondiso mayelana nezinto ezibalulekile kwezamabhizinisi.
Lo Mbukiso uphinde wanikeza abafundi inkundla yokuthi babelane ngezindaba zabo zempumelelo. Phakathi kwabo bekukhona uNksz Nonjabulo Magwaza, owenza iziqu ze-PhD eKhempasini yase-Howard College, osungule ibhizinisi lakhe leziqholo ngesikhathi enza unyaka wesibili ngowezi-2019. Ehlonza igebe emakethe yamakha athengekayo, nahlala isikhathi eside, uMagwaza usenabasabalalisi baseNingizimu Afrika yonkana. ‘Nginikeza engifunda nabo ithuba lokusabalalisa iziqholo futhi bathole imali ethe xaxa eceleni,’ usho kanje, eba yisibonelo somoya womcimbi ogqugquzela ukubambisana nokwesekana.
Lo mbukiso ukhuthaze amathuba abalulekile okuxhumana ukuze abafundi bashintshisane ngemibono futhi bahlole ukusebenzelana okungase kube khona. ‘Lo mcimbi ube yithuba elihle kakhulu lokuhlangana nabanye osomabhizinisi, sihlole imibono emisha, futhi sisebenzisane,’ kuphawula uMnu Sabelo Maduna, omunye wabafundi abebekhangisa.
Umcimbi uphethe ngokuklonyeliswa kwemiklomelo, okwenezelisa isasasa futhi kwagqugquzela ukuhlanganyela kwabafundi. Ngale kwemiklomelo, i-Fair ivumele abafundi nezivakashi ngokufanayo ukuthi bathole imikhiqizo ebalulekile namasevisi anikezwa ozakwabo, konke ngamanani asezingeni, nokwenze umcimbi waba yimpumelelo enkulu kubo bonke abebekhona.
I-Student Business Fair kanye noMbukiso kwase-UKZN akuzange kugcine ngokugqamisa amakhono abafundi kwezamabhizinisi, kodwa iphinde yagcizelela ukubaluleka kokweseka nokukhulisa intsha esungula izinto ezintsha. Lo mcimbi usebenza njengobufakazi bokuzinikela kwe-UKZN InQubate ekukhuthazeni isiko lezamabhizinisi ngaphakathi eNyuvesi, nokubeka inkundla yokuthi abaholi bakusasa bamabhizinisi baphumelele.
Umbhalo: Nkosazana Manzi
Isithombe: Tisetso Nhlapo



