Kusukela kwesokunxele: uDkt Yonela Qubekile, Dkt Vasudevan Naidoo (iNhloko yoPhiko Lomtholampilo we-Gastroenterology: IALCH and SAGES President Elect), kanye noSolwazi Ernst Fredericks (uMongameli we-SAGES).Owe-Gastroenterology Uhlabene Ngendondo Kwi-International World Congress
Click here for English version
Inhlangano i-International Hepato-Pancreato-Biliary Association (IHPBA), ebihlele ingqungquthela yomhlaba yalo nyaka, ihlangene ne-South African Gastroenterology Society (SAGES), iklomelise uDkt Yonela Qubekile ngendondo ye-Gastroenterology Foundation eyaziwa ngele-Award for Best Presentation by Fellow kulo mcimbi, lapho Kwamukelwe ama-abstracts ayi-1 800.
Ucwaningo oluqhubekayo olwethulwe uQubekile lwalugxile kumasu amasha okuthuthukisa ukutholakala kusenesikhathi komdlavuza owaziwa ngele- colorectal cancer esifundeni, ucwaningo belunesihloko esithi: Point of Care Immunochemical Faecal Occult Blood Testing and Symptoms Based Clinical Prediction Model to Promote Earlier Diagnosis of Colorectal Cancer in South Africa.
Lolu cwaningo lwagqamisa ukuthi eNingizimu Afrika, umdlavuza owaziwa ngele-colorectal ungowesine ukuphatha abesilisa kanye nabesifazane, okunemiphumela engemihle evame ukuvela ngenxa yokuxilongwa sekwedlule isikhathi. ‘Ukutholwa kusenesikhathi kubalulekile ukuze kuthuthukiswe amazinga okusinda, kodwa kunezinselele ezibalulekile njengomthamo olinganiselwe we-endoscopic kanye nokubambezeleka kokuxilongwa. Iphuzu lokuqalisa ukunakekelwa kokuhlolwa kwegazi okwaziwa ngele-immunochemical faecal occult linganikeza isixazululo esisebenzayo ngokuhlonza iziguli ezizohlomula kakhulu ku-colonoscopy yangaphambi kwesikhathi, ngaleyo ndlela kuthuthukiswe izinsiza zokunakekelwa kwezempilo kanye nokwenza ngcono imiphumela yomdlavuza we-colorectal,’ kusho yena.
Izimpawu zakuqala zomdlavuza owaziwa ngele-colorectal, kuphawula yena uQubekile, kubalwa ukushintsha kwemikhuba yamathumbu ejwayelekile, njengokushintshana kwesifo sohudo nokuqunjelwa. ‘Ezinye izimpawu zingase zihlanganise ukuncipha kwesisindo somzimba ngendlela engachazeki, ukopha komgogodla kanye nomuzwa oqhubekayo wokuvakashela indlu encane noma kungezukuphuma lutho, okwaziwa ngokuthi i-tenesmus.’
UQubekile uthe ukuhlolwa kwegazi okwaziwa ngele-immunochemical faecal occult akwenziwa ezibhedlela. ‘Kepha ukuphela kwendlela yokunakekela i-faecal immunochemical test (FIT) ekwazi ukwenziwa emitholampilo noma ezibhedlela zesifunda, okuyenza ifinyeleleke futhi ibe lula. Uma umphumela uba-Positive, ikakhulukazi uma kunezimpawu “red flag” zomdlavuza we-colorectal, iziguli zingasheshiswa ukuze zithole i-colonoscopy.’
‘Ngizizwa ngihlonipheke futhi ngithobekile kakhulu ukwamukela ukuhlonishwa okungaka,’ kusho yena. ‘Ukuhlonishwa kwaba nenjongo ikakhulukazi uma kubhekwa izinga elivelele locwaningo elalethwa yizethulo. Ukwamukelwa phakathi kontanga abahlonishwa kanjalo nabanekhono kwenza lokhu kube ngokwekhethelo nakakhulu.’
UQubekile uthe esinye sezithiyo izwe elibhekene nazo wukungabi bikho kwemikhombandlela yokuhlolwa kwe-colorectal, ikakhulukazi emkhakheni kahulumeni. Ukwengeza, uthe kukhona ukutholakala okuncane koDokotela abaqeqeshiwe nabanekhono, kanye nokushoda kwezinsiza ze-endoscopic.
‘Ukuqwashisa abantu kungafinyelelwa ngemikhankaso yokufundisa umphakathi, ukuzibandakanya komphakathi, ukubandakanyeka kwabahlinzeki bezempilo kanye nokumela inqubomgomo. Amasu ahlanganisa imithombo yezindaba, inkundla yezokuxhumana kanye nokuxhumana okuhlosiwe kubantu abasengozini enkulu: lokhu kufaka phakathi abantu abanomlando womndeni onomdlavuza we-colorectal noma izifo zofuzo ezizuzwe njengefa, abantu abanomlando wama-polyps (iqoqo elincane lamaseli akha olwelweni lwesikhumba.) noma umdlavuza we-colorectal,’ kusho yena.
UQubekile wakhetha ukwenza izifundo ze-gastroenterology ngoba wayethakaselwa ukuxakwa isimo/isimiso sokugaya ukudla kanye neqhaza laso elibalulekile kwezempilo. ‘Ngithole uthando lwangempela lwezinqubo ezifana nama-endoscopies avumela ukuxilongwa nokwelashwa. Inhlanganisela yokunakekelwa okwaziwa ngele-the blend of hands-on-care, amathuba ocwaningo kanye nobudlelwane phakathi kwami nesiguli besikhathi eside yenze i-gastroenterology yangifanela kahle.’
UQubekile uthe uzimisele ngokwenza izifundo zakhe ze-PhD ngemuva kokuqeda iSitifiketi sakhe se-Gastroenterology.
Umbhalo: Lunga Memela
Isithombe: Sithunyelwe



