UNksz Nokwabelo Mabaso osanda kuthola i-Postgraduate Diploma KwezokuPhatha KwaNdabazabantu.Umfundi Uphokophole Ukushintsha Indlela Okubukwa Ngayo Abafundi Abanokukhubazeka
Click here for English version
Ngakhulela emphakathini lapho abantu abanokukhubazeka babethathwa njengabantu abanenkinga yengqondo futhi bewumthwalo.
Usho kanje uNksz Nokwabelo Mabaso ngemva kokwetheswa i-Postgraduate Diploma KwezokuPhatha KwaNdabazabantu ngesikhathi saseKwindla sokwethweswa iziqu e-UKZN.
UMabaso (oneminyaka engama-28), owakhulela KwaNobamba KwaZulu-Natali, watholakala enenkinga yokungaboni eminyakeni eyisikhombisa edlule kodwa lokho akuzange kumnqinde ekufezeni isifiso sakhe. Wabhalisa e-UKZN futhi waphothula iziqu ezimbili, ezokuqala kuyi-Bachelor of Social Sciences.
Manje usephokophele ukwenze iziqu zobudokotela.
Uma ebheka emuva ngesikhathi esese-UKZN, uMabaso uthe enye yamazwibela angasoze awalibala ngonyaka wokuqala yisimemo se-Golden Key Honour Society.
‘Ngibonga kakhulu imikhankaso ye-UKZN yokuqinisekisa ukuthi abafundi abanokukhubazeka abasali uma kufundwa.’ Usizo aluthole eNyuvesi nasoPhikweni LwabaKhubazekile kungubufakazi bokubaluleka kwezindlela zokwenza izinto ezifaka wonke umuntu emfundweni.
‘Baqinisekisa ukuthi kuzo zonke izivivinyo nakukho konke ukuhlolwa nginakiwe nokuthi bonke abafundisi bayangazi,’ kusho yena.
Usizo olukhethekile njenge-JAWS software nokucijwa okuqondene naye kumsize ukuthi afunde kalula.
‘Kungisize kakhulu, njengoba bekunzima ukuthi ngibone i-PowerPoint uma kufundwa. Uma ngihlangana nabafundisi ngedwa bebengichazela amaphuzu abalulekile kokufundiswe ngamagrafu nezithombe ekilasini,’ kusho yena.
UMabaso uzimisele ukushintsha umqondo wabantu ngabantu abanokukhubazeka, hhayi ukugcina ukukhuthaza kuphela kodwa futhi ukwabelana nabanye abantu ngolwazi namakhono.
Amagama: wuSamukelisiwe Cele
Isithombe: Sithunyelwe



