USolwazi Nyna Amin.Kubalulwe Ukungabaza Emfundweni Enkulumweni Yokuqala KaSolwazi
Click here for English version
Uma isikole sigxila ezintweni ezidluliseka kwabanye abantu, sisengozini yokuphelelwa yisikhathi. Isayensi namabalazwe kuyashintsha, ulimi alucacile kanti ukuhunyushwa kwalo akunasiqiniseko kanti amakharikhulami aqhudelana namakharikhulami empilo. Izindaba zamasiko ezinhle zilahlekelwa ngamandla azichazayo ngokuqhubeka kwesikhathi.
Lokhu kushiwo nguSolwazi Nyna Amin weSikole SezeMfundo sase-UKZN ocobelele izethameli imiphumela yocwaningo lwakhe ngesikhathi ethula inkulumo yokuqala yesifundo somkhakha wakhe Izifundo Zekharikhulamu.
Ngendlela yakhe enabayo, uqhubeke nokujula wenza izibonelo ngezindaba zaseNingizimu Afrika. Ecaphuna izingcithabuchopho ezinjengo-Foucault noDerrida, uthe imininingwane nolwazi yizinto ezidlulayo, wathi ulimi luyashintsha nokuthi amakharikhulamu yizinto eziveza amandla athile. Indatshana ethile yekilasi ifakazele iphuzu lakhe ngenkathi kungabibikho muntu okwazi ukuphendula imibuzo kathisha esiphelelwe yisikhathi.
Ubuchwepheshe besimanje obunjengobezinto ezenzisa okwabantu nezinkundla zokuxhumana nabo buqhudelana nabantu ngamakharikhulamu anamuhla,’ kusho u-Amin. ‘Izitshudeni zihwehwa ngo-E abathathu, okuyi-excitement, i-enjoyment ne-entertainment. Okuvamile wukuthi imfundo incike ebumnandini. Nakuba izinto ezithinta imizwa eminingi zimnandi kodwa ziphela eduze.’
U-Amin uxwayise ngokuthi imfundo ewubumnandi ingaholela ekufundeni okungajulile bese kusala amakhono amqoka anjengokubhala nokufunda. Ngasohlangothini lokuhle, ubone ukuthi ukubaluleka kothisha ukudlulisa imfundo esimweni sobuchwepheshe besimanje.
Ngemva kokuchaza izizathu zokungabaza, u-Amin udingide izinsika ezintathu zocwaningo ezanda nomqondo wokuthi ukungabaza kwenziwa wulimi. Ephepheni lokuqala locwaningo, uchaze isigameko esake senzeka ekilasini lakhe lapho abafundi bamsola ngokungabinandaba nabo ngoba wayengakhombisi ukubazwela, kanti yena wayekholwa wukuthi abanandaba nokuthuthukisa izingqondo zabo. Okwakufunwa ngabafundi no-Amin kwakusithe izinhloso zabo. Bonke babedinga ukukhathalelwa kodwa ukusetshenziswa kwegama elithi ‘ukungabinandaba’ nelithi ‘ukuhlaziya’ ayecashise ukufana kwawo.
Enye inkulumo ibalule izimpilo ezibuhlungu zalabo abafunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. U-Amin ufunde indaba ethintanayo yomuntu ocwaningweni. ‘Yindaba ngempilo ebuhlungu yentombazane ezalwa ngabazali abayithola besebancane,’ kusho yena.
‘Isineminyaka eli-13 yayigada izingane zakubo ezincane, iphethe ikhaya lakubo. Unina ogulayo wayelungiselela ukubeletha ingane yesithathu ngenkathi uyise ongasebenzi ezihlangula ukondla. Amagama athi “umzali” ne“ngane” agqiba iqiniso elenza kubelukhuni kothisha ukwazi isimo sengane sakubo.
‘Ngaphezu kwalokho, ikharikhulamu ayizibheki izimo zempilo yabantu futhi ikharikhulamu isebenza sengathi izimpilo zabafundi bonke ziyafana. Izinga eliphezulu lobubha eNingizimu Afrika likhombisa ukwehluka phakathi kwempilo yabantu nezinto ezishiwo nezihloswe yikharikhulamu,’ kusho yena.
U-Amin ubonge umyeni wakhe nomndeni wakhe abamesekayo, wazichaza wathi ungumuntu ongenqeni ukubuka izinto ngeso lokufunda izinto ezintsha ngenxa yobunzima bezimpilo zabazali, wasekelwa emaqhingeni kanina.
Izinto eziningi azithandayo zenza lwabanzima uhambo lwakhe kwezemfundo waze wagcina ethole umkhakha Izifundo Zekharikhulamu.
Amagama: yiNdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe



