UNksz Kristy Greener (kwesobunxele) nomlingani abhukuda naye uNksz Nicola Murray.Ingqophamlando Koyimpumputhe Wase-UKZN Ngendondo yeMidmar Emanzini
Click here for English version
‘Bekumnandi ukuqeda kodwa kunzima ukubhukuda,’ kusho uNksz Kristy Greener, obeqala ukuthola indondo ye-Midmar Mile nongumsebenzi wase-UKZN oyimpumputhe onesifo esikhubaza izandla nezinyawo.
Lesi sifo senza ukuthi izinzwa zingasebenzi kahle, okuvame ukuthi kubenzima kodokotela ukuthi basithole.
U-Greener ujabulile ukuqeda umjaho wasemanzini omkhulu emhlabeni wama-51 ngesikhathi esiyihora nemizuzu eli-14 eMidmar Dam ngase-Howick.
Wakwazi ukubhukuda eseneminyaka emine, wagajwa wuthando lwalo mdlalo ngoba ‘wawungagcini ngokunyakazisa umzimba wami wonke kodwa futhi wawuphephile ngoba njengoba ngiwumuntu onokukhubazeka, ngangingesabi ukukhubeka noma ukuwa.’ Okunye futhi wukuthi kwakungaqutshulwa lutho olusindayo okwaphucula isimo samaphaphu akhe, kwanqanda ukuthi abe nezinye izifo ezifana nesifo sofuba.
U-Greener, owaqala ukuziqeqesha ngonyaka wama-2019, ubonga uzakwabo abhukuda naye onguthisha nomgqugquzeli wezemidlalo e-Impact Christian Academy e-Yellowwood Park uNksz Nicola Murray. U-Greener enomqeqeshi wakhe uNkk Marion Barnard baziqeqesha kathathu ngesonto e-Make Waves KZN, e-Escombe Primary School e-Queensburgh. ‘Endaweni yokubhukuda ngibhukuda eduze kwendophi. Edamini ngibhukuda eduze kuka-Nicola. Sihlanganiswa yintambo kanti u-Nicola usebenzisa yona ukungihola.
‘Udinga ukuzinikela nokuphokophela uma ufuna ukubamba iqhaza kule mijaho,’ kusho u-Greener. ‘Kufanele uzilolonge; kufanele ubenomoya. Ukubhukuda kwi-Midmar Mile kusho ukuthi ubhukuda ikhilomitha nohhafu ongakhawuki emanzini! Asikho isikhathi sokuphumula uphuze itiye,’ kusho yena ehleka.
U-Greener uvame ukubhukuda amakhilomitha ayisithupha ngesonto ehlukene izinsuku ezintathu. ‘Ngiyakuthanda ukubhukuda, ngiyawathanda amanzi, ngithanda ukuthi kunyakazisa zonke izicubu zakho kanyekanye.’
Waqeda i-Capital-K ngonyaka wama-2022 nangowama-2023 ngaphambi kokubhukuda kwi- Midmar Mile kulo nyaka. Ngonyaka ozayo, uhlela ukuphucula isikhathi sakhe emjahweni, aqoqe imali eqoqela inhlangano engenzi nzuzo ngokubhukuda kwi-Charity Challenge.
U-Greener ubonge iMenenja Yophiko Olweseka Abafundi lwaseKolishi LeSayensi YezeMpilo uDkt Saloschini Pillay nethimba lakhe athi bahlale bemkhuthaza futhi bexhasa umsebenzi wakhe wokubanguMeluleki Wabafundi eSikoleni seSayensi yeZeMpilo ekhempasini i-Westville.
U-Greener uyazifela ngokweluleka abafundi mahhala kusukela kwabenza iziqu zokuqala kuye kwabenza iziqu eziphezulu umuntu eyedwa, lapho bekhuluma ngezinto eziningi ezithinta impilo yomuntu njengobudlelwano, izinto ezithinta umsebenzi, ingqondo nempilo.
Leli thimba lenza nomsebenzi wethimba lonke lapho khona lenza izithangami zokucija abantu ngezeluleko zengqondo emfundweni, izithangami zokuthuthukisa amakhono nezithangami zokweluleka abantu. ‘Sibuye siyalele abafundi ukuthi baye kodokotela bengqondo, odokotela, osonhlalakahle nabanye ongoti, uma kunesidingo,’ kusho yena.
Uthanda ukuchitha isizungu nekati lakhe u-Valentine kanti uthanda ukuhlala nabangani bakhe, umndeni nozakwabo.
Amagama: wuLunga Memela
Isithombe: Sithunyelwe



