UMnu Luthando Molefe, odle umhlanganiso.Indondo ye-Top 100 Shining Stars Kowezifundo ZobuDokotela Wase-UKZN
Click here for English version
Umfundi wase-UKZN owenza izifundo zobudokotela emkhakheni wezemfundo uMnu Luthando Molefe unikwe indondo ye-Top 100 South African Shining Stars yangowama-2023 yi-Inside Education ngokubambisana ne-National Youth Development Agency.
Le ndondo ngeyokuklomelisa uMolefe ngomsebenzi wakhe ovelele emikhakheni yezemfundo, ukuphosa esivivaneni emphakathini nobuholi, okuyizinto athi uzizwa enhliziyweni.
I-Inside Education iklomelisa abantu abaguqula izinto emphakathini, abantu abasebenzayo nabantu abasha abeletha uguquko emiphakathini yangakubo nakwezinye izindawo.
Laba bantu kufanele kube yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika eziphakathi kweminyaka eli-18 nengama-35 ezenza izinto ezivelele emikhakheni yazo.
‘Njengomuntu owakhulela endaweni okuphilwa kuyona isisho esithi “Ingane ikhuliswa umphakathi”, ngakhuthazwa ngelinye lamaqhaza ayisikhombisa (ashicilelwe kuma-Norms and Standards for Educators 2000 kathisha, elithi “ungumuntu oneqhaza emphakathini, esizweni nomalusi,’ kusho Molefe.
‘Ngazinikela ekubeni neqhaza elingenza ngikwazi ukusebenza nabanye abantu ukungagcini nje abantu abadinga usizo kepha futhi ukubenza bazithole kanti kulapho kwenzeka khona izinto ezinkulu nabanye abantu.’
UMolefe uthi ubonga bonke abantu abeseke umsebenzi wakhe eminyakeni edlule futhi ubonga abenze uhambo lwakhe, kusukela lwaqala, lwaba yimpumelelo, ikakhulukazi i-Community Engagement Office eSikoleni.
UMolefe akaqali ukuthola umklomelo onjena, njengoba wake wahlabana ngendondo i-2023 South African Heroes Awards emkhakheni i-Youth Empowerment, ngomsebenzi wakhe ovelele.
Amagama: yiNdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe



