
Iqembu Lababili Lomculo Lase-UKZN Likhiphe Icwecwe Lokuqala
Click here for English version
I-N’den, okuyiqembu lomculo labaculi ababili uThulile Zama kanye nomshayi wopiyano uDavid Smith besikhungo sase-UKZN somculo we-Jazz, i-UKZN Centre for Jazz and Popular Music, likhiphe icwecwe lokuqala, iSisingathiwe.
U-Smith uthe iSisingathiwe ilandela ukukhishwa ngempumelelo kwengoma yabo yokuqala i-Coffee in the Morning, eyamukelwa kahle futhi eyayingukuveza ngokwabelana umculo abawusungulile eminyakeni eyedlule ngesikhathi esingaphambi kwe-COVID-19 kanye nesikhathi seyedlulile.
Icwecwe elinezingoma ezingu-10, uZama uphawula kanje, ‘Linanela ingqikithi yokuholwa, imfudumalo, ukuvikelwa kanye nothando lwabantu. Izungeza ekuhlangenyeleni ngokomculo okuzalwe ubungani obungajwayelekile phakathi kwabaculi ababili kanye nesitayela sesigqi somculo esihambisana nomculo we-jazz, ineo-soul kanye nesigqi se-jazz yasimanje yaseThekwini.’
Ebheka emuva besaqala endimeni yomculo, u-Smith uthe wayeyilungu leqembu eliphumelele le-jazz/hi-hop i-Big Idea, eyayishisa izikhotha kulo lonke izwe. Ngakolunye uhlangothi, uZama, wayengumculo ocula phambili oshukumisayo eqenjini labesifazane bodwa le-contemporary jazz i-Heels Over Head (abanqoba i-Yamaha Young Artist ngowezi-2010, i-best contemporary jazz candidates - kuma-South African Music Awards [SAMA] ngowezi-2021).
‘Ukwenza izinto ezihlukile kukaZama njengomculi kuyaziwa futhi kuyathandwa esiyingini se-jazz eThekwini kanti ithalente lakhe selimyise eHamburg, i-Berlin kanye nase-New Orleans,’ kusho u-Smith.
I-N’den seyicule ezindaweni ezehlukene ezweni kanti ibe sezindabeni ze-No Franco#5 festival eMaputo, eMozambique ngoNhlaba wezi-2023. Leli qembu muva nje licule esikhungweni sase-UKZN sejazz, i-UKZN Centre for Jazz and Popular Music.
Amaculo abo abaziqambele wona kanye namanye amaculo abawathandayo atholakala ku-YouTube, kanye nasemakhasini asezinkundleni zokuxhumana, ku: Facebook, Instagram, Twitter.
Umbhalo: wuSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe