
I-UKZN Nengqungquthela Yabantu Abangama-Irish Abafuduka Ezweni Labo
Click here for English version
IKolishi lezeSintu e-UKZN libambe ingqungquthela yesibili yoMhlaba yabantu base-Ireland abafudukela kwamanye amazwe ngenxa yezizathu ezahlukene, i-2nd Global Irish Diaspora Congress, ehlanganisa izifundiswa esisuka kuwo wonke amazwe omhlaba okubalwa kuwo i-Argentina, Britain, China, Ireland, iNingizimu Afrika, United States of America kanye neZimbabwe.
USolwazi Donal McCracken weSikole seSayensi yezeSintu, i-School of Applied Human Sciences uhole lo mcimbi ngentshisekelo yocwaningo lwakhe oluhlukaniswa phakathi komlando wezemvelo kanye nabantu abangama-Irish ngokwendabuko e-Afrika.
U-McCracken uthe inhloso yengqungquthela ukuthi abantu bakwazi ukuxoxa futhi bafunde ngomthelela wezigidi zabantu abangama-Irish ababalekela izimo ezinzima e-Ireland ukuzozinza emazweni akude, kubalwa ezwenikazi lase-Afrika, lapho iningi labo lisebenze khona emkhakheni wezempilo kanye nowezemfundo kanye nezithunywa zevangeli.
Phakathi kwezindikimba eziningi ezithinta ihlalakahle nezomnotho bekugxilwe ukwethula emakhonweni odokotela abamnyama baseNingizimu Afrika abaqeqeshwe e-Ireland, okudlule kukho abase-Ireland abaseNingizimu Afrika uma ubheka ukusetshenziswa kotshwala nezidakamizwa, indlela okubekwa ngayo abantu base-Ireland kanye nabadlule kukho eLondon naseNew York, ubunjalo babantu base-Ireland kanye nobamazwe abasuke befudukela kuwo, ukufunda ngomndeni osuke ezweni lase-Ireland waya ogwini oluseNingizimu neKwaZulu-Natal kanye nocwaningo lukaSolwazi Ruth Teer-Tomaselli kanye noDkt Mary Lange wezindawo zokugcina amagugu ezine ezindaweni ababoshelwa kuzo.
Umbukiso owenziwe yihhovisi lenxusa lase-Ireland eNingizimu Afrika ugxile enhlanganweni yabangama-Irish ababengahambisani nobandlululo i-An Gluaiseacht Éireannach in Aghaid Apartheid, ngesikhathi ucwaningo luka-McCracken lucubungule i-Irish Zuluism, isifundo ngabantu abangama-Irish kanye namaZulu ngesikhathi nangemva kwempi i-Anglo-Zulu War. U-McCracken ubuye wahola ithimba ohambweni lwezinsuku ezimbili lwezinkundla zezimpi KwaZulu-Natali, kubalwa Isandlana kanye naseRorke’s Drift.
USolwazi Sihawukele Ngubane wesiKole seZobuciko uthe amaphepha ethulwe esigabeni sokwabelana ngemibono engqungqutheleni agxile kakhulu ekuhlukaneni kwezimo zenhlalo nezemnotho e-Ireland akuhlobanise nokwaseNingizimu Afrika. ‘Obekubalulekile ezinkulumeni zabebeyizikhulumi, abanye abangabokudabuka e-Ireland, bekungukuthi bangobani, isiko kanye nabadlule kukho ngokomlando.’
Lo mcimbi obuvula amehlo futhi uqukethe ulwazi ukhombise umlando onothile wase-Ireland onamasiko ashayisanayo kanye nokucwaswa ezandleni zabase-Britain, nokuyinto efanayo nasemazweni ase-Afrika,’ kusho uNgubane.
Umbhalo: wuSinoyolo Mahlasela
Izithombe: Zithunyelwe