Amavolontiya ase-UKZN avakashele ikhaya lezintandane iMasibambaneni ngoSuku lukaMandela.Uhlelo lwase-UKZN lwe-HIV Pathogenesis Lusekela Ikhaya Lezintandane ngoSuku lukaMandela
Click here for English version
U-Nelson Mandela wake wathi: ‘Asikho isipho esikhulu okwedlula leso sokunikela ngesikhathi kanye nangamandla akho ekusizeni abanye abantu ngaphandle kokulindela inzuzo eza ngakuwe.’
Sinalokhu-ke engqondweni ukubungaza ubuqhawe bukaMadiba, Isikhulu Esixhumanisa I-HIV Pathogenesis Programme (HPP) yase-UKZN, uMnu Phumlani Kunene, uhlonze ikhaya lezintandane eliseMlazi, iMasibambaneni Safety Net for Children with Disabilities, nokuyilo elizolekelelwa kuphinde kube yisizinda lapho kuzochithwa khona imizuzu engama-67 ngosuku luka Mandela.
‘Lesi sikhungo siholwa ngulowo ongumama wezingane ezinhlanu ezaziphila nokukhubazeka esezingasekho emhlabeni zonke, ungowesifazane oyimvelakancane, ‘UMama Luthuli, unqume ukuvula iminyango ukuze asize umphakathi ngokunakekela izingane eziphila nokukhubazeka endaweni yaseMlazi,’ kusho uKunene.
Leli khaya lezintandane selinabantwana ababalelwa cishe ema-30 abaneminyaka esuka kowodwa kuya kweyi-15.
Iqembu le-HPP kanye nabamele i-Community Advisory Board bavakashele ikhaya lezintandane ngoSuku lukaMandela bahambisa omatilasi bokulala, izingubo zokulala, amanabukeni, ukudla okungaboli nokunye okuhlanganisa nezikhwama zoncamnce zezingane.
‘Kube yisenzo esihlaba umxhwele ngendlela emangalisayo ukuhlangana nabanakekeli kanye nokubona ukumamatheka ebusweni bezingane, ikakhulukazi lapho zibona izikhwama ezinama-chips kanye nama-marshmallows. Okusigqamele kakhulu wukuthi lezi zingane ziyathandwa kakhulu nguMama uLuthuli, futhi nazo zimkhonzile kakhulu,” kusho uKunene.
‘Ukuba nethuba lokuchitha isikhathi nezingane, ukucula izingoma kanye nokudlala imidlalo kube yisipho kanye nenhlanhla enkulu kithi. Sithanda ukubonga wonke umuntu ngokuba mnene kwabo kanye neminikelo yabo. Injabulo ebibhalwe ebusweni yabanakekeli kanye nezingane yenze kwaba usuku lukaMandela oluyingqayizivele kithina sonke,’ kusho uKunene.
Umbhalo: yi-HPP Team
Isithombe: Sithunyelwe



