USolwazi David Spurrett (kwesokunxele) no-Mnu Ryan Timms.Lowo oyi-UKZN Master’s Graduate Uzokwenza i-PhD e-Technical University of Delft
Click here for English version
UMnu Ryan Timms oneziqu ze-Mastazi kwi-Philosophy e-UKZN, uthole indawo ohlelweni lwe-PhD e-Technical University of Delft ese-Netherlands ukuze enze ucwaningo ngobuchwepheshe obaziwa ngele-manipulative technologies.
Lokhu kulandela ukuthweswa kwakhe iziqu ze-Master's degree aziphase ngo-summa cum laude kwizifundo ze-Philosophy, esihlokweni esithi: Hostile Scaffolding. U-Timms uphinde wabhala ngokuhlanganyela iphepha ngalesi sihloko nomphathi wakhe, uSolwazi David Spurrett.
U-Timms ubonga kakhulu ngokunikezwa leli thuba njengoba ekholelwa ukuthi lizomenza akhulise umsebenzi wakhe ezindaweni ezintsha nezijabulisayo okuzoholela ekutheni ucwaningo lwakhe lwenze umehluko obonakalayo. 'Ukubambisana noNjiniyela kanye no-Designer kunginika ithuba lokusiza ekudaleni ama-design values amahle endaweni ehlanganisa imikhakha ehlukene,Uphawule wathi: 'Kimina, umsebenzi wami kumele ube nomthelela emhlabeni wangempela, ikakhulukazi ngobuchwepheshe obushintsha ngokushesha njengobuhlakani bokufakelwa (nobaziwa kafuphi nge-AI)', enezela ngokuthi wakhangwa ukugxila kweNyuvesi kwi-Design for Values nokufaka umfutho ophelele kwezobunjiniyela.
I-dissertation ka-Timms ihlole ukuthi izakhiwo zangaphandle zisetshenziswa kanjani ukusekela ukuqonda (i-cognitive scaffolding). Izibonelo zansuku zonke ze-scaffolding eziwusizo zihlanganisa izimpawu eziba semgwaqeni phansi, izikhumbuzo zento (njengokushiya ibhodlela elingenalutho ekhishini njengesenzo zokuzikhumbuza ukubuyisa ibhodlela eligcwele), kanye nezimpawu zokuphuma esimweni esiphuthumayo. I-dissertation yakhe igxile esihlokweni ebesingasanakiwe sokuthi i-scaffolding yengqondo ingasetshenziswa kanjani uku-exploit noma uku-manipulate. Kuze kube manje, uthuthukise indlela ethile yokwenza isikafula esinenzondo esijulile, enikeza izibonelo eziphathekayo ezihlanganisa nemishini yokugembula esetshenziselwa ukukhohlisa ukuqonda komuntu osuke edlala futhi ihlanekezele amathuba asobala okuwina (okuwenza abonakale ephakeme kunalokhu asuke eyikho).
U-Timms ukholelwa ukuthi i-dissertation yakhe iyengeza emzimbeni wolwazi ngesikafula somqondo. ‘Ngibonise amaqhinga kanye nokusebenziseka kwesikafula esinobuthi futhi nganikeza inkombandlela ocwaningeni lwangomuso - njengokusebenzisa indlela yami eyeziwa ngele-hostile scuffolding ukuze ngifunde amaphethini aziwa ngele dark pattern, i-gamification, nezinhlelo ze-AI.’
Encoma imibono yalowo ongumphathi wakhe, u-Timms waxoxa ngokuthi esikhathini esiningi, u-Spurrett uye wahamba ibanga elingaphezudlwana futhi wamsiza ngobuqotho ekubeni isazi seFilosofi esingcono, okumshiya ezizwa enomdlandla futhi nokwakumshiya esiqonda kangcono isihloko ngemva kwemihlangano yabo.
Udlulise amazwi enkuthazo kontanga yakhe: ‘Ngisho noma ungaboni ngalapho kushawa khona intambo, ungalilahli ithemba - ukubhala i-dissertation kufana ne-marathon kunokugijima loku okwaziwa ngele-sprint. Qiniseka ukuthi uzakhela wena izikhathi zomnqamulajuqu futhi uzibekele imigomo emincane ukuze ukwazi ukubona inqubekelaphambili. Uzogcina uyishayile intambo.’
Funda i-dissertation lapha: https://philpapers.org/rec/TIMHSM.
Umbhalo: nguSinoyolo Mahlasela
isithombe: Sithunyelwe



