Izingubo kanye nama-square enziwe ngabafundi kanye nabasebenzi ukugubha usuku luka-Mandela.Abasebenzi Kanye Nabafundi base-UKZN Bahloniphe uMadiba Ngokunitha Nangokukhrosha
Click here for English version
Ukukhombisa ubumbano nozwelo ngendlela ehlaba umxhwele, yiyona ndlela abasebenzi base-UKZN nabafundi kuwo wonke amakhampasi abafake ngayo isandla ohlelweni lomhlaba wonke lweZingubo Zokulala ezingama-67 ezinhle zoSuku lukaMandela, ukunitha kanye nokukhrosha izingubo zokulala kanye nama-squares alabo abaswele.
Ukuhlonipha impilo kanye namagalelo ka-Nelson Mandela kanye nokuzibophezela kwakhe ekusizeni abantu, ubulungiswa bezenhlalakahle kanye nokulingana, iNyanga kaNtulikazi ibekwa eceleni minyaka yonke njengesikhathi sokuzibandakanya ezenzweni zokunikezela ngezinsiza. Umkhankaso Wezingubo Ezingama-67 Zosuku lukaMandela wasungulwa ukuze ube nomthelela omuhle ezimpilweni zabanye.
UMqondisi Omkhulu Wophiko Lwezobudlelwano Bebhizinisi eNyuvesi, uNksz Normah Zondo, uthe: ‘E-UKZN, umoya woBuntu, nokuyifilosofi yase-Afrika egxile kakhulu ekuxhumaneni kanye nomgomo okhuluma ngokuthi “umuntu ngumuntu ngabantu”, nokungumoya okhonjiswe ngokusobala ngabasebenzi bethu kanye nabafundi. Ngesenzo esilula sokunitha kanye nokukhrosha izingubo zokulala, samukela ingqikithi yezimfundiso zikaMandela - nokungukuthi umuntu ngamunye unamandla okuletha uguquko oluhle, kungakhathaliseki ukuthi lukhulu noma luncane kangakanani lolo guquko. Ama-squares kanye nezingubo zokulala ezikhiqizwayo zinhle kakhulu!’
Umfundi owenza unyaka wokuqala we-Computer Engineering, uNksz Aaliya Latib, okhiloshe ama-square angama-37 uthe: ‘Ukukhrosha kungenye yezinto engizilibazisa ngazo phakathi kwokuningi engikwenzayo futhi kube yinhlanhla enkulu ukubamba iqhaza kanye nokulekelela ekwenzeni lolu hlelo ngoba ngibone sengathi amakhono ami asetshenziselwe ukwenza okukhulu. Akukho okudlula ukuthola ithuba lokubuyisela emphakathini kanye nokusebenzisa Ubuntu,’ kusho u-Latib.
Umholi Wezemfundo Ekuhlanganyeleni Komphakathi eKolishi Lezoluntu, uSolwazi Angela James ubambe amakilasi okuthunga nawokukhrosha kulabo abebenentshisekelo ekhempasini yase-Edgewood. 'Amakhono afana nokuthunga kanye nokukhrosha angase athathwe njengento ejwayelekile futhi engabalwa uma kukhulunywa ngezemfundo, kodwa kufanele ubone injabulo kanye nesasasa lapho abafundi sebekufundile ukunitha uye ubone ukuthi ukufunda kuyathuthuka la, amakhono ahlonziwe futhi namathuba okuzithuthukisa ngokuloku beqhubeka bezilolonga ngokuphrak’thiza ayavela, ' kusho u-James.
ILek’shara yezifundo ze-Occupational Therapy uNksz Julie Lingah ufake isandla ngokukhrosha izingubo zokulala kanjalo ngokuhlanganisa ama-square amaningi ukwenza izingubo. ‘Lezi zingubo zokulala azinikezi nje imfudumalo nenduduzo kuphela kodwa futhi zisebenza njengophawu lwethemba kulabo abanikezwayo njengesipho kubo. Akukho mayelana ngokufudumala nje okungokomzimba kodwa kuba yisikhumbuzo kubantu abampofu ukuthi bayathandwa futhi bayanakekelwa yezinye izakhamuzi ezikanye nabo.’
Obambe iqhaza emkhankasweni we-67 Blankets ophinde abe yi-Registrar e-UKZN, uDkt Kathy Cleland, uhlanganyele nozakwabo kanye nabangane bakhe ukuze banikele ngezingubo zokulala ezimibalabala. ‘Lokhu kuyisenzo esihle kakhulu. Kwazise benziwe ngothando ngesikhathi bethungwa ngezandla, benzelwe abantu ababadingayo, futhi bazofezekisa izinhloso zangempela ekuphileni kwabo mayelana nokubasiza ukuba babagcine befudumele,’ kusho u-Cleland. ‘Sonke siyakujabulela ukuba nobuciko bokukhipha umkhiqizo ozogcina uwusizo futhi ozozuzisa abanye ngendlela emangalisayo. Sikujabulele ngempela ukuhlanganisa lokhu.’
Ngesikhathi ebonga abasebenzi kanye nabafundi abanikele ngesikhathi nangezinsiza zabo, uZondo uthe: ‘Lo mkhankaso unikeze abasebenzi kanye nabafundi ithuba kanye namandla okufaka isandla emphakathini wabo, kanye nokuqonda umuzwa wozwelo. Emva kokubona umphumela wemizamo yabo ngezingubo ezinhle, siqaphela izinto ezifana nokusebenza ngokubambisana, nokukhuthaza ushintsho oluhle emphakathini esikhathini esizayo.’
• Sithanda ukubonga ngokukhethekile kubo bonke abafake isandla kubalwa kubo uNksz Valerie Chinniah, Nksz Sindiswa Bhengu, Nksz Maryam Bassa, Nksz Julie Lingah, Nksz Nicalia Govender, Nksz Yanga Tyingana, Nksz Mandisa Msweli, Nksz Nokuphila Dlamini, Nksz Yandiswa Gutshwa, Nksz Talisa Majority, UNksz Nosipho Gasa, Nksz Nomvuyo Mkhulisi, Thabile Xulu, Luleka Jakeni, Mbalenhle Zulu, Nksz Nomonde Nksz Zoleka Mfunwa, Londeka Duma, Aaliya Latib, Nksz Zolani Mkhize, uSolwazi Angela James, Nkk Sharon Bessell, Nkk Joan Meyerm, Dkt Kathy Cleland kanye nabanye abaningi.
Umbhalo: ngu-Rakshika Sibran
Isithombe: Albert Hirasen



