
I-UKZN Ibambe Iqhaza kuKholokhiyamu Ehloselwe Ukuthuthukisa Imfundo
Click here for English version
Isikole sezeMfundo sase-UKZN sisanda kubambisana noMnyango wezeMfundo eyisiSekelo (kafuphi-DBE), i-United Nations Children’s Fund (UNICEF), i-European Union (EU), kanye ne-National Education Collaboration Trust (NECT) ukuze besabalalise izifundo zokuqaliswa kwe-REALS SA nokuletha ukukhanya maqondana nezinkinga ezibhekene nezemfundo.
Uhlelo lwe-REALS SA lwenzelwe ukubhekana nenkinga yokhuvethe i-COVID-19 eyaholela ekulahlekeni kohlelo olujwayelike lokufunda ezikoleni futhi igxile ezikoleni ezinezingane ezihlwempu, ikakhulukazi kulezi zifundazwe: iKwaZulu Natali, Eastern Cape naseLimpopo.
USolwazi Labby Ramrathan weSikole Sezemfundo e-UKZN uhlele lo mcimbi ngokwemikhakha emine yohlelo lokungenelela lwe-REALS SA, okuyilawa alandelayo: Impendulo maqondana nezinselelo zokufunda ukufunda ngesikhathi se-COVID-19, uhlelo lwesikole olugxile ekwakheni ubuholi besikole obuzokwazi ukusebenza ngaphansi kwesikhathi esibucayi. Ukuhlolwa kohlelo oluncane lokufunda oluza nezimpendulo kwizinselelo zokwenza izivivinyo ngemva kwe-COVID-19, kanye nohlelo oluncane lokubuyiselwa kwekharikhulamu ekubhekaneni nokulahleka kokufunda ngesikhathi se-COVID-19.
UNkz Muriel Mafico we-UNICEF ukhulume kabanzi ngokuphazamiseka abafundi ababhekana nakho lapho kwakudingeka ukuba kube noshintsho oluncane kokujwayelekile ukuze kuqinisekiswe ukuqhubeka kwesilabhasi, nokubangele ushintsho olukhulu ohlelweni lokufunda. Kodwa-ke, njengengxenye yezinhlelo ezintsha, izinsiza zokufunda zasatshalaliswa ngemigudu yokuxhumana efana nezinhlelo ze-WhatsApp kanye nezinhlelo zikamabonakude, ngaleyo ndlela kwakwenziwa imizamo yokuba kufinyeleleke futhi kuhambisane nezimo zabo bonke abantwana.
UMafico uthe, ‘Ngesikhathi se-COVID-19, cishe izingane ezibalelwa ezi-650 000 zazingafundi, futhi leli kwakuyinani elikhulu kakhulu eliwadlula wonke emashumini amabili eminyaka futhi likuveza ngosobala ukuphazamiseka okukhulu okwenzeka ngaleso sikhathi.’
Njengengxenye yokuhlenga Isilabhasi, uMnu Thomas Tiedemann, oyiNhloko ye-EU ye-Section Governance and Social Sector, uthe kulindeleke ukuthi basebenzise izinsiza kanye nezinqubo eziphuthumayo ukuze bathenge ngokushesha futhi basabalalise izincwadi kubafundi abasuke bebhekene nalokhu kuphazamiseka kokufunda ezikoleni eziku-Quintile 1 kuya ku-3.
USolwazi Thabo Msibi, oyiDini kanye neNhloko yeSikole Sezemfundo e-UKZN uveze ukuthi ukuguquguquka okungekuhle kwemiphumela kaMatikuletsheni kukhombisa isidingo sokuthatha isinyathelo ngokushesha.
Ngakho-ke, uye wagxila ekuthuthukisweni kwemfundo, ikakhulukazi ukufundisa ngezilimi zase-Afrika egcizelela ukubaluleka kokufundisa izingane ngolimi eziluqondayo.
UMsibi uphinde waveza ukuthi isikole sakhe sibambe iqhaza ekuthuthukiseni ukufunda nokubhala, wathi izinhlelo ezahlukene futhi nezisematheni njengokusungulwa kwesikhungo sezilimi zase-Afrika esizosebenzela ukuthuthukisa othisha ukuze bathuthukise amakhono abo okufundisa, ikhophasi yesiZulu kanye namanye amaprojekthi azohambisana nohlelo lwezemfundo lweNyuvesi. Uphinde wengeza wathi ‘Kube nokukhulu okwenziwe ekwenzeni ngcono ukufunda nokubhala kanye nokuthuthukisa izilimi zase-Afrika ukuze sisetshenziselwe ukufunda kanye nokufundisa.’
Ukuqinisekisile ukuthi oNgoti beziLimi noNgoti bmfundo eyisisekelo bazosebenzisana ekwakheni iphrojekthi yokuxhumana nomphakathi ezogxila ekulekeleleni nasekuphenduleni inkinga yezemfundo.
Umbhalo: ngu-Sinoyolo Mahlasela
Izithombe: Albert Hirasen