Abafundela ubudokotela begqoke amasokisi anemibala egqamile ekhempasini ngalolu suku.Abafundela Ubudokotela Bagqoke “Amasokisi Anemibala Egqamile” Njengesikhumbuzo Sokunakekela Abanakekela Abanye eNingizimu Afrika
Click here for English version
Umphakathi wabafundi base-UKZN besikole sobuDokotela i-Nelson R. Mandela School of Medicine bagqoke amasokisi anemibala egqamile ekhempasini mhla zi-2 kuNhlangulana besebenzisa ihashtag ethi, #CrazySocks4Docs ukweseka umkhankaso waminyaka yonke wenhlangano Ithemba, eqwashisa ngezingqinamba zezempilo zengqondo ezibhekene nabasebenzi bezempilo eNingizimu Afrika.
‘Siphila emphakathini lapho abantu becabanga khona ukuthi odokotela abaguli noma ababhekani nezinkinga ezithinta ezempilo zomqondo,’ kusho uMongameli woMkhandlu Omele abafundi Abafundela Ubudokotela, uMnu Mmiselo Gibixhego.
UGibixhego uhlale egqugquzela abafundi ukuthi bakhulume ngezingqinamba ababhekana nazo ngesikhathi benza izifundo zabo. ‘Lolu suku lubalulekile ngoba lusikhumbuza ukuthi singazinakekeli nje sodwa njengodokotela kodwa futhi nabantu bomphakathi jikelele bakhombise uzwelo kodokotela kanye nabanye abasebenzi bezempilo,’ kusho yena.
Abafundela ubudokotela, abathe bayakujabulela ukugqoka amasokisi anemibala egqamile ekhempasini, banezingqinamba ezimbalwa ngaphezu kwababhekene nakho ngokwezifundo zabo zeMBChB.
Usuku luhlanganisa ubungani kanye nokukhuluma ngezinto eziyizingqinamba kanye nezinkinga zansuku zonke.
Umbhalo kanye nesithombe: Lunga Memela



