UDkt Eben van der Merwe (ongowesibili ngakwesobunxele) enomunye wabaphathi bakhe, uSolwazi David McQuoid-Mason (ongowesibili kwesokudla); indodakazi yakhe, uDkt Amy van der Merwe (ongowokuqala kwesobunxele); kanye nenkosikazi yakhe, u-Advocate May O’Gorman.Uhlelo Lokuzwa Amanzi Ngobhoko Lwabafundi Abaqeqeshelwa Umsebenzi Luzosiza Abathole Iziqu Zomthetho Ukuzithuthukisa Ekwazini Umsebenzi
Click here for English version
UDkt Eben van der Merwe oneziqu zobudokotela e-UKZN usesungule futhi waqala uhlelo lokuzwa amanzi ngobhoko (internship) olugxile kwezobulungiswa bezenhlalakahle kubafundi abenza iziqu zokuqala (undergraduate) zezomthetho (i-Clinical Law LLB) athi lungasebenza njengomhlahlandlela kwezinye izikole zoMthetho eNingizimu Afrika.
U-van der Merwe udwebe lolu hlelo ngesikhathi enza izifundo zakhe ze-PhD kwezeMfundo ePhakeme nazithweswe ngesikhathi semicimbi yokuthweswa iziqu ekwindla kulo nyaka.
Uthe iziqu zakhe zobudokotela zimenze wakwazi ukuhlola izindlela ezifanele zokufunda kanye nemibono yokufunda ukuze kuqalwe izindlela ezahlukene zokufundisa ngezomthetho. Imiphumela yocwaningo yaveza ukuthi uhlelo lokuqeqeshela abafundi umsebenzi lube nomthelela omkhulu emakhonweni nasolwazini lwasemsebenzini, kwabayingxenye yalo.
Umbhalo wocwaningo lwakhe lwe-PhD ubugxile kubafundi ebenza unyaka wokugcina we-LLB lapho befunda ngobulungiswa bezenhlalakahle ngohlelo lokuqeqeshelwa umsebenzi.
Umqulu wemigomo we-LLB waseNingizimu Afrika ubonisa ukuthi ukuqashwa ngemva kokuphothula iziqu zoMthetho kanye nokuthuthukisa ubuwena, amakhono nolwazi lomsebenzi ngezinye zezinhloso kanye nemiphumela yezemfundo zomthetho.
U-van der Merwe uthe: ‘Ngibheke phambili ekumeleni ukufunda okudidiyelwe emsebenzini ukuze kube yingxenye eyimpoqo yezifundo zezoMthetho kubafundi abenza iziqu zokuqala zezoMthetho (i-LLB), ukunika izinhlelo zeziqu zemastazi ezikhethekile ezihlinzeka ulwazi lokufunda olunzulu, lwemikhakha eyehlukene futhi oluza noshintsho kubafundi abenza iziqu ezilandela ezokuqala (i-honours). Uhlelo luhlose ukulekelela abafundi abenza iziqu zokuqala kanye nabenza iziqu ezilandela ezokuqala kwezomthetho ukuze babumbe ulwazi lomsebenzi oluzobahlahlela indlela ebheke kwikusasa emsebenzini wabo wezomthetho.’
Uqale ukuba nentshisekelo yokufundisa kanye nokugqugquzela ukuthuthuka ngezemfundo ekuqaleni kokusebenza kwakhe efundisa ezenhlalakahle kule nyuvesi ayayibizwa nge-University of Natal ngaleso sikhathi ngowe-1987, intshisekelo yakhe iqhubekile, ngokuvela kwamanye amathuba okufundisa esikoleni sezomthetho i-Law Society of South Africa’s Practical Legal Training School, kanye nokuqeqesha labo abathole iziqu zobumeli asebelungiselela ukubhaliswa njengabameli kusuka ngowe-1997 kuya kowezi-2010 kanye nasesiKoleni seZomthetho e-UKZN kusuka ngowezi-2008 kuya kowezi-2019.
Kusuka ngowe-1996, ubengummeli ozimele, eqhubeka nokuba ngummeli ophethe uhlelo lokunikezela ngosizo lwezomthetho eKolishi lezoMthetho eHoward yase-UKZN (olunika usizo lwezomthetho lwamahhala kubantu bomphakathi abaswele) kusuka kowezi-2008 kuya kowezi-2019. Kusuka ngowe-1996, bangama-42 asebephothule izifundo zabo zobumeli abaqeqeshelwa ukuba ngabameli ngokuphelele abebenezinkontileka zokusebenza naye, bonke abagcine sebeba ngabameli ababhaliswe ngokusemthethweni. ‘Zimbalwa izinto empilweni engizithola zingenelisa njengokubona umuntu omusha othweswe iziqu zobumeli ekhula futhi eqhakaza eba ngummeli ngaphansi kweso lami.’
U-van der Merwe uthe: ‘Ngizohlale ngibonga kubaphathi bami kanye nezingcweti zezemfundo uSolwazi Saras Reddy, uSolwazi Rubby Dunpath, kanye noSolwazi David McQuoid-Mason ongumholi wamazwe omhlaba ekufundisweni kwezomthetho okuhambisana nokwenza umsebenzi, (i-Clinical Legal Education).’
Umbhalo: yi-NdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe



