
Ingqungquthela Yomphakathi Wase-UKZN Yokucobelelana Ngolwazi nge-Autism
Click here for English version
Njengengxenye yomzamo we-UKZN wokusabalalisa ukuqwashisa nge-autism, ithimba leSikole seZemfundo okuhlanganyela Nomphakathi (i-School of Education’s Community Engagement), libambisane nenhlangano i-Action in Autism ukubamba ingqungquthela yokuxoxisana nomphakathi.
I-Action in Autism inhlangano engenzi nzuzo enika ulwazi, izinsiza, ukufundisa kanye nocwaningo nge-autism spectrum disorder (i-ASD) kulaba ebaphethe nalabo ababanakekelayo ukuze benze ngcono izinga lempilo.
Umholi wezeMfundo ekuXoxisaneni noMphakathi kanye nomhleli womcimbi, uSolwazi Angela James, ucacise ngokubaluleka kokuba khona kwalezi zinhlobo zemicimbi eNyuvesi, kanti uMnuz Prashant Parusnath we-Action in Autism uthe uyakwazi ukungaqondwa, isikhathi esiningi ekuthola kunzima ukuqonda ukuthi abanye bacabangani noma bazizwa kanjani, futhi ehlale ekhathazekile ngokuhlanganyela nabanye ezindaweni zokuhlanganyela nabanye.
U-Parusnath uchaze ngezimpawu ze-autism, egxile ezimeni ezibucayo zabanalesi sifo abanesidingo esikhulu sokwesekwa abadinga ukwelekelelwa ngakho konke abakwenzayo, kubalwa nokuzigqokisa kanye nokudla.
Ukhulume ngokuthi baphila kanjani abantu abanezidingo ezisezingeni eliphansi ezingafani nezabanezidingo ezisezingeni eliphezulu. ‘Abanakekela abantu abane-autism, ikakhulukazi abanezidingo ezisezingeni eliphezulu, badinga lonke ulwazi olufanele ukuze banakekele abanalesi sifo ukuze bakwazi ukuzimela,’ usho kanje.
Ngesikhathi salesi sigaba, uNkz Liza Aziz, uSihlalo we-Action in Autism, ucele abebeyingxenye ukuthi bazihlukanisa ngababili bese bexoxa besebenzisa ulimi lwezandla bechaza ukuthi umuntu udle ini ngesikhathi sesidlo sasekuseni ukuze babe nolwazi ngobunzima obubhekana nabantu abaphila ne-autism zinsuku zonke.
Uthe abantu abaphila ne-autism isikhathi esiningi abakhulumi noma basho kuphela amagama ambalwa. Labo abangaxoxi kwesinye isikhathi bazwakala ngendlela engajwayelekile, njengokukhuluma sengathi bayacula kanye nokuphinda phinda abakushoyo.
‘Ukuxoxa ngesikhathi kanye nomgqigqo kungaba nzima kumuntu ophila ne-autism ukuthi bakufunde noma bakusebenzise kanti kungenzeka bahlangabenzane nobunzima. Isibonelo, abanye bahlangabezana nobunzima ukusebenzisa izabizwana noma ukufunda imithetho yengxoxo.’ kusho u-Aziz, ogqamise ukuthi abantu abaphila ne-autism bakuthola kunzima ukuqonda amahlaya kanye nezingathekiso futhi bakuthole kunzima ukuxhumana ngendlela ezwakalayo noma eyamukelekayo.
Abantu abaphila ne-autism abajwayele ukukhombisa intshisekelo yobudlelwane bokuhlalisana nabanye. U-Aziz ucaphune omunye onalesi sifo, uMnuz John Elder Robertson, othe: ‘Ngangidlala ngedwa ngoba bengihluleka ukudlala nabanye. Bengingedwa ngenxa yemigoqo ebengizibekele yona kanti ukuba wedwa yiyonanto ebiletha ukudumala okunganambitheki empilweni yami yokuncane.’
Funda kabanzi ngomsebenzi we-Action in Autism ku: https://www.actioninautism.org.za
Ukubuka i-podcast yezinkulumo zenqunquthela, cindezela la
Umbhalo: nguSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe