Isifundiswa nesishoshovu, UDkt Princess Sibanda.Umfundi Wakudala Ukhulume KwiWebhina I-Africa is So Queer
Click here for English version
Umfundi wakudala, uDkt Princess Sibanda ubemenywe ukuthi akhulume kwiwebhina i-Afrika is So Queer ebihlelwe yi-Centre for Civil Society (i-CCS) eSikoleni Sezokwakha NezeNtuthuko.
USibanda, oneziqu zobudokotela zase-UKZN neMasitazi Ezifundweni ZeShashalazi noKuLingisa ayiphumelela ngamalengiso (i-summa cum laude), uyisifundiswa nesishoshovu esisebenza ngaphansi kukaSihlalo we-SARChI KweZifundo zoCansi, EzoBulili NoBulili Obufanayo e-Fort Hare University (i-SARChI Chair in Sexualities, Genders, and Queer Studies).
Inkulumo ibigxile ezindabeni zase-Afrika zomzabalazo, ikakhulukazi imibhalo ephendulayo noma eqophisanayo ethi i-Afrika ngeyabantu abathandana nabanobulili obufanayo, ngakho kwemukele!
USibanda uchaze ukuthi intshisekelo yakhe isekugqugquzeleni ubumbano phakathi kwabantu base-Afrika nokubuyisa ubumbano lwe-Afrika, kungakhathalekile ukuthi umuntu nabantu babuphi ubulili abathandana nabo, ubulili noma ukucabanga.
Uthi ukuba khona kwabantu abehlukile ngokobulili esikhathini samanje kuwubufakazi obanele bokukhombisa ukuthi kukhona abantu base-Afrika abathandana nabantu bobulili obufana nobabo, ukungazitshwa kwalo mlando kubalulekile.
Ebhekise emqondweni ovame ukufafazwa ngabanye abaholi bombusazwe abanombono wokuthi ukuthandana kwabantu bobulili obubodwa akuyona into yase-Afrika, uthe: ‘Abantu abathandana nabanobulili obufanayo kade kwabakhona futhi beyingxenye yombutho wobumbano lwe-Afrika isikhathi eside; ngaleyo ndlela, ukunaka kwami umlando walo mzabalazo noma labo abathi abantu abejwayele ukuphosa esivivaneni ngokwenele ngalesi sihloko emphakathini. Abantu abathanda nabanobulili obufanayo manje bathi “Ngikhona”, ukuphikisa okushiwo ngabaholi ababuza ukuthi umuntu ingabe ungumu-Afrika ngokwenele yini.'
USibanda ucele ubumbano phakathi kwabantu abathandana nobulili abafana nabo, zonke izinhlobo, phecelezi umphakathi wama- LGBTQIA+, wabalula isidingo sokulwa nokucwasa.
Umbhalo: uSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe



