Umfundi wakudala wase-UKZN Alumnus uMnu Linda Sikhakhane.Owaye ngumfundi wase-UKZN uqokwe Kuma-2023 Metro FM Music Award
Click here for English version
Usaziwayo womculi we-jazz nowayengumfundi wase-UKZN uMnuz Linda Sikhakhane uqokwe kuma-Metro FM Music Award ngecwecwe lakhe ethi Isambulo emkhakheni we-Best Jazz Album.
Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe, uSikhakhane uthe, iciko lidala ngenhloso izigaba zokweneliseka ezandulela isikhathi sokukhishwa komsebenzi lapho usuwaziwa khona emphakathini. Isikhathi esinjena sivula isikhala esikhulu sokubonga; ukuqonda nje ukuthi kunomphakathi onake uhambo lomuntu. Ama-Metro FM Awards ayahlonishwa kanti lokhu kuqokwa kukhulisa umsebenzi; kuyinto enkulu ukumela umphakathi wonke.'
Isambulo saqoshwa ngesikhathi uSikhakhane enamasonto ayisithupha e-Birds Eye Jazz Club eBasel, esebenza namaciko aseYurophu nase-Afrika. Lelicwecwe ligxile kwezomoya zesiZulu, kwiqhaza lomculo emicimbini yesintu nefa lokhokho ngokomuntu nangokomculo.
USikhakhane, odabuka eMlazi, waqala umculo ngonyaka we-1998 eneminyaka eyisithupha eClairwood Boys Primary School. Wazi ngobuciko be-jazz ngonyaka wezi-2003 ngenkathi eba yilungu leSiyakhula Musical Centre kanti ngemva kwalokho wacijwa wumdlali wecilongo odume umhlaba wonke uDkt Brian Thusi. Une-Diploma in Jazz and Popular Music yase-UKZN.
Umphathi wezamabhizinisi kwiMetro FM uNks Kina Nhlengethwa uthe, 'Siyabahalalisela bonke abaqokiwe, njengoba lokhu kusho ukuthi ukusebenza kwabo kanzima namagalelo abo kulo mkhakha kuyabonakala.’
Umbhalo: u-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



