Abafundi bakudala base-UKZN kanye nesimenywa esiqavile, uSolwazi Komala Pillay.Kuhlangane Abafundi Bakudala eKapa
Click here for the English version
IHhovisi Labafundi Bakudala lase-UKZN belihlele umbuthano wabafundi bakudala eKapa ngoLwesihlanu, mhla wama-24, nangoMgqibelo, mhla wama-25. Lo micimbi ubimqoka kakhulu ngenxa yokuthi bekungokokuqala ubaseKapa ngemva kwesikhathi eside ungenzeki ngenxa yemithetho ye-COVID-19.
Umcimbi wokuqala bekungowetiye lantambama e-The Table Bay Hotel e-Waterfront kanti ubuhlelwe yithimba LeHhovisi Labafundi Bakudala oDkt Qiniso Mlita (uMengameli noSihlalo we-Convocation) noNksz Normah Zondo (uMqondisi Omkhulu: WoPhiko LwezokuXhumana). Izimenywa zithole ithuba lokwazana nokwazi abasebenzi base-UKZN abebekhona.
Umcimbi wesibili, ube yisidlo sakusihlwa obugcwele e-Cellars-Hohenort Hotel, lapho abafundi bakudala, abaxhasi nabangani be-UKZN bethole ithuba lokuvuselela ubungani nokuhlangana nabafundi bakudala nokwazisana ngezinto ezenzeka esikhungweni sabo sakudala. Kubenongxoxo enohlonze yomfundi wakudala uSihlalo we-Wernher and Beit neNhloko Yezifo eNyuvesi yaseCape Town, uSolwazi Komala Pillay. Isihloko senkulumo yakhe besithi: Give the path less travelled a chance - it may turn out to be magical, kanti sithinte uhambo ngomsebenzi nempilo yakhe, sadla ngomyalezo omuhle nokhuthazayo.
UMlita ubalule izinto ezisanda kwenzeka e-UKZN nenjongo Yekomiti Elikhulu le-Convocation wase ekhuthaza izimenywa ukuba beseke iNyuvesi nganoma iyiphi indlela abangakwazi ngayo. UZondo uchaze kabanzi ngezinto ezenzeka e-UKZN, wase ethula izikhulumi.
Izimenywa zigoduke ziqiqinge amaphakethe anemininingwane ngamaphephabhuku amasha aseNyuvesi nezipho zezimenywa.
Umbhalo: wu-Finn Christensen
Izithombe: nguNomcebo Msweli no-Calvin Govender



