Izimenywa eSifundweni SesiKhumbuzo sikaSolwazi Steve de Gruchy.I-UKZN Ibiyenze Isifundo Sesikhumbuzo ngoSolwazi Steve de Gruchy
Click here for the English version
Isikole SezeNkolo, iFilosophi Nezakudala (School of Religion, Philosophy and Classics - SRPC), ngokubambisana ne-Cluster of Theological Institutions ne-United Congregational Church of Southern Africa (i-UCCSA) bebenze Isifundo Sesikhumbuzo NgoSolwazi Steve de Gruchy saminyaka yonke esikhumbula lo msebenzi ongasekho wase-UKZN.
U-De Gruchy kwakungesinye sezifundiswa ezivelele zase-UKZN nesifundiswa sezenkolo esihlonishwa emhlabeni jikelele. Wasungula i-Theology and Development Programme e-UKZN futhi waba yiNhloko yeSRPC. Ukuzinikela kuka-de Grunchy ezindabeni zobulungiswa nenkululeko kwahlaluka kwiqhaza lakhe kwi-Students’ Union for Christian Action nokuphikisa umbuso wobandlululo ngeminyaka yawo-1980. Wayewumfundisi oluse intsha e-Rondebosch Congregational Church nomfundisi ogcotshiwe wase-Athlone UCCSA.
USolwazi Simangaliso Kumalo, iNhloko eyiBamba e-SRPC, yemukele izimenywa kulo mcimbi, wabalula ukuthi inkolo yase-UCCSA yethulwa ngu-de Gruchy eSikoleni Sezenkolo, wathi igama lakhe liyohlala likhunjulwa.
‘Waba negalelo elikhulu emphakathini ngokukhuthala kwakhe nomsebenzi wakhe wokuzikhandla. U-Steve de Gruchy owahlela ukusayinwa kwesivumelwano sokusebenzisana ne-UCCSA ukusungula i-UCCSA House of Studies ekhempasini yaseMgungundlovu elekelela abafundi base-UCCSA ukuthi bakwazi ukufunda e-UKZN. Wabuye wavulela izifundiswa zase-UCCSA iminyango yokuthi ziphakanyiswe yibandla ukuthi zibengabacwaningi nothisha eNyuvesi, zibe zikhokhelwe yibandla ngokugcwele,’ kwengeza yena.
Isifundo sethulwe nguSolwazi u-Edgardo Colón-Emeric, iNhloko yase-Duke Divinity School, i-Irene and William McCutchen Professor of Reconciliation and Theology, noMqondisi we-Centre for Reconciliation. ‘U-De Gruchy wayekholelwa kumabandla ahlangene futhi ebhala ngomsebenzi ka-Joseph Wing, odume ngokuthi uMr Unity. Wayegcizelela ubunye, izinhlangano zamabandla ahlangene nokungabandlululi ngokwebala ayekholwa wukuthi wumsebenzi kaNkulunkulu,’ kusho yena.
U-Colón-Emeric ugxile kwisidingo sabantu abakholwayo sokusebenza ngokubambisana ukusebenzela inkululeko yabantu abacindezelwe emphakathini. Ucaphune emsebenzini, impilo nokuzidela kuka-Oscar Romero, uMbhishobhi oMkhulu wase-San Salvador owayelwela ubulungiswa babantu abacindezelwe, wabalula isidingo sokuthi imfundo yezenkolo kufanele igxile osikweni lomoya wamabandla ahlangene abuka izinto ngeso lokushintsha izinto ukuze kukhiqizwe abaholi besonto abazosebenzela abantu abahlwempu nabacindezelwe. Wengeze ngokuthi nakuba injongo yombutho kungubunye kodwa akuvamile ukuthi lena kubeyinjongo yeBandla. Kudingeka ushintsho ukuze injongo yeBandla emhlabeni igcwaliseke.
Libonga wonke umuntu obebambe iqhaza kulo mcimbi, iPhini LeSekela Shansela neNhloko yeKolishi Lezesintu uSolwazi Nhlanhla Mkhize uthe: ‘Siyabonga ngokuhlela isifundo sikaSolwazi de Gruchy futhi siyaziqhenya ngegama lakhe.’
ISifundo Sesikhumbuzo sikaSolwazi Steve de Gruchy singabukwa lapha.
Umbhalo: nguSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe



