USolwazi u-Damtew Teferra, uMhleli Omkhulu ongumsunguli we-International Journal of African Higher Education (IJAHE).I-International Journal of African Higher Education Ihlonishwe Kwi-Scopus
Click here for the English version
I-International Journal of African Higher Education (IJAHE), eyasungulwa nguSolwazi WeMfundo Ephakeme ESikoleni u-Damtew Teferra uklonyeliswe yi-Scopus, inqolobane enkulukazi yocwaningo nokucaphuna amaphepha ocwaningo abuyekezwe ngabanye abacwaningi (amaphepha ocwaningo, izincwadi namaphepha ezingqungquthela).
I-IJAHE, eyibhuku locwaningo lemikhakha ehlukene, ishicilela izindaba, ama-eseyi nemibuyekezo yezindaba eziyindathane ngezemfundo ephakeme e-Afrika. Leli bhuku locwaningo aligcini ngokushicilela ulwazi lwezincwadi nokusebenza kwezemfundo ephakeme e-Afrika kwezifundiswa ezihlukene emhlabeni kepha futhi lukhuthaza abantu abasebenza emkhakheni wemfundo ephakeme ezwekazini ukuthi baphose esivivaneni nokuthi babelane ngolwazi namava abo.
‘Yisibalo esincane samabhuku ocwaningo ase-Afrika esifakwa ohlweni lwe-Scopus. Kuthi cosololo enhliziyweni, ngokomsebenzi nangokomuntu ukuthi wukuphela kwebhuku locwaningo lwase-Afrika nge-Afrika oluhlonishwa ngaleyo ndlela nebhuku locwaningo lesibili e-UKZN elinalokho kuhlonishwa. Kuthathe iminyaka eyishumi yomsebenzi onzima nesikhathi esiningi namandla amaningi ukuhlonishwa ngale ndlela selokhu kwasungulwa leli bhuku locwaningo ngowezi-2014,’ kusho u-Teferra.
USolwazi Sandile Songca, iPhini leSekela Shansela: LokuFundisa nokuFunda e-UKZN uthe: ‘Halala kwi-IJAHE. Wumklomelo omkhulu lona e-UKZN, eKolishi lezesintu nomkhakha weMfundo ePhakeme. Njengoba lo mkhakha ubhekene nobunzima ngalesi sikhathi emhlabeni, okwedlulele e-Afrika, ukuhlonishwa ngale ndlela kuzohamba ibanga elide ekugxiliseni izinjongo zokuthuthukisa ezemfundo ephakeme, ikakhulukazi ukulingana, i-African Union ekubalule njengensika yezidingo-ngqangi zentuthuko.’
IPhini Sekela Shansela neNhloko YeKolishi leZesintu uSolwazi Nhlanhla Mkhize wengeze ngokuthi, ‘Wumsebenzi omangalisayo kakhulu lona kanti siyaziqhenya ukuthi leli bhuku locwaningo lihlangene nesikhungo sethu.’
I-IJAHE, eshicilelwa ngokubambisana nabalingani abaningi okukhona kubona i-Association of African Universities, isike yaxhaswa yi-Carnegie Corporation yase-New York, i-Center for International Higher Education nemitampo yolwazi yase-Boston College.
U-Teferra ungumgqugquzeli nomsunguli we-Higher Education Forum for Africa, Asia and Latin America (i-HEFAALA). Ungusihlalo woMkhandlu WezeMfundo woMnyango WezeMfundo waseTopiya nomdidiyeli we-Continental Education Strategy for Africa (CESA 2016-25) Higher Education Cluster ye-African Union ehlelwa yi-Association of African Universities. Useke washicilela amaphepha ocwaningo abuyekezwe ngabalingani bakhe evile ekhulwini, izahluko zezincwadi neminye imibhalo nezincwadi eziyimibono-mibhalo nezincwadi eziyishumi, okukhona kuzona i-African Higher Education: An International Reference Handbook (yase-Indiana University Press, 2003) ne-Funding Higher Education in Sub-Saharan Africa (Palgrave MacMillan, 2013).
Umbhalo: wu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe



