
Oqeqeshelwa Ubudokotela Emkhakheni Wokutuba Imizwa Ukudambisa Izinhlungu e-UKZN Uthole Umklomelo Wezokuxhumana
Click here for English version
UDkt Elethu Gwala woMnyango woKutuba Imizwa Ukudambisa izinhlungu e-UKZN, iDepartment of Anaesthetics uthole umklomelo wezokuXhumana wabaQeqeshelwa ubuDokotela kulo mkhakha, iSouth African Society of Anaesthesiology (SASA) Registrar Communication Prize kwingqungquthela yeSASA ebiseBloemfontein.
‘Kungithinte kakhulu futhi kuyathobisa ukukhunjulwa yinhlangano ehlonishwa njengale. Ukunqoba lo mklomelo kuyangigqugquzela ukuthi ngiqhubeke nokuphokophelela okusezingeni eliphezulu emsebenzini wami futhi ngilekelele labo abalandelayo noma labo abafisa ukungena kulo mkhakha we-Anaesthesiology,’ kusho uGwala.
Umklomelo wakwaSASA wezokuXhumana wabasoHlelweni lokuQeqeshelwa ubuDokotela uklonyeliswa oqeqeshelwa ubudokotela kulo mkhakha wokutuba izinzwa edambisa izinhlungu i-Anaesthesiology futhi okhombise ikhono elingajwayelekile lezokuxhumana emkhakheni we-anaesthesiology. Ezokuxhumana eziphumelelayo ziyingxenye ebalulekile emkhakheni wokunakekelwa kwempilo, kanti lo mklomelo ukhumbula abaqeqeshelwa ubudokotela kulo mkhakha abakhombisa ikhono elimangalisayo kwezokuxhumana kanye nokufundisa phambi kwezithameli ezingamalungu eSASA esifundweni esithinta umkhakha we-anaesthesia.
UGwala uzwakalise ukubonga kwakhe kubaphathi bakhe, uSolwazi Dean Gopalan kanye noDkt Arshad Sader. U-Gopalan usanda kunqoba umklomelo iDouw Greef emunxeni weBest Review Publication kwi-SAJAA ngowezi-2022.
‘Ngesikhathi ngisebenza kanzima futhi nginethemba lemiphumela emihle, ukunqoba kungimangazile. Baningi abanye abaqeqeshelwa ubudokotela kulo mkhakha abebeqhudelana kulo mklomelo,’ kusho uGwala.
Ingqungqutheka yaminyaka yonke yakwaSASA ihlanganisa abasemkhakheni wokutuba izinzwa ukudambisa izinhlungu ama-anaesthesiologists, abacwaningi, abafundisi kanye nongcweti bokunakekelwa kwempilo abaqhamuka kulo lonke izwe kanye nasemhlabeni jikelele. Linika ithuba inkundla kwabahlanganyele ndawonye ukwabelana ngolwazi, ukwabelana ngemibono, kanye nokudingida ezakamuva emkhakheni we-anaesthesiology.
‘Kuwumcimbi ojabulisayo futhi oyigugu kuwo wonke umuntu osebenza emkhakheni wokutuba izinzwa ukudambisa izinhlungu, i-anaesthesiology, futhi ngiyawuncoma kakhulu kunoma ngubani onentshisekelo kulo mkhakha,’ kuphawula uGwala.
UGwala (33) udabuka edolobheni elincane laseWalkerville eNingizimu yeGoli. Eseyingane, wayephupha ngokwenza izifundo zokwelapha kanti uhambo lwakhe lwaqala eNyuvesi yaseStellenbosch lapho ephothule khona izifundo zeMBChB ngowezi-2015.
‘Uthando lwami lomkhakha we-Anaesthesiology lwatshaleka ngesikhathi ngiyoqeqeshelwa umsebenzi esibhedlela ePrince Mshiyeni Memorial. Ngaphothula iziqu zami se-Diploma kwi-Anaesthesiology njengodokotela eMgungundlovu ngabe sengingena ohlelweni lwabaqeqeshelwa ubudokotela e-UKZN kanti manje sekungunyaka wesithathu ngiqeqeshwa,’ kulandisa uGwala.
Uthe ukuqala uhambo lokuba ngungcweti akukaze kube ngaye kuphela, kodwa indawo ebalulekile ayimele - yokuba isibonelo, umuntu onika ugqozi kanye nomeluleki.
‘Inhloso yami ukuvula indlela yokwenza okwehlukile kanye nokusabalalisa ulwazi. Kunoma yisiphi isikhundla engikuso, ngizoqhubeka nokufaka ugqozi lwami lokufunda kwabanye.’
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe